Intsha Iyabuza
Kungani Amantombazane Engangithandi?
Ngiyayichaza ngempela. Ngiyitshele konke ngami—izinto enginazo, izindawo engike ngaya kuzo, nabantu engibaziyo. Kumelwe ukuba le ntombazane ikubheke ngabomvu ukuphola nami!
Ngifisa sengathi umhlaba ungavuleka ungigwinye! Akaboni yini lo mfana? Ngingayinqamula kanjani le ngxoxo ngaphandle kokuba ngibonakale ngiluhlaza?
USUKHULE ngokwanele, ungathandana nothile. Ungathanda ukuthola othile okhangayo futhi onezinkolelo ezinjengezakho. (1 Korinte 7:39) Nokho, esikhathini esidlule, isikhathi ngasinye lapho uzama ukuqala ubuhlobo nothile, ubuzibona uyisehluleki ngokuphelele.
Uma ungathanda ukwazi intombazane ethile kangcono, yiziphi izinto okudingeka uzicabangele? Yiziphi izimiso zeBhayibheli oyokwenza kahle uma uzikhumbula?
Lokho Okufanele Ukwenze Kuqala
Ngaphambi kokuba unqume ukushela intombazane ethile, kunamakhono athile ayisisekelo okudingeka ube nawo, ayokusiza ukuba wakhe ubungane nanoma ubani. Cabangela okulandelayo.
◼ Hlakulela inhlonipho. IBhayibheli lithi “uthando alunamikhuba emibi.” (1 Korinte 13:5, Today’s English Version) Ukuhlonipha kubonisa ukuthi uyabazisa abanye nokuthi uhlakulela ubuntu obuvuthiwe obunjengobukaKristu. Nokho, inhlonipho ayifani nesudi oyigqoka ukuze uhlabe abanye umxhwele kodwa uyikhumule lapho ufika ekhaya. Zibuze, ‘Ingabe ngibonisa inhlonipho lapho ngisebenzelana nabasekhaya?’ Uma kungenjalo, khona-ke kuyobonakala kuwukuzenzisa ukwenza kanjalo uma usebenzelana nabanye abantu bangaphandle. Khumbula, ukuze ithole uhlobo lomuntu oyilo ngempela, intombazane enokuqonda iyobheka indlela obaphatha ngayo abakini.—Efesu 6:1, 2.
Lokho okushiwo amantombazane: “Uyangikhanga ngempela umfana uma ebonisa inhlonipho ezintweni ezincane, njengokungivulela umnyango, nasezintweni ezinkulu, njengokuba nomusa nokungicabangela hhayi mina nje kuphela kodwa nabakithi.”—UTina, oneminyaka engu-20.a
“Ngiyacasuka uma ngisanda kuhlangana nothile abese engibuza imibuzo ephathelene nezindaba zami, njengokuthi ‘Ukhona othandana naye?’ nokuthi ‘Iyini imigomo yakho?’ Kuwukuba luhlaza lokho futhi kuyangicasula!”—UKathy, oneminyaka engu-19.
◼ Zigcine uhlanzekile. Izinga elifanele lenhlanzeko alibonisi ukuthi uhlonipha abanye nje kuphela kodwa ukuthi nawe uyazihlonipha. (Mathewu 7:12) Uma uzihlonipha, cishe nabanye bayokuhlonipha. Ngakolunye uhlangothi, uma udebesela endabeni yenhlanzeko, uyobhuntshisa imizamo yakho yokukhanga intombazane.
Lokho okushiwo amantombazane: “Umfana othile owayengithanda wayenomlomo onuka kabi. Kwakunzima ukukuziba lokho.”—UKelly, oneminyaka engu-24.
◼ Hlakulela amakhono okuxoxa. Isisekelo sobuhlobo obuhlala njalo ukukhulumisana okuhle. Lokhu kuhilela ukungaxoxi nje ngezinto ezithandwa nguwe kuphela kodwa nezinto ezithandwa umngane wakho.—Filipi 2:3, 4.
Lokho okushiwo amantombazane: “Ungihlaba umxhwele umfana uma eba nguye lapho exoxa nami, uma ekhumbula izinto engimtshele zona futhi ebuza imibuzo ukuze ingxoxo iqhubeke.”—UChristine, oneminyaka engu-20.
“Ngicabanga ukuthi abafana bakhangwa yilokho abakubonayo, kodwa amantombazane akhangwa kakhulu yilokho akuzwayo.”—ULaura, oneminyaka engu-22.
“Izipho zinhle. Kodwa uma umfana ekwazi ukuxoxa, uma ekwazi ukukududuza futhi akukhuthaze ngamazwi akhe . . . Wewu, akuve kukhanga lokho!”—U-Amy, oneminyaka engu-21.
“Ngokuqinisekile bengingafuna ukumazi kangcono umuntu uma enamancoko kodwa futhi ekwazi ukukhuluma ngezinto ezibalulekile ngaphandle kokuzenzisa.”—UKelly, oneminyaka engu-24.
Ukusebenzisa ukusikisela okungenhla kuyokusiza ukuba ujabulele ukuba nabangane abahle. Kodwa uma usunomuzwa wokuthi ukulungele ukweshela, yini okufanele uyenze?
Isinyathelo Esilandelayo
◼ Thatha isinyathelo kuqala. Uma ucabanga ukuthi umngane omazisayo angaba umngane omuhle womshado, mtshele ukuthi uyamthanda. Veza imizwa yakho ngokucacile futhi ungagwegwesi. Yebo, kungethusa. Unovalo lokuthi ngeke avume. Kodwa ukuzimisela kwakho ukuthatha isinyathelo kuqala kuwuphawu lokuthi usukhulile.
Lokho okushiwo amantombazane: “Angikwazi ukubona lokho umuntu akucabangayo. Ngakho uma umuntu efuna ukungazi kangcono, kuyodingeka athembeke futhi angitshele ngokuqondile.”—UNina, oneminyaka engu-23.
“Kungase kube nzima ukwenza ushintsho uma sekuyisikhathi eside ningabangane. Kodwa ngingamhlonipha umuntu uma engitshela nje ukuthi ufuna ukungazi kangcono kunokuba umngane nje.”—UHelen, oneminyaka engu-25.
◼ Hlonipha isinqumo sentombazane. Kuthiwani uma umngane wakho ethi akafuni ukuthandana nawe? Mhloniphe ngokukholelwa ukuthi uyayazi inhliziyo yakhe nokuthi ucha wakhe usho ukuthi cha. Kubonisa ukungavuthwa uma ubelesela. Empeleni, uma uziba ukwenqaba kwentombazane ukuba uyinake—uze ucasuke ngenxa yokwenqaba kwayo—ingabe ucabanga ngezithakazelo zayo noma ngezakho?—1 Korinte 13:11.
Lokho okushiwo amantombazane: “Kuyangicasula uma ngithi cha ngokuqinile kumfana kodwa aqhubeke ezama.”—UColleen, oneminyaka engu-20.
“Ngachazela umfana othile ukuthi angimthandi, kodwa waqhubeka engibelesela efuna inombolo yami yocingo. Ngangingafuni ukuba luhlaza. Phela, cishe kwakungelula ngaye ukuqunga isibindi sokuveza imizwa yakhe. Kodwa ekugcineni kwadingeka ukuba ngimbonise ukuthi angidlali.”—USarah, oneminyaka engu-23.
Lokho Okungafanele Ukwenze
Ezinye izinsizwa zinomuzwa wokuthi azinayo inkinga yokungathandwa amantombazane. Zingaze zincintisane nontanga ukuze kubonakale ukuthi ubani onogazi emantombazaneni. Nokho, ukuncintisana okunjalo kuwunya futhi kuyokulethela idumela elibi. (IzAga 20:11) Ungawugwema lowo mphumela uma wenza okulandelayo.
◼ Ungadlali ngothando. Umuntu odlala ngothando usebenzisa ulimi oluthophayo nezenzo ezivusa inkanuko. Isisusa sakhe asikhona ukuba bathandane ngendlela ehloniphekile. Lezo zenzo nesimo sengqondo esinjalo zishalazela iseluleko seBhayibheli sokuphatha “abesifazane abasebasha njengawodadewenu ngabo bonke ubumsulwa.” (1 Thimothewu 5:2) Abantu abadlala ngothando ababona abangane abahle futhi abaphumeleli emshadweni. Amantombazane acabangayo ayakwazi lokho.
Lokho okushiwo amantombazane: “Ngicabanga ukuthi akuthandeki uma umuntu ekuthopha kodwa wena ube wazi kahle ukuthi wenza into efanayo kumngane wakho ngenyanga nje edlule.”—UHelen, oneminyaka engu-25.
“Kunensizwa ekhangayo eyaqala ukuzidlisa satshanyana, ikhuluma ngayo ngokuyinhloko. Lapho kufika intombazane ethile nayo ihlanganyela engxoxweni, le nsizwa yenza okufanayo nakuyo. Kwabe sekufika intombazane yesithathu, yaphinda le nsizwa yenza into efanayo nakuyo. Kwakuyinto embi kabi!”—UTina, oneminyaka engu-20.
◼ Ungadlali ngemizwa yentombazane. Ungalindeli ukuthi ubungane nomuntu wobulili obuhlukile buzohamba ngendlela efanayo neyobungane nomuntu wobulili obufana nobakho. Ngani? Cabangela lokhu: Uma utshela insizwa engumngane wakho ukuthi ibukeka kahle njengoba igqoke isudi entsha noma uyithululela isifuba njalo, cishe ngeke icabange ukuthi ufuna ukuthandana nayo. Kodwa uma uncoma intombazane ngokubukeka kwayo noma uyithululela isifuba njalo, ingase icabange kufanele ukuthi uyayithanda.
Lokho okushiwo amantombazane: “Ngicabanga ukuthi abafana abaqondi kahle ukuthi ngeke baphathe amantombazane ngendlela abaphatha ngayo abangane babo besilisa.”—USheryl, oneminyaka engu-26.
“Uma umfana ethola inombolo yami yocingo, kulandela umyalezo ovela kuye. Manje, . . . kusho ukuthini lokho? Ngezinye izikhathi ningathumelelana imiyalezo yobungane ngomakhalekhukhwini bese nisondelana ngokomzwelo, kodwa zingakanani izinto ongazisho ngomyalezo onjalo?”—UMallory, oneminyaka engu-19.
“Ngicabanga ukuthi umfana akaqapheli ukuthi intombazane ithinteka ngokushesha kangakanani ngokomzwelo, ikakhulukazi uma ekhathalela futhi kulula ukuxoxa naye. Akusho ukuthi intombazane isiphelelwe ithemba. Ngicabanga nje ukuthi amantombazane amaningi afuna ukuthandana nothile futhi ahlala eqaphile ukuthi iyiphi insizwa efanelekayo.”—U-Alison, oneminyaka engu-25.
Bhekana Namaqiniso
Akukhona ukubhekana namaqiniso, empeleni kuwukuzidla, ukucabanga ukuthi wonke amantombazane azokuthanda. Kodwa amanye azokuthanda uma ukhumbula lokhu: Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayibalulekile kunalokho oyikho ngaphakathi. Yingakho nje iBhayibheli ligcizelela isidingo sokuhlakulela “ubuntu obusha.”—Efesu 4:24.
UKate, oneminyaka engu-21, ufingqa le ndaba ngale ndlela: “Abafana bacabanga ukuthi kudingeka bagqoke ngendlela ethile noma babukeke ngendlela ethile ukuze bakhange amantombazane. Nakuba lokhu kuyiqiniso ngezinga elithile, ngicabanga ukuthi amantombazane amaningi akhangwa kakhulu yizimfanelo zobuntu obuhle.”b
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama ashintshiwe.
b Bheka isahluko 3 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Ungabonisa kanjani ukuthi uyazihlonipha?
◼ Ungabonisa kanjani ukuthi uyakuhlonipha lokho intombazane ekucabangayo nemizwa yayo?
[Isithombe ekhasini 19]
Inhlonipho ayifani nesudi oyigqokayo ukuze uhlabe abanye umxhwele kodwa uyikhumule lapho ufika ekhaya