Ukubuka Okwezwe
“Inani lemishado eNgilandi naseWales liye lancipha kakhulu selokhu kwaqalwa ukugcinwa kwamarekhodi,” ngo-1862.—I-OFFICE FOR NATIONAL STATISTICS, EBRITHANI.
Izikhulu ezingaphezu kwesigamu eziphethe izinkampani ezincane ezizimele e-United States “zilindele ukuba izisebenzi zebe okuthile okunenani elikhulu [enkampanini] phakathi nonyaka ozayo.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, E-U.S.A.
Kungakapheli ngisho nonyaka izikhulu zombuso zaseChina ziqale “umkhankaso” wokuvala izingosi zezithombe ezingcolile kuyi-Internet, “sezivale ezingaphezu kuka-60 000,” ngokombiko we-National Office Against Pornographic and Illegal Publications.—I-CHINA DAILY, ECHINA.
“Izigidi zabantu ezingaphezu kwezingu-215—noma amaphesenti amathathu abantu abasemhlabeni—manje [zihlala] emazweni ezingazalelwanga kuwo.”—ISIKHWAMA SOKUTHUTHUKISWA KWEZOLIMO SEZIZWE EZIHLANGENE, E-ITALY.
“Kubafundi abangu-19 abazibulala nsuku zonke eNdiya, abayisithupha bazibulala ngenxa yokwesaba ukuthi bangase bangaziphumeleli izivivinyo.”—I-INDIA TODAY INTERNATIONAL, ENDIYA.
Izindlela Zokukhangisa Embonini Yezokugembula
Ngokwesilinganiso, eJalimane umgembuli owumlutha ulahlekelwa imali ephindwe izikhathi eziyishumi kunomuntu ongewona umlutha. Ngakho abagembuli abayimilutha “bawumthombo wenzuzo kuleli bhizinisi,” kusho iphephandaba eliphuma nsuku zonke i-Süddeutsche Zeitung. Ukuze yenze inzuzo eningi, imboni yokugembula ihlela imidlalo futhi iklame imishini yayo ngendlela eyenza abantu balutheke bese isizakala ngokulutheka kwabo. Lapho imishini ishesha kakhulu, nogembulayo usheshe alahlekelwe ukuzithiba futhi alutheke. Lezi zindlela zokukhangisa ziyasebenza—amaphesenti angu-56 enzuzo engena emishinini yokugembula kuthiwa itholakala kubantu abayimilutha. Ezakhiweni zokugembula isilinganiso singamaphesenti angu-38; kanti emidlalweni ye-Internet amaphesenti angu-60.
Ingabe Isikhathi Esikahle Sokuvela Phambi Kwejaji?
Ingabe izimo ezingahlobene necala zingasithonya isinqumo esikhishwa umahluleli? Olunye ucwaningo lusikisela ukuthi zingasithonya. Iqembu labacwaningi lahlaziya izinqumo ezingaphezu kuka-1 000 zokudedelwa kweziboshwa ngoshwele ezenziwa amajaji asemnkantsh’ ubomvu kwa-Israyeli. Ucwaningo lwembula ukuthi ngemva kokuba ijaji selidle isidlo sasemini noma okunye kokwesula umlomo, izinqumo ezinhle zazincipha zisuka emaphesentini angu-65 kuya cishe kwangu-0 bese zenyuka ngokushesha ngemva kwekhefu elilandelayo zibuyele emaphesentini angu-65. Abacwaningi baphetha ngokuthi ngokuvamile izinqumo azenziwa ngokusekelwe emaqinisweni kuphela nasemthethweni, kodwa “zingathonywa nayizimo eziguquguqukayo nezingahlobene nendaba, okungafanele zibe nomthelela esinqumweni somthetho.”