Yini Okumelwe Ishintshe?
“Uhulumeni akalona ikhambi lenkinga yethu; uyena kanye oyinkinga.”—URonald W. Reagan, enkulumweni yakhe lapho kugcotshwa umongameli wase-United States wama-40.
SEKUPHELE iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu uRonald Reagan asho la mazwi. Ngaleso sikhathi, i-United States yayibhekene nenselele enkulu—uReagan ayibiza ngokuthi “inhlupheko enkulu kakhulu engokomnotho.” Wachaza: “Sibhekene nenhlupheko ende futhi embi kunazo zonke emlandweni wesizwe sethu. Sekungamashumi amaningi eminyaka silokhu sisebenzisa kabi imali, sibeka engcupheni ikusasa lezingane zethu ngenxa nje yenjabulo yamanje. Ukuqhubeka senza ngale ndlela, nakanjani kuyosibangela izinkinga kwezenhlalo, kwezamasiko, kwezombangazwe nakwezomnotho.”
Nakuba indlela ayebheka ngayo izinto uReagan yayibonakala idumaza, kodwa wayenalo ithemba. Wathi: “Izinkinga zezomnotho esibhekene nazo ziwumphumela walokho obekulokhu kwenzeka amashumi eminyaka. Ngeke ziphele ngezinsukwana, amasonto noma izinyanga, kodwa ziyogcina ziphelile.”—Omalukeke sizenzele.
Sibonakala sinjani lesi simo namuhla? Umbiko wango-2009 we-U.S. Department of Housing and Urban Development, wathi: “Bayanda abantu ababhekene nenkinga . . . yengqalasizinda esetshenziswa ngokweqile, ukungabikho kwezindlu nezinhlelo zezempilo eseziphelelwe yisikhathi ziyayivimba le ntuthuko. Empeleni, i-UN-HABITAT [umnyango weZizwe Ezihlangene] ithi ngaphambi kokuba kuphele amashumi amathathu eminyaka, umuntu oyedwa kwabathathu uzobe ephila engenalo nelincane ithemba—singekho isimiso sokuthutha indle namanzi ahlanzekile, echayeke emiphumeleni yokushintsha kwesimo sezulu, okuyobangela ukusabalala kwezifo futhi zibe umshayabhuqe.”
Inkinga Yembulunga Yonke
Kungakhathaliseki ukuthi uhlala kuphi, cabanga ngemibuzo elandelayo:
● Ingabe unomuzwa wokuthi ulondeke kakhudlwana ngokwezimali kunaseminyakeni eyishumi edlule?
● Ingabe ukholelwa ukuthi uhlelo lwakho lwezokwelashwa luyakufanelekela ukunakekela wena kanye nomkhaya wakho?
● Ingabe indawo ekuzungezile ihlanzekile futhi nemvelo ithuthukile?
● Njengoba ubheke ikusasa, ingabe ubona izinto zizothuthuka eminyakeni eyishumi, engu-20 noma engu-30 ezayo?
Isivumelwano Sezenhlalo
Ohulumeni abaningi banokuthile okubizwa ngokuthi isivumelwano sezenhlalo—isivumelwano esibhalwe phansi noma somlomo esiphakathi kwababusi nezakhamuzi esichaza amalungelo nemisebenzi yezinhlangothi zombili. Ngokwesibonelo, ngokuvamile, kulindeleke ukuba izakhamuzi zilalele imithetho yezwe, zikhokhe izintela futhi zenze okuthile ukuze kube nokuphepha. Kanti ababusi bona, ngokuvamile bathembisa abantu izinto ezinjengokwelashwa okufanele, ukulingana nokulondeka ngokwezomnotho.
Ohulumeni baye benza kanjani kulezo zici ezintathu? Ake uhlole ubufakazi obusemakhasini amathathu alandelayo.
Ukwelashwa Okufanele
Lokho abantu abangathanda ukukubona: Ukwelashwa okungabizi futhi okusebenzayo.
Okuyikho ngempela:
● Umbiko ophathelene nokuthuthwa kwendle nokuhlanzeka owakhishwa yiBhange Lomhlaba uthi, “nsuku zonke izingane ezingu-6 000 zibulawa yizifo ezihlobene nokungabikho kwesimiso sokuthutha indle, ukungahlanzeki namanzi angaphephile. Uhudo nje lulodwa lubulala ingane njalo ngemva kwemizuzwana engu-20.”
● Ucwaningo olukhulu lwango-2008 olwenziwa yi-World Health Organization (WHO) lwendlela ezempilo eziphathwa ngayo “emazweni acebile nampofu,” lwaphetha ngokuthi “kunokungalingani okukhulu phakathi kwamazwe acebile nampofu,” nokuthi “kunokwehluleka ukufeza lokho okulindelwe umphakathi ngokuphathelene nokwelashwa okusiza abantu, okungenzeleli, okungabizi nokusebenzayo.”
Eminyakeni emibili kamuva, i-WHO yathola ukuthi “ohulumeni bamazwe bayehluleka ukukhokhela ezempilo. Njengoba amalungu omphakathi ekhula, nabantu abaningi behlushwa yizifo ezingamahlalakhona, kuba nezindlela ezintsha zokwelapha ezibizayo, nezindleko zezempilo ziphakama kakhulu.”
● Kunoshintsho oluyingozi oseluqala ukuvela: Imithi ebibhekwa njengesebenzayo ingase ingabe isasebenza. Izifo ezazivame ukubulala izigidi zabantu eminyakeni edlule, njengochoko nesifo sofuba, zazilawulwa ngemithi elwa namagciwane, eyaqala ukwenziwa ngawo-1940. Kodwa manje, ngokombiko we-WHO kuyi-World Health Day 2011, “ukuvela nokwanda kwamagciwane alwa nemithi kuhamba ngesivinini esikhulu. Imithi eminingi ebisebenza kahle isiyehluleka. Imithi yokulwa nezifo iyancipha.”
Lokho okumelwe kushintshe: Kufanele sikubone ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli esibikezela ukuthi kuyoba nesikhathi lapho engekho “ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.
Ubulungisa Nokulingana
Lokho abantu abangathanda ukukubona: Ukuphela kokubandlululwa kwamaqembu abantu abambalwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane; ukulingana phakathi kwabacebe kakhulu nabampofu.
Okuyikho ngempela:
● Umbiko we-Leadership Conference on Civil Rights Education Fund wathi: “Ubudlova obubhekiswe kubantu ngabanye, ezindaweni zokukhulekela, ezakhiweni zomphakathi ngenxa yobandlululo lohlanga, inkolo, ubulili babantu noma ubuzwe, busaphakeme ngendlela engemukeleki futhi buyaqhubeka buyinkinga enkulu eMelika.”
● “Izigidi zabesifazane emhlabeni ziyaqhubeka zibhekana nokungabi nabulungisa, ubudlova nokungalingani emizini yazo, ezindaweni zokusebenza nasemphakathini,” ngokusho kombiko weZizwe Ezihlangene kuyi-Progress of the World’s Women: In Pursuit of Justice. Ngokwesibonelo, e-Afghanistan, amaphesenti angaba ngu-85 abesifazane abalutholi usizo lwezempilo lapho bebeletha. EYemen, ayikho imithetho evimbela ubudlova basemakhaya. Ngokwesilinganiso, eDemocratic Republic of the Congo abesifazane abangaphezu kwenkulungwane bayadlwengulwa usuku ngalunye.
● Ngo-October 2011, uNobhala Jikelele we-U.N. uBan Ki-moon wathi: “Umhlaba esiphila kuwo unezinto eziphikisana ngendlela eyisimanga. Kunokudla okuningi, kodwa izinkulungwane eziyisigidi zabantu ziyalamba. Abambalwa baphila ngokunethezeka kuyilapho iningi lihlwempu. Kunentuthuko enkulu kwezokwelapha kuyilapho omama befa nsuku zonke lapho bebeletha . . . Kuchithwa izinkulungwane zezigidi kwakhiwa izikhali zokubulala abantu esikhundleni sokubagcina bephephile.”
Okumelwe kushintshe: Kufanele sibone amaqembu amancane ezinhlanga nabesifazane bephathwa ngendlela efanele futhi baphele nyá labo ‘abahlwitha ubulungisa kwabahluphekileyo.’–Isaya 10:1, 2.
Ukulondeka Ngokwezomnotho
Lokho abantu abangathanda ukukubona: Ukuba bonke abantu babe nemisebenzi nokulondeka ngokwezimali.
Okuyikho ngempela:
● I-Worldwatch Institute ibika ukuthi “baningi kakhulu abantu abangase basebenze ukuze wande umnotho, kodwa isibalo semisebenzi ekhona sincane kakhulu. Njengoba isimo somnotho sishintsha, i-International Labour Organization (ILO) ilinganisa ukuthi abantu abangasebenzi báfinyelela ezigidini ezingu-205 ngo-2010.”
● “I-International Labour Organization (ILO) ixwayisa ngokuthi, umnotho wezwe lonke usengcupheni yokuwohloka okusha kwezemisebenzi futhi okukhulu okungabangela izinxushunxushu,” ngokusho kombiko wezindaba we-BBC. “Ukwehla kwamuva kokukhula komnotho kubonise ukuthi kuzosungulwa ingxenye kuphela yemisebenzi edingekayo. . . . Leli qembu [ILO] labuye lalinganisa namazinga okungeneliseki kwabantu ngenxa yokuntuleka kwemisebenzi nentukuthelo ebangelwa abantu abathile abangabambisani nemizamo yokuxazulula inkinga yezomnotho. Kuthiwa emazweni amaningi kungase kube nezinxushunxushu, ikakhulukazi kulawo aseYurophu nasezweni lama-Arabhu.”
● E-United States, “ngokwesilinganiso isikweletu ekhadini lokuboleka imali sifinyelela ngalé kwamaRandi angu-86 000, inani eliphindwe kathathu kwelango-1990,” kusho incwadi ethi Narcissism Epidemic eyakhishwa ngo-2009. Ababhali bale ncwadi bathi, abantu abaningi bangena ezikweletini, ngoba nje befuna kubonakale sengathi banemali. Le ncwadi ithi, “abantu baseMelika babona abantu benezimoto nezimpahla eziphambili bese bephetha ngokuthi bacebile. Empeleni, ngokuvamile kuwukuhlakanipha ukuphetha ngokuthi basezikweletini.”
Okumelwe kushintshe: Bonke abantu kufanele babe nemisebenzi, kuhlanganise nombono omuhle wokusebenzisa imali. IBhayibheli liyavuma ukuthi ‘imali iyisivikelo’ kodwa liphinde lixwayise ngokuthi “uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.”—UmShumayeli 7:12; 1 Thimothewu 6:10.
Kusukela endabeni esekhasini lesine kuya ku-8, kungase kubonakale sengathi sincane kakhulu isizathu sokuba nethemba ngekusasa. Kodwa, likhona ithemba ngalesi simo. Umhlaba wethu uyoshintsha ube ngcono—kodwa ngeke kube ngenxa yemizamo yohulumeni babantu.
[Ibhokisi/Igrafu ekhasini 5]
Abantu abasebasha bathi yini abangayishintsha ngaleli zwe? NgokweNgosi ethi 4children.org, ucwaningo olwenziwa eBrithani ezinganeni ezingaba ngu-2 000 eziphakathi kweminyaka emine kuya kwengu-14 lwembula ukuthi zingenza okulandelayo:
[Igrafu]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
100%
ZINGAQEDA INDLALA
ZINGAQEDA IMPI
ZINGAQEDA UBUMPOFU
75%
ZIBANGELE UKUBA BONKE ABANTU BAPHATHWE NGOKULINGANAYO
ZINGAQEDA UKUFUDUMALA KWEMBULUNGA YONKE
50%
25%
0%
[Ibhokisi/Igrafu ekhasini 5]
Ucwaningo lwango-2009 olwenziwa yi-Bertelsmann Foundation eJalimane lwembula izinto ezikhathaza kakhulu intsha engaba ngu-500 ephakathi kweminyaka engu-14 kuya kwengu-18.
Phakathi kwezinto le ntsha eyayizibona zingabalulekile kakhulu ubuphekula nokwanda kwabantu emhlabeni. Ngisho nenkinga yesimo somnotho yayiphakathi kwezinto ezingayikhathazi neze kakhulu. Ngokwe-Bertelsmann Foundation, kungenzeka ukuthi lokhu kungenxa yokuthi lezi zinkinga azikayithinti ngokoqobo le ntsha.
[Igrafu]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
100%
75%
UBUMPOFU
UKUGUQUGUQUKA KWESIMO SEZULU NOKONAKALISWA KWEMVELO
UKUNTULEKA KOKUDLA NAMANZI OKUPHUZA
UKUGULA NEZIFO EZIWUBHU-BHANE EMBULUNGENI YONKE
50%
25%
0%