Isahluko 28
Kungani Amantombazane Engangithandi?
Ngiyabona ukuthi le ntombazane iyazifela ngami. Sengiyitshele konke ngami—izinto enginazo, izindawo engizihambile nabantu engibaziyo. Kumelwe ukuba ithi, kodwa ngibonwa yini!
Ngifisa sengathi kungavuleka umgodi ungigwinye! Akaboni ukuthi angimfuni? Ngingayiqeda kanjani le ngxoxo ngaphandle kokumphoxa?
USUMDALA ngokwanele ukuba uthandane nothile. Ungathanda ukuthola umuntu omuhle nonezinkolelo ezifana nezakho. (1 Korinte 7:39) Kodwa esikhathini esidlule ubuthi uma uzama ukuthandana nomuntu, kuvele kubhede. Konakalephi? Ingabe amantombazane afuna abafana abahle bodwa? Intombazane okuthiwa uLisa iyavuma: “Kungangcono ibe nezinyama kancane.” Iningi lamantombazane lifuna okungaphezu kwalokho. “Abafana abahle ngezinye izikhathi abanazo izimfanelo ezibalulekile,” kusho uCarrie oneminyaka engu-18.
Yiziphi lezi zimfanelo ezibalulekile ezifunwa amantombazane? Uma uthanda ukwazi intombazane ethile kangcono, yiziphi izinto okufanele uzicabangele? Futhi yiziphi izimiso zeBhayibheli okuyoba kuhle uzikhumbule?
Okumelwe Uqale Ukwenze
Ngaphambi kokuba uzame ukwakha ubuhlobo nentombazane ethile, kunamakhono ayisisekelo okudingeka ube nawo, futhi ayokusiza ukuba ube umngane nanoma ubani. Cabanga ngala maphuzu alandelayo.
● Hlakulela imikhuba emihle. IBhayibheli lithi “uthando alunayo imikhuba emibi.” (1 Korinte 13:5, Today’s English Version) Imikhuba emihle ibonisa ukuthi uyabahlonipha abanye nokuthi wakha ubuntu obuvuthiwe obunjengobukaKristu. Noma kunjalo, imikhuba emihle ayifani nesudi oyigqokela ukuhlaba abanye umxhwele, ubuye uyikhumule uma ufika ekhaya. Zibuze, ‘Ingabe ngibonisa imikhuba emihle lapho ngisebenzelana nabasekhaya?’ Uma impendulo ithi cha, kuyobonakala sengathi uyazenzisa uma uyibonisa lapho unabanye abantu. Khumbula, ukuze intombazane enokuqonda ithole ukuthi uyinhloboni ngempela yomuntu, iyobheka indlela ophatha ngayo abantu bakini.—Efesu 6:1, 2.
Okushiwo amantombazane: “Ngiye ngibone kukuhle uma umfana ebonisa imikhuba emihle kokubili ezintweni ezincane, njengokungivulela isicabha, nasezintweni ezinkulu, njengokuba nomusa nokucabangela mina nabazali bami.”—UTina.
“Ngivele ngicikeke uma ngithi ngiqala ukubona umuntu bese engibuza imibuzo enjengokuthi, ‘Ukhona umuntu othandana naye?’ ‘Iyini imigomo yakho?’ Akubonisi inhlonipho futhi kungibangela amahloni!”—UKathy.
“Ngikubona kuwukungabi nanhlonipho lapho abafana becabanga ukuthi bangadlala ngemizwa yethu, njengokungathi imizwa yethu ayibalulekile futhi sifuna basizwele ngoba sijahe ukushada.”—U-Alexis.
● Zigcine uhlanzekile. Uma uhlanzekile awubonisi nje inhlonipho ngabanye kuphela kodwa nangawe. (Mathewu 7:12) Uma uzihlonipha, nabanye bayokuhlonipha. Ngakolunye uhlangothi, uma ungayinaki inhlanzeko, uyonciphisa amathuba okuthola intombi.
Okushiwo amantombazane: “Omunye umfana owayengithanda wayenuka phu umlomo. Ngahluleka ukumbekezelela.”—UKelly.
● Hlakulela amakhono okuxoxa. Isisekelo sobuhlobo obuhlala njalo ukukhulumisana okuhle. Anixoxi nje kuphela ngezinto ezithandwa uwena kodwa nezithandwa umngane wakho. (Filipi 2:3, 4) Uyakulalela ngempela akushoyo futhi uyawazisa umbono wakhe.
Okushiwo amantombazane: “Ngiyajabula uma umfana ekuthola kulula ukuxoxa nami—uma ekhumbula izinto engimtshele zona futhi ebuza imibuzo eyenza ingxoxo iqhubekele phambili.”—UChristine.
“Ngicabanga ukuthi abafana bakhangwa abakubonayo, kodwa amantombazane akhangwa kakhulu akuzwayo.”—ULaura.
“Izipho ziyajabulisa. Kodwa uma umfana ekwazi ukuxoxa, uma ekwazi ukukududuza nokukukhuthaza ngamazwi . . . nakho-ke esikuthandayo.”—U-Amy.
“Kunensizwa engiyaziyo enomoya ophansi futhi engakuphapheli. Sikwazi ukuxoxa ngezinto ezinengqondo ngaphandle kokuba isho izinto ezinjengokuthi, ‘Waze wanuka kamnandi’ noma ‘Awuve umuhle namhlanje.’ Iyakulalelisisa engikushoyo, futhi lokho kungenza noma iyiphi intombazane ijabule.”—UBeth.
“Ngingathanda impela ukumazi kangcono umuntu othanda ukuncokola kodwa futhi okwaziyo ukuxoxa ngezinto ezibalulekile angazwakali ezenzisa.”—UKelly.
● Yiba umuntu okwaziyo ukuthwala umthwalo wakhe. IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.” (Galathiya 6:5) Amantombazane ngeke akhangwe insizwa engakwazi ukuhlala emsebenzini ngoba iyivila noma ichitha isikhathi esiningi idlala.
Okushiwo amantombazane: “Ngifisa sengathi abanye abafana bangakwazi ukuthwala imithwalo eyengeziwe. Abathandeki uma bengakwenzi lokho. Akubakhulumeli kahle.”—UCarrie.
“Abanye abafana abanayo imigomo ecacile. Uma bethanda intombazane, bayibuza imigomo yayo, bese bethi, ‘Hawu, yilokho engifuna ukukwenza nami!’ Kodwa abakwenzayo ngaleso sikhathi kuyaphikisana nabakushoyo.”—UBeth.
Ukukwazi ukuthwala imithwalo yakho kuyokusiza ube nabangane abahle, njengoba kuboniswe ngenhla. Uma unomuzwa wokuthi usukulungele ukuqala ubuhlobo obungathí sina nentombazane ethile, yini okufanele uyenze?
Isinyathelo Esilandelayo
● Yeshele. Uma ucabanga ukuthi intombazane oyithandayo ingaba umkakho okahle, yeshele. Lapho uyazisa ngemizwa yakho, khuluma into ecacile neqondile. Yiqiniso, kuyethusa. Wesaba ukuthi ungase ungavunywa. Kepha ukuzimisela kwakho ukuthatha lesi sinyathelo kuwuphawu lokuthi usukhulile. Nasi isixwayiso: Awuceli ukuyishada. Ngakho yiba oqondayo. Uma ukhuluma ngendlela eshubile, intombazane iyokwethuka kunokuba ikuthande.
Okushiwo amantombazane: “Angikwazi ukufunda ingqondo yomuntu. Ngakho uma umuntu efuna ukungazi kangcono, kumelwe athembeke angitshele ngokuqondile.”—UNina.
“Kungaba inkingana uma benikade ningabangane. Kodwa ngingamhlonipha umuntu ongathi angathanda sibuqhubekisele phambili ubungane bethu.”—UHelen.
● Hlonipha isinqumo sentombazane. Kuthiwani uma umngane wakho ethi akathandi ukuba nibuqhubekisele phambili ubuhlobo benu? Mhloniphe ngokuba ukholwe ukuthi uyayazi inhliziyo yakhe nokuthi uma enqaba uyenqaba. Kubonisa ukungavuthwa ukuba iphela endlebeni. Uma ungayinaki intombazane uma ithi ayikuthandi—uze uthukuthele impela—ingabe ngempela ucabangela yona noma uzicabangela wena?—1 Korinte 13:11.
Okushiwo amantombazane: “Ngiyacasuka uma ngithi kumfana angimthandi bese eqhubeka engeshela.”—UColleen.
“Ngachazela omunye umfana ukuthi angimthandi, kodwa waqhubeka engifundekela ngokuthi ufuna inombolo yami yocingo. Ngangingafuni ukumphoxa. Cishe kwakungelula nakuye ukuqunga isibindi sokungeshela. Kodwa ekugcineni kwadingeka ngiqinise izwi.”—USarah.
Okungamelwe Ukwenze
Ezinye izinsizwa zinomuzwa wokuthi kulula ukwenza amantombazane azithande. Zingaze zincintisane nontanga yazo ukuze zibone ukuthi iyiphi engathandwa amantombazane amaningi. Ukuncintisana okunjalo kuwunya futhi kuyokwakhela idumela elibi. (IzAga 20:11) Ungakugwema lokho uma ukhumbula lokhu okulandelayo.
● Ungadlali ngothando. Umuntu odlala ngothando ulalisa ulimi atshikizise nomzimba ngendlela evusa inkanuko. Usuke engahlosile ukuthandana nomuntu ngoba efuna ukumshada. Umuntu owenza kanjalo usuke engasinaki iseluleko seBhayibheli sokuphatha ‘abesifazane abasebasha njengawodadewabo ngabo bonke ubumsulwa.’ (1 Thimothewu 5:2) Abantu abadlala ngothando baba abangane abangathembekile nabangane bomshado abangathembekile nakakhulu. Amantombazane anokuqonda ayakwazi lokho.
Okushiwo amantombazane: “Ngicabanga ukuthi kubi kabi lapho umuntu ekukitaza ngamazwi othando ube wazi ukuthi uwashilo nakumngane wakho ngenyanga edlule.”—UHelen.
“Kunalo mfana obukekayo owasho amazwi othando kimi, engixoxela ngaye ikakhulukazi. Lapho kufika enye intombazane lapho sasikhona, wenza okufanayo nakuyo. Kwafika nenye futhi intombazane, washo amazwi afanayo nakuyo. Kwaba muncu!”—UTina.
● Ungadlali ngemizwa yentombazane. Ungalindeli ukuthi ubungane nomfana buzofana nobungane nentombazane. Ngani? Cabanga: Uma uncoma umngane wakho womfana uthi iyamfanela isudi yakhe entsha noma uma ujwayele ukuxoxa naye futhi umvulele isifuba, cishe ngeke acabanga ukuthi unemizwa yothando ngaye. Kodwa uma uncoma intombazane noma ujwayele ukuxoxa nayo futhi uyivulele isifuba, ingase icabange ukuthi unemizwa yothando ngayo.
Okushiwo amantombazane: “Ngicabanga ukuthi abafana abaqondi ukuthi ngeke baphathe amantombazane ngendlela efana nabaphatha ngayo abangane babo abangabafana.”—USheryl.
“Umfana uthatha inombolo yami yocingo, bese ngithola umyalezo wocingo ovela kuye. Kusho ukuthini lokho? Ngezinye izikhathi ningaba nobuhlobo ngokubhalelana imiyalezo ocingweni nize nithandane, kodwa kungakanani ongakusho ngomyalezo wocingo?”—UMallory.
“Ngicabanga ukuthi umfana akaqapheli ukuthi intombazane ishesha kanjani ukuthanda, ikakhulukazi uma umfana ekhathalela futhi kulula ukuxoxa naye. Akukona ukuthi isuke ijahe ukushadwa. Ngicabanga ukuthi iningi lamantombazane liyafuna ukuba nomuntu elithandana naye nokuthi lihlale livule amehlo libheke ‘uMaqondana.’”—U-Alison.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 2, ISAHLUKO 3
Ungathi uyini umehluko phakathi kothando nokuthatheka?
UMBHALO OYINHLOKO
‘Gqokani ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.’—Efesu 4:24.
ICEBISO
Buza abantu abadala abavuthiwe ukuthi yiliphi ikhono abacabanga ukuthi kubaluleke kakhulu ukuba umfana abe nalo, bese ubona ukuthi kuyinto okudingeka usebenzele kuyo yini.
UBUWAZI . . . ?
Indlela obukeka ngayo ngaphandle ayibalulekile kangako, okubaluleke kakhulu yilokho oyikho ngaphakathi.
OKUMELWE UKWENZE!
Isici engingabonisa kuso imikhuba emihle yilesi ․․․․․
Ukuze ngiphucule ikhono lami lokuxoxa, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ungabonisa kanjani ukuthi uyazihlonipha?
● Ungabonisa kanjani ukuthi uyayihlonipha imicabango nemizwa yentombazane?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 198]
“Abafana bacabanga ukuthi ukuze bakhange amantombazane, kumelwe bagqoke noma babukeke ngendlela ethile. Nakuba kuyiqiniso lokhu ngezinga elithile, ngicabanga ukuthi amantombazane amaningi akhangwa kakhulu izimfanelo ezinhle zomuntu.’’—UKate
[Isithombe ekhasini 197]
Imikhuba emihle ayifani nesudi oyigqokela ukuhlaba abanye umxhwele bese uyayikhumula uma ufika ekhaya