Ukubuka Okwezwe
Ucwaningo olwenziwe endwangwini okwakusulwe ngayo izinkinobho zemishini yokukhipha imali [ATM] enkabeni yedolobha laseNgilandi lwembule ukuthi igcwele amagciwane ayingozi ngendlela efanayo nezihlalo zasezindlini zangasese zomphakathi.—I-TELEGRAPH, EBRITHANI.
“Ngezinye izikhathi, ukuzamazama komhlaba kwenzeka bengakulindele ososayensi [njengalokho okwenzeke eNew Zealand kulo nyaka nokwaseHaiti nyakenye] ngoba kwenzeka ezindaweni okwakungatholakalanga ukuthi zisengozini yokuzamazama. Lokho kuphakamisa umbuzo okhathazayo: Kungaki ukuzamazama komhlaba okukhulu kungenzeka ezindaweni ezingasolisi kangako noma okungalindelekile ukuthi zingaba nokuzamazama?”—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.
‘Izakhamuzi ezine ezicebe kunazo zonke emhlabeni—zicebe kakhulu kunamazwe angu-57 ampofu kakhulu emhlabeni.’—I-FOREIGN POLICY,January/February 2011, E-U.S.A.
Abanikazi bamabhizinisi asePoland angamaphesenti angu-90 babika ukuthi baye bantshontshelwa noma baphanjwa izisebenzi zabo eminyakeni emibili edlule.—I-GAZETA PRACA, EPOLAND.
Isonto lamaKatolika eBrazil manje selibahlawulisa amaRandi angu-2 000 abashadayo uma bengasigcinanga isikhathi. Imibhangqwana kufanele ibhale isheke ngaphambi kosuku lomshado futhi lelo sheke libuyiselwa kuwo kuphela uma usigcinile isikhathi.—I-G1, EBRAZIL.
UPapa Ngeke Esanikela Ngezitho Zomzimba
Ngesikhathi uJoseph Ratzinger esenguKhadinali weSonto LamaRoma Katolika, wayezimisele ukunikela ngezitho zomzimba, kusho iphephandaba lase-Italy i-Repubblica. Kodwa, kusukela agcotshwa waba ngupapa, uBenedict XVI akasazimisele ukwenza kanjalo. Kungani? Umbhishobhi omkhulu oyilungu lesigungu sabaholi beVatican uyachaza, “Umzimba kaPapa ungowalo lonke iSonto. Ngakho kunengqondo ukuthi lapho upapa efa umzimba wakhe ugcinwe unjengoba unjalo, ngoba kungenzeka uhlonishwe esikhathini esizayo.”
Ungadayisa Yini Ngokuphila Ukuze Uthole Imali?
Ingabe abantu bangavuma ukudayisa unyaka wonke wokuphila kwabo ukuze bathole izigidi zamaRandi? EJalimane amadoda angaphezu kweyodwa kwamane nabesifazane abangaphezu koyedwa kwabayisithupha bathi bangakwenza lokho, kusho inhlolo-vo eyenziwa isikhungo esithile sezibalo okuthiwa i-Emnid, siyenzela i-Reader’s Digest Deutschland. Kubonakala sengathi abasebasha yibona abathambekele kakhulu ekwamukeleni isivumelwano esinjalo—amaphesenti angu-29 entsha eneminyaka ephakathi kwengu-14 kuya ku-29 namaphesenti angu-25 abaphakathi kweminyaka engu-30 kuya ku-39. Nokho, abantu abadala bona bakubheka njengokuyigugu kakhudlwana ukuphila. Amaphesenti angu-13 kuphela abantu abaphakathi kweminyaka engu-50 kuya ku-59 futhi amaphesenti angu-11 kuphela alabo abaneminyaka engaphezu kuka-60 abathi bangadayisa unyaka owodwa wokuphila kwabo.