Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/14 k. 16
  • Iphiko Lovemvane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iphiko Lovemvane
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpiko Zovemvane
    I-Phaphama!—2012
  • Iphiko Lovemvane Elibamba Ukukhanya
    I-Phaphama!—2014
  • Izifundo Zami ZeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Isifundo 1
    IZifundo Zami ZeBhayibheli
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 4/14 k. 16
Uvemvane okuthiwa yi-Giant Blue Morpho

INGABE LAKLANYWA?

Iphiko Lovemvane

IZIMPIKO zovemvane zintekenteke kangangokuba ngisho nothuli nje olungatheni noma imikhemezelo ingenza ukuba kube nzima ukundiza. Noma kunjalo, lezi zimpiko zihlale zomile futhi zihlanzekile. Iyini imfihlo yovemvane?

Amazenga alekene ephiko lovemvane

Iphiko lovemvane linamazenga amancane aleken

Cabanga ngalokhu: Abacwaningi eNyuvesi yase-Ohio ababecwaninga ngovemvane okuthiwa yi-Giant Blue Morpho bathola ukuthi nakuba izimpiko zalesi sinambuzane zibonakala zibushelelezi ngamehlo enyama, zembozwe amazenga amancane alekene njengokhethe lokufulela indlu. Imisedlana ekula mazenga yenza ukuba ukungcola namanzi kumane kuziwele. Onjiniyela bafuna ukulingisa ukwakheka kwaleli phiko, ukuze benze upende osezingeni eliphezulu abapenda ngawo emishinini esetshenziswa ezinkampanini nesetshenziswa kwezokwelapha ukuze le mishini ingabambi ukungcola futhi ingangenwa amanzi.

Iphiko lovemvane lingesinye sezibonelo sezindlela ososayensi abazama ngazo ukulingisa imiklamo etholakala ezintweni eziphilayo. Umcwaningi uBharat Bhushan uthi, “Indalo igcwele imiklamo emangalisayo, kusukela kwemincane kuya kwemikhulu eye yathinta isintu amakhulu eminyaka.”

Ucabangani? Ingabe iphiko lovemvane laba khona ngokuziphendukela kwemvelo noma ingabe laklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela