Usukhona Kwezokuxhumana!
● Cabanga ngalo mfanekiso. Abantu babethi uSam ungumva-kwezinye. Kwase kuphele iminyaka enqaba ukusebenzisa ubuchwepheshe bamuva njengendlela yokuxhumana nomkhaya nabangane. Bonke abantu, ngisho nezingane zakhe babethi bayafuna ukusebenzisa lezi zinto. Encokola nendodakazi yakhe eneminyaka engu-16, uSam wathi, “Yeka lezo zinsuku zakudala lapho abantu babekhuluma bebhekene ubuso nobuso!”
USam wabe esecabanga kabusha ngesinqumo sakhe. Wacabanga ngabantu okwase kuyiminyaka agcina ukubabona noma ukukhuluma nabo. Wacabanga ngabomndeni okwakubonakala bematasa kangangokuba wayezizwa eseqhelelene nabo. Wacabanga, ‘Uma ngifuna ukuhlala ngixhumana nabo bonke laba bantu, kufanele ngiqale ukusebenzisa indlela entsha.’ Kwakumaphakathi nekhulu lama-20 emaphandleni ase-United States. Ekugcineni uSam, ongumva-kwezinye, wayesecabanga ukuthola ucingo.
Ake siwuthathe lo mfanekiso siwulethe onyakeni ka-2012. Umzukulu kaSam, uNathan uqeda ukukhuluma noRoberto no-Angela ocingweni, abangane bakhe abakhulu abathuthela endaweni ekude. ‘Sekuyiminyaka eyishumi bahamba!’ kusho uNathan, emangazwe indlela isikhathi esisheshe ngayo.
Eminyakeni edlule, uNathan ubelokhu enelisekile ngokudamane ethintana ngocingo namalungu omkhaya kanye nabangane asebehlala kwezinye izindawo. Nokho, manje kubonakala sengathi bonke abantu—ngisho nezingane zakhe—basebenzisa izingosi zokuxhumana.
Abantu babiza uNathan ngomva-kwezinye ngoba uyenqaba ukuhambisana nobuchwepheshe bamuva obuthandwayo. Uthi, “Ngiyazikhumbula izinsuku lapho wawukwazi ukukhuluma ocingweni futhi uzwe izwi lomuntu.” Kodwa manje uNathan useqala ukucabanga kabusha. ‘Uma ngifuna ukuhlala ngixhumana nabo bonke laba bantu, kungase kudingeke ngiqale ukusebenzisa indlela entsha.’
Wake wazizwa yini njengoNathan? Ngokwemvelo, abantu bayathanda ukuxhumana nabanye. (Genesise 2:18; IzAga 17:17) Njengoba bebaningi kangaka abaxhumana nabanye ngokusebenzisa izingosi zokuxhumana, yini okufanele uyazi ngalobu buchwepheshe?