Ukubukeza Komkhaya
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Funda uGenesise 24:1-4, 10-23. Iziphi izinto ezintathu ezinganembile kulesi sithombe? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi bese uqedela isithombe ngokusifaka imibala.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Iziphi izimfanelo ezibalulekile uRebheka azibonisa?
UMKHONDO: Funda IzAga 31:17, 27, 29-31; 1 Petru 4:9.
Ungamlingisa kanjani uRebheka?
UMKHONDO: Funda IzAga 11:25; Roma 12:11.
OKUNGENZIWA UMKHAYA:
Bhala igama lomuntu oyedwa ongathanda ukumsiza. Yibe sewenza uhlu lwalokho ongakwenza ukuze umsize. Libonise abomkhaya lelo phepha. Nqumani njengomkhaya ukuthi yini enizoyenzela lowo muntu nokuthi nizoyenza nini. Ngemva kokuba senimsizile lowo muntu, hlanganani futhi nixoxe ngokuthi enikwenzile kunenza nizizwe kanjani.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 13 UJOBE
IMIBUZO
A. UJobe wayenamadodana angu ․․․․․ kanye namadodakazi angu ․․․․․.
B. Yini uSathane ayephuca uJobe?
C. Qedela la mazwi kaJobe: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami . . .”
[Ishadi]
4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.
Ukudalwa kuka-Adamu Waphila cishe Kwalotshwa incwadi
ngawo-1600 B.C.E. yokugcina yeBhayibheli.
[Ibalazwe]
Wayehlala e-Uzi
IZWE LESITHEMBISO
IGIBHITHE
E-UZI?
UJOBE
UMLANDO WAKHE
Umuntu “ongasoleki futhi oqotho” emehlweni kaNkulunkulu. (Jobe 1:8) Yize umkakhe nabanye bamcindezela, uJobe akazange ayeke ukukhonza uNkulunkulu. (Jobe 1:20-22; 2:9, 10) Ukuphikelela kwakhe nomphumela ojabulisayo awuthola kusinika isibindi sokukhuthazelela izilingo ngokwethembeka.—Jobe 42:12-17; Jakobe 5:11.
IZIMPENDULO
B. Imfuyo yakhe, izinceku, abantwana nempilo enhle.—Jobe 1:13-19; 2:4-7.
C. “. . . ngize ngiphangalale!”—Jobe 27:5.
Abantu Namazwe
4. Igama lami nginguLukas. Ngineminyaka engu-7, ngihlala eJalimane. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eJalimane? Ingabe bangu-60 000, 100 000 noma 160 000?
5. Yiliphi ichashazi elibonisa lapho ngihlala khona? Likokelezele, bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi ukude kangakanani neJalimane.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Ukuze uzitholele amakhophi engeziwe esithi “Ukubukeza Komkhaya,” yiya engosini ethi www.pr2711.com
● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 27
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. Kufanele kube namakamela ayishumi hhayi angu-11.
2. URebheka wagcwalisa umkhombe wokuphuzela, hhayi imigqomo emithathu.
3. Inceku yanika uRebheka indandatho yegolide yasekhaleni nobusenga obubili basezandleni hhayi umgexo wasentanyeni.
4. 160 000.
5. C.