Sondela KuNkulunkulu
Lapho “Inhliziyo Ephukile Nechobozekile” Ifuna Intethelelo
SONKE siyona izikhathi eziningi. Kungakhathaliseki ukuthi sizisola kangakanani, singase sizibuze: ‘Ingabe uNkulunkulu uyayizwa imithandazo yami eqotho yokucela intethelelo? Ingabe uzongithethelela?’ IBhayibheli lifundisa leli qiniso eliduduzayo: Nakuba uJehova engasithathi kalula isono, uzimisele ukuthethelela isoni esiphendukayo. Leli qiniso labonakala kahle endabeni kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, njengoba ilandiswa kweyesi-2 Samuweli isahluko 12.
Yibone ngamehlo engqondo le ndaba. UDavide wenza izono ezimbi kakhulu. Waphinga noBhati-sheba, futhi lapho ehluleka ukufihla lesi sono, wahlela ukuba umyeni wakhe abulawe. Ngemva kwalokho, wathula tú, washaya sengathi akanacala izinyanga ngezinyanga. Kodwa uJehova wayebona konke. Wayezibona izono zikaDavide, kodwa futhi wayebona ukuthi uyazisola. (IzAga 17:3) Yini uJehova ayezoyenza?
Wathuma umprofethi uNathani kuDavide. (Ivesi 1) Eqondiswa umoya ongcwele, uNathani wakhuluma nale nkosi ngokuhlakanipha okukhulu, azi ukuthi kumelwe awakhethe ngokucophelela amagama akhe. Wayengamsiza kanjani uDavide ukuba abone ukuthi wayezikhohlisa futhi abone ukuthi zazizimbi kangakanani izono ayezenzile?
Ukuze ingabi nethuba lokuzivikela, uNathani waxoxela le nkosi eyayike yaba umalusi indaba eyayizoyithinta inhliziyo nakanjani. Wayixoxela ngamadoda amabili, ecebile nempofu. Indoda ecebile ‘yayinezimvu nezinkomo eziningi kakhulu,’ kodwa empofu ‘yayinewundlu elilodwa lensikazi.’ Indoda ecebile yavakashelwa umuntu othile futhi yafisa ukumupha ukudla. Kunokuba ihlabe imvu yayo, yathatha ukuphela kwemvu indoda empofu eyayinayo. Cishe ecabanga ukuthi lesi sigameko senzeka ngempela, uDavide wathukuthela wagana unwabu, futhi ngaphandle kokucabanga wathi: “Umuntu owenza lokhu ufanelwe ngukufa!” Kungani? Wachaza: “Ngenxa yokuthi akazange abe nobubele.”a—Amavesi 2-6.
Umfanekiso kaNathani wasebenza. Engazi, uDavide wayesevume icala lakhe. UNathani wabe esemtshela ngaphandle kokugwegwesa: “Nguwe lowo muntu!” (Ivesi 7) Njengoba uNathani ayemelele uNkulunkulu, kusobala ukuthi izenzo zikaDavide ezimbi zazisho ukuthi wayedelele uJehova uqobo. Ngokwephula imithetho kaNkulunkulu, wayebonise ukuntula inhlonipho ngoMniki-mthetho. UNkulunkulu wathi: ‘Ungidelelile.’ (Ivesi 10) Ngokudabuka okukhulu, uDavide wazivuma izono zakhe: “Ngonile kuJehova.” UNathani wamqinisekisa ngokuthi uJehova umxolele, kodwa wayezophila nemiphumela yezenzo zakhe.—Amavesi 13, 14.
Ngemva kokwembulelwa isono sakhe, uDavide wabhala amazwi namuhla esiwathola kuyiHubo 51. Kuleli hubo, wathulula inhliziyo yakhe, ebonisa ukuthi uphenduke ngobuqotho. Ngezono zayo, le nkosi yayedelele uJehova, kodwa ngemva kokuthola intethelelo kaNkulunkulu, yabonisa ukuphenduka futhi yakwazi ukuthi kuJehova: “Inhliziyo ephukile nechobozekile ngeke uyidelele.” (IHubo 51:17) Lawa amanye amazwi aqinisa idolo isoni esiphendukile nesifuna isihe sikaJehova esingawacabangela.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuhlaba imvu ukuze isivakashi sithole okuya ngasethunjini kwakuyisenzo esihle esibonisa umoya wokwamukela izihambi. Kodwa ukweba imvu kwakuyicala elibi okwakufanele lihlawulelwe ngezimvu ezine. (Eksodusi 22:1) Ngokombono kaDavide, indoda ecebile yayibonise unya. Yayemuke indoda empofu ukuphela kwemvu umndeni wayo owawuthola kuyo ubisi, uvolo futhi iyisiqalo somhlambi wezimvu.