AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
Gwema Izingozi Ezinkundleni Zokuxhumana
KUNGANI KUBALULEKILE: Njengamanye amathuluzi amaningi, izinkundla zokuxhumana zingaba usizo noma zibe ingozi. Amanye amaKristu akhetha ukungazisebenzisi izinkundla zokuxhumana. Kanti amanye asebenzisa lezi zinkundla zokuxhumana ukuze akhulume nemindeni nabangane bawo. Noma kunjalo, uDeveli ufuna sizisebenzise budedengu izinkundla zokuxhumana, okungalimaza idumela lethu kanye nobungane bethu noJehova. NjengoJesu, singasebenzisa izimiso eziseZwini likaNkulunkulu ukuze sikwazi ukubona izingozi bese siyazigwema.—Luka 4:4, 8, 12.
IZINGOZI OKUMELWE SIZIGWEME:
Ukusebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana. Ukuchitha isikhathi esiningi sisebenzisa izinkundla zokuxhumana kungadla isikhathi sethu esifuna ukusisebenzisela ukwenza izinto ezoziqinisa ubungane bethu noJehova
Izimiso zeBhayibheli: Efe 5:15, 16; Fil 1:10
Ukubukela izinto ezisolisayo. Ukubuka amavidiyo nezithombe ezivusa inkanuko kungaholela ekubeni umlutha wako noma kuholele ekuziphatheni kabi. Kungalulimaza ukholo lwakho ukufunda izinto ezibhalwe izihlubuki noma ukufunda ama-blog azo, okuyizindawo ezixhumana kuzo nabantu
Izimiso zeBhayibheli: Math 5:28; Fil 4:8
Ukufaka izithombe noma ukubhala izinto ezingafanele. Ngenxa yokuthi inhliziyo iyakhohlisa, umuntu angafaka izithombe noma abhale izinto ezingafanele ezinkundleni zokuxhumana. Kepha, lokhu kungalilimaza idumela lomuntu noma kwenze ukholo lwakhe lube buthaka
BUKELA IVIDIYO ETHI HLAKANIPHA LAPHO USEBENZISA IZINGOSI ZOKUXHUMANA, BESE UBUYEKEZA IZINDLELA ONGAGWEMA NGAZO IZIMO EZILANDELAYO: