Yini Ekhangayo Ngazo?
IYIPHI indlela yokuxhumana oke wayisebenzisa ngenyanga edlule?
Ukuxoxa ubuso nobuso
Ukubhala incwadi noma ikhadi
Ukushaya ucingo
I-e-mail
Ukubhala umyalezo ngomakhalekhukhwini
Ukuxoxa ngokubhalelana imiyalezo esheshayo
Ukuxoxa nge-video
Ingosi yokuxhumana nabantu
Kuyaqala ukuba emlandweni kube nezindlela eziningi kangaka zokuxhumana, ngayinye enobuhle kanye nobubi obuthile. Cabangela izibonelo ezimbalwa:
UKUXOXA UBUSO NOBUSO
Ubuhle: Buhlanganisa ukubona izimpawu ezifihlekile zesimo sobuso, iphimbo nokushukuma komzimba.
Ububi: Abaxoxayo kufanele babe ndawonye.
UKUBHALA INCWADI NOMA IKHADI
Ubuhle: Kunemfudumalo futhi kuqondana nothile.
Ububi: Ukubhala kudla isikhathi futhi kuthatha isikhathi ngaphambi kokuba lokho okubhaliwe kufike kumnikazi.
I-E-MAIL
Ubuhle: Ingabhalwa futhi ithunyelwe ngokushesha.
Ububi: Ngokuvamile imizwelo iyantuleka—noma ingase iqondwe ngokungeyikho.
Bese kuba izingosi zokuxhumana, abanye abathi indlela engcono kakhulu yokuthintana. Kunamakhulu ezingosi zokuxhumana kanti ethandwa kakhulu—i-Facebook esetshenziswa abantu abangaba izigidi ezingu-800! “Ukube i-Facebook beyiyizwe, beyiyoba ngeyesithathu ngobukhulu, yandulelwa iChina neNdiya kuphela,” kusho umagazini i-Time. Ziyini izingosi zokuxhumana futhi kungani sezithandwa kangaka?
Ingosi yokuxhumana iyingosi ye-Internet eyenza ukuba ababhalise kuyo bakwazi ukuhlanganyela izinto ezithile neqembu labangane. UJean oneminyaka engu-21 uthi: “Iyindlela enhle kakhulu yokuxhumana. Ibuye ibe indlela elula yokubonisa abanye izithombe ozithathe lapho usohambweni noma emcimbini othile.”
Kungani ungavele ubhale incwadi? Abanye bathi ‘idla isikhathi’ kanti iyabiza uma kuzodingeka ufake nezithombe. Kungani ungashayi ucingo? Nalo futhi ludla isikhathi—ikakhulu uma uzoshayela umuntu oyedwa ngesikhathi, kanti abanye bayobe bengekho ekhaya noma bengatholakali lapho wena ufuna ukukhuluma nabo. Kuthiwani nge-e-mail? UDanielle oneminyaka engu-20 uyakhononda, “Abantu abasawaphenduli ama-e-mail, futhi ngisho noma bewaphendula kuba ngemva kwamasonto amaningi. Engosini yokuxhumana ngivele ngibhale ukuthi ngenzani bese nabangane bami besho okuthile ngabakwenzayo ngalolo suku. Lapho umuntu engena nje engosini ubona okushiwo abangane. Kulula kanjalo nje!”
Akukhona ukuthi konke okukhulunywa ezingosini zokuxhumana kuyinto engasho lutho. Ngokwesibonelo, lapho kugadla inhlekelele—njengokuzamazama komhlaba ne-tsunami okwacekela phansi izingxenye zeJapane ngo-March 11, 2011—abaningi baphendukela ezingosini zokuxhumana ukuze bezwe ngenhlalakahle yabathandekayo babo.
Cabanga ngendaba kaBenjamin, ohlala e-United States. Uthi: “Ngemva kwe-tsunami izingcingo zazingasebenzi eJapane. Othile engijwayelene naye wangitshela ukuthi uthumelele umngane wethu ohlala eTokyo umyalezo nge-e-mail, kodwa wayengakayitholi impendulo. Ngaso leso sikhathi, ngathatha umakhalekhukhwini wami ngavula i-Internet ngangena ekhasini lakhe lengosi yokuxhumana nabantu ukuze ngibone akubhalile. Lapho, ngabona umyalezo omfushane owawuthi konke kuhamba kahle nokuthi wayezobuye achaze kabanzi kamuva.”
UBenjamin uyaqhubeka: “Mayelana nokuxhumana nabangane bami ababazana naye kodwa ababengabhalisile engosini yokuxhumana, kwadingeka ngamunye ngimthumelele umyalezo nge-e-mail. Ukuthola amakheli abo nokubabhalela ngabanye kwathatha isikhathi. Ngathola izimpendulo eziningana ngezinsuku ezimbalwa. Omunye waze wangiphendula ngemva kwamasonto amabili! Labo bantu babethola ama-e-mail amaningi avela yonke indawo kangangokuba kwakunzima ukuba bawaphendule wonke ngesikhathi. Siningi isikhathi esasiyokongeka ukube kwakusetshenziswa ingosi yokuxhumana. Ngomzuzwana nje, wonke umuntu wayeyokwazi ukuthi kwenzekani!”
Kusobala ukuthi ingosi yokuxhumana nabantu inobuhle obuthile. Kodwa ingabe zikhona izingozi? Uma kunjalo, ziyini futhi zingagwenywa kanjani?
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 5]
INDLELA ESEBENZA NGAYO
1. Bhala umyalezo (status update) ekhasini lakho.
2. Bonke abasohlwini lwabangane bakho bathola umyalezo uma bevula ingosi—kanti nawe uthola imiyalezo yabo uma uvula eyakho.