Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/14 k. 16
  • Ubulwembu Besicabucabu Sasendlini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubulwembu Besicabucabu Sasendlini
  • I-Phaphama!—2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufunda Ezicabucabwini
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubona Kalufifi Kwesicabucabu Esigxumayo
    I-Phaphama!—2013
  • Ubulembu
    I-Phaphama!—2008
  • Ingabe Ukuziphendukela Kwemvelo Kunengqondo?
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 1/14 k. 16
Isicabucabu esihlala endlini seluka ubulwembu

INGABE BAKLANYWA?

Ubulwembu Besicabucabu Sasendlini

ISICABUCABU sasendlini saseMelika sikhiqiza ubulwembu obunengcina ebenza bube namandla ngokwanele ukuba bunamathele odongeni, noma bube ntekenteke ngokwanele ukuba busuke kalula phansi, ngaleyo ndlela busebenze njengesicupho ezinambuzaneni ezihamba phansi. Lesi sicabucabu sikwazi kanjani ukusebenzisa ingcina efanayo ekwenzeni imicu enamandla nentekenteke?

Ubulwembu basodongeni

Ubulwembu basodongeni

Cabanga ngalokhu: Lesi sicabucabu sakhela ubulwembu baso odongeni, ophahleni noma entweni efana naleyo ngokweluka imicu enamathela ngamandla futhi enamandla ngokwanele ukuba imelane nesinambuzane esindizayo lapho sizishayisa kubo. Ngakolunye uhlangothi, abacwaningi eNyuvesi yase-Akron, e-Ohio, e-U.S.A., baye bathola ukuthi le micu kasilika esuke inamathele phansi, yakhiwe ngendlela ehluke ngokuphelele. Imbalwa kakhulu imicu enamathela phansi uma iqhathaniswa naleyo enamathela odongeni, okwenza leyo enamathela phansi isuke kalula emhlabathini lapho isibambe isinambuzane ebesithi sidlula phezu kwayo.

Ubulwembu baphansi

Ubulwembu baphansi

Ngokwemibiko yezindaba eyakhishwa yiNyuvesi yase-Akron, abacwaningi abathola lesi simanga semvelo “kakade sebeqalile ukwenza umsebenzi wokwakha ingcina elingisa lo mklamo onobuhlakani osetshenziswa yisicabucabu sasendlini.” Ososayensi banethemba lokwakha ingcina engasetshenziselwa ukwenza amabhandishi avamile iphinde isetshenziswe ekuhlanganiseni amathambo avavekile.

Ucabangani? Ingabe ikhono lesicabucabu sasendlini lokwenza imicu enamandla nentekenteke sisebenzisa ingcina efanayo laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela