UNathani—Umlweli Oqotho Wokukhulekela Okuhlanzekile
Akulula ukubonisa umuntu osesikhundleni esiphakeme ukuthi izindlela zakhe zonakele nokuthi kudingeka ashintshe. Ubungamqonda yini umuntu onjalo ukhulume naye uma bewazi ukuthi ubulale othile ukuze agweme ukuhlazeka?
UDavide inkosi yakwa-Israyeli wasendulo wayephinge noBhati-sheba owabe esekhulelwa. Ukuze afihle isono sabo, wabulalisa umyeni wakhe wabe esemthatha ukuba abe umkakhe. Kwadlula izinyanga uDavide ephila ukuphila okumbaxambili, ngokungabazeki eqhubeka nemisebenzi yakhe njengenkosi. Kodwa uJehova akazange azithalalise izono zale nkosi. Wathuma umprofethi wakhe uNathani ukuba ayokhuluma noDavide.
Lesi kwakuyisabelo esinzima. Zicabange unguNathani. Akungabazeki ukuthi ukuba qotho kwakhe kuJehova nokunamathela ngokuqinile ezindinganisweni zaKhe kwamshukumisela ukuba akhumbuze uDavide ngezono zakhe. Lo mprofethi wayezokwenza kanjani lokhu futhi enze iNkosi uDavide ibone ukuthi kwakudingeka iphenduke?
UMFUNDISI ONESU LOKUNGACUNULI
Kungaba njani uzinike imizuzu embalwa ufunde eyesi-2 Samuweli 12:1-25? Zicabange unguNathani njengoba elandisa uDavide le ndaba: “Kwakukhona abantu ababili ababesemzini owodwa, omunye ecebile omunye enokuncane. Lona oyisicebi wayenezimvu nezinkomo eziningi kakhulu; kodwa lona onokuncane wayengenalutho ngaphandle kwewundlu elilodwa lensikazi, elincane, ayelithengile. Wayelilonda, futhi lalikhulela kuye kanye namadodana akhe, ndawonye. Lalidla ucezwana lwakhe, liphuza endebeni yakhe, lilala esifubeni sakhe, laba njengendodakazi kuye. Ngemva kwesikhashana umuntu ocebile wafikelwa yisihambi, kodwa akangathatha ezimvwini nasezinkomeni zakhe ukuze alungisele isihambi esasifike kuye. Ngakho wathatha leliya wundlu lensikazi lomuntu onokuncane walungisela umuntu owayefike kuye.”—2 Sam. 12:1-4.
Kubonakala sengathi uDavide—naye owake waba umalusi—wacabanga ukuthi lokhu kwakwenzeke ngempela. Omunye umhlaziyi usikisela lokhu, “Mhlawumbe, uNathani wayejwayele ukuya kuDavide eyokhulumela abantu abalinyaziwe ababengakwazanga ukuthola isinxephezelo ngenye indlela, futhi uDavide wacabanga ukuthi kwabe sekusemahlombe akhe ukusiza.” Ngisho noma kwakunjalo, kwakudinga ukuba qotho kuNkulunkulu nesibindi ukuze uNathani akhulume nenkosi ngendlela enza ngayo. Indaba kaNathani yenza uDavide wathukuthela wagan’ unwabu. Wababaza: “Kuphila kukaJehova, umuntu owenza lokhu ufanelwe ngukufa!” UNathani wabe esesho la mazwi ahlaba ephukela: “Nguwe lowo muntu!”—2 Sam. 12:5-7.
Cabanga ngesizathu esenza uNathani asingathe le nkinga ngendlela enza ngayo. Akulula ngomuntu ohileleke ngokomzwelo nothile ukuba abheke isimo sakhe ngomqondo ovulekile. Sonke sithambekele ekwenzeni izaba sizama ukuzithethelela uma izenzo zethu zingatshazwa. Kodwa umfanekiso kaNathani washukumisela uDavide ukuba alahle izenzo zakhe siqu engazi. Le nkosi yabona ngokucacile ukuthi isenzo esasichazwe uNathani sasinyantisa. Nokho, uNathani akazange akwembule ukuthi lo mfanekiso usebenza kuyo kwaze kwaba ngemva kokuba isisilahlile leso senzo. Kwaba yima uDavide ebubona ubukhulu besono sakhe. Lokhu kwalungisa isimo sakhe sengqondo ukuze amukele ukusolwa. Wavuma ukuthi ngempela ‘wayemdelele’ uJehova ngesono sakhe noBhati-sheba, futhi wakwamukela lokho kusolwa okwakumfanele.—2 Sam. 12:9-14; IHu. 51, umbhalo ongenhla.
Singafundani kulokhu? Umgomo womfundisi weBhayibheli uwukusiza abamlalele ukuba bafinyelele esiphethweni esifanele. UNathani wayemhlonipha uDavide, yingakho asebenzisa isu lokungacunuli lapho ekhuluma naye. UNathani wayazi ukuthi enhliziyweni yakhe uDavide wayekuthanda ukulunga nobulungisa. Ngalo mfanekiso, umprofethi washukumisa lezi zimfanelo zokwesaba uNkulunkulu kuDavide. Nathi singasiza abantu abaqotho ukuba baqonde umbono kaJehova. Kanjani? Ngokushukumisa umuzwa wabo wokulungile, ngaphandle kokuzenza abangcono ngokokuziphatha noma ngokomoya. IBhayibheli, hhayi umbono wethu, eliyigunya lethu mayelana nokuthi ikuphi okulungile nokungalungile.
Ngaphezu kwakho konke okunye, ukuba qotho kuNkulunkulu okwenza uNathani akwazi ukusola inkosi enamandla. (2 Sam. 12:1) Ubuqotho obufana nalobu obuyosinika isibindi sokuzimelela ngokuqinile izimiso zikaJehova zokulunga.
UMGQUGQUZELI WOKUKHULEKELA OKUHLANZEKILE
Kubonakala sengathi uDavide noNathani babengabangane abakhulu, ngoba uDavide waqamba enye yamadodana akhe ngokuthi uNathani. (1 IziKr. 3:1, 5) Siqala ukuzwa ngaye eBhayibhelini ekanye noDavide. Bobabili babemthanda uJehova. Kusobala ukuthi le nkosi yayiwethemba umbono kaNathani, ngoba yasitshela lo mprofethi isifiso sayo sokwakhela uJehova ithempeli. UDavide wathi: “‘Bheka, manje, mina ngihlala endlini yemisedari kuyilapho umphongolo kaNkulunkulu weqiniso wona uhlala phakathi kwezindwangu zamatende.’ UNathani wathi enkosini: ‘Konke okusenhliziyweni yakho—hamba ukwenze, ngoba uJehova unawe.’”—2 Sam. 7:2, 3.
Njengomkhulekeli othembekile kaJehova, uNathani walisekela ngesasasa icebo likaDavide lokwakha isikhungo sokukhulekela sokuqala emhlabeni esingelona itende. Nokho, kubonakala sengathi kuleso senzakalo uNathani wayeveza imizwa yakhe, hhayi ekaJehova. Ngalobo busuku, uNkulunkulu wayala lo mprofethi wakhe ukuba ayise isigijimi esihlukile enkosini: Kwakungeke kube uDavide ozokwakhela uJehova ithempeli. Lalizokwakhiwa enye yamadodana akhe. Nokho, uNathani watshela uDavide ukuthi uNkulunkulu wayenza isivumelwano naye sokuthi isihlalo sakhe sobukhosi ‘sasiyoma siqine kuze kube nini nanini.’—2 Sam. 7:4-16.
Intando kaNkulunkulu yayingahambisani nombono kaNathani ngokuphathelene nokwakhiwa kwethempeli. Nokho, lo mprofethi othobekile wazithoba enjongweni kaJehova futhi wabambisana nayo ngaphandle kokububula. Yeka isibonelo esihle okufanele sisilingise uma kwenzeka uNkulunkulu esilungisa ngandlela-thile! Imisebenzi uNathani ayenza kamuva njengomprofethi ibonisa ukuthi akazange alahlekelwe umusa kaNkulunkulu. Eqinisweni, kubonakala sengathi uJehova waphefumulela uNathani noGadi umboni ukuba baqondise uDavide ekuhleleni abahlabeleli abangu-4 000 ababezokhonza ethempelini.—1 IziKr. 23:1-5; 2 IziKr. 29:25.
UMVIKELI WELUNGELO LOBUKHOSI
UNathani wayazi ukuthi nguSolomoni owayezolandela uDavide owayesekhulile esikhundleni. Ngakho, wathatha isinyathelo ngokushesha ngesikhathi u-Adoniya egabadela isihlalo sobukhosi lapho uDavide esezokufa. UNathani waphinde wabonisa ukuba qotho nokuba nesu lokungacunuli. Waqale wakhuthaza uBhati-sheba ukuba akhumbuze uDavide ngesifungo ayesenzile sokuthi indodana yabo uSolomoni ezoba inkosi. UNathani ngokwakhe wabe esengena phambi kwenkosi eyobuza ukuthi yiyona yini eyayigunyaze u-Adoniya ukuba ayilandele njengenkosi. Iqaphela ukuthi isimo sase sisibi kangakanani, le nkosi esikhulile yayala uNathani nezinye izinceku zayo ezithembekile ukuba zigcobe uSolomoni njengenkosi futhi zikumemezele lokho. Icebo lika-Adoniya lokuthatha ubukhosi lashafiswa.—1 AmaKh. 1:5-53.
ISAZIMLANDO ESITHOBEKILE
UNathani noGadi kuthiwa yibo ababhala eyoku-1 Samuweli izahluko 25-31 kanye nayo yonke incwadi yesi-2 Samuweli. Ngokuphathelene nemilando ephefumulelwe ekulezo zincwadi, kuthiwa: “Ngokuqondene nezindaba zikaDavide inkosi, ezokuqala nezokugcina, bheka zilotshwé phakathi kwamazwi kaSamuweli umboni naphakathi kwamazwi kaNathani umprofethi naphakathi kwamazwi kaGadi umboni wemibono.” (1 IziKr. 29:29) UNathani kuthiwa nguye futhi owaloba ukulandisa okuphathelene ‘nezindaba zikaSolomoni.’ (2 IziKr. 9:29) Cishe lokhu kusho ukuthi uNathani waqhubeka ehilelekile ezindabeni zasebukhosini ngisho nangemva kokufa kukaDavide.
Okuningi esikwaziyo ngoNathani kungenzeka ukuthi kwalotshwa nguye lo mprofethi. Nokho, ukungakhulumi kwakhe ngezindaba ezithile kusitshela okuningi ngaye. Kusobala ukuthi wayeyisazimlando esithobekile. Wayengafune kuvelela noma ukuzenzela igama. Ngokwamazwi esinye isichazamazwi seBhayibheli, uNathani uvela embhalweni ophefumulelwe “ngaphandle kokwethulwa nomlando wakubo.” Asazi lutho ngozalo lukaNathani noma izindaba zokuphila kwakhe.
WASHUKUNYISWA UKUBA QOTHO KUJEHOVA
Kula mazwibela ambalwa imiBhalo esinikeza wona ngoNathani, kuyacaca ukuthi wayengumvikeli othobekile kodwa oshisekayo wamalungiselelo aphezulu. UJehova uNkulunkulu wamnika imithwalo yemfanelo emikhulu. Zindla ngezimfanelo zikaNathani, njengobuqotho bakhe kuNkulunkulu nokwazisa okujulile ayenakho ngentando kaNkulunkulu. Lwela ukulingisa lezo zimfanelo.
Ungase ungacelwa ukuba usole amakhosi aphingayo noma ushafise amasu okugumbuqela imibuso. Nokho, ngosizo lukaNkulunkulu, ungaba qotho kuye futhi usekele izindinganiso zakhe zokulunga. Ungaba futhi umfundisi weqiniso nomgqugquzeli wokukhulekela okuhlanzekile onesibindi kodwa onesu lokungacunuli.
[Isithombe ekhasini 25]
Njengomvikeli welungelo lobukhosi, uNathani wasebenzisa isu lokungacunuli wakhuluma noBhati-sheba