Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/13 kk. 8-11
  • Ukuphela Kobudlova Basekhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphela Kobudlova Basekhaya
  • I-Phaphama!—2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Nizizwa kanjani ngomshado wenu manje?
  • UKUQEDWA KOBUDLOVA BASEKHAYA
  • Ukuphela Kobudlova Basekhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Ungaba Khona Yini Umhlaba Ongenabo Ubudlova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Yini Ebangela Ubudlova Basekhaya?
    I-Phaphama!—1993
  • Ungazinqoba Izinkinga Ezilimaza Umkhaya
    Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 4/13 kk. 8-11

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ukuphela Kobudlova Basekhaya

Isimo 1: Abazali baka-Isabela bavakashile. Bajabulela ubusuku obuhle nendodakazi yabo nomyeni wayo, obuphawuleka ngengxoxo emnandi. Yibaphi nje nempela abazali abangeke baziqhenya ngendoda eshade nendodakazi yabo? Iyiphethe kahle kakhulu.

Isimo 2: UFrank uthukuthele ugan’ unwabu. Uzophinda futhi akhiphe intukuthelo ngendlela yakhe evamile—okusho ukushaya umkakhe ngempama, ukumkhahlela, ukumdonsa ngezinwele noma ukumngqubuza odongeni ephindelela.

KUNGASE kukumangaze ukuzwa ukuthi zombili lezi zimo ziphathelene nombhangqwana owodwa.

Abantu abanobudlova ekhaya ngokuvamile banobuntu obumbaxa-mbili

Njengeningi labantu abanobudlova emakhaya, uFrank uyakwazi ukuzishaya “umuntu olungile” lapho ephambi kwabantu noma enabazali bomkakhe. Kodwa uma bebodwa, unesihluku esibi.

Amadoda amaningi anjengoFrank akhulela emikhayeni enobudlova, futhi lapho esekhulile acabanga ukuthi ukuziphatha kwawo kuyamukeleka—noma kuyinto nje evamile. Kodwa akukho lutho oluvamile ngobudlova basekhaya. Yingakho abantu abaningi beshaqeka uma bezwa ukuthi indoda ishaye umkayo.

Noma kunjalo, ubudlova basekhaya bande ngendlela exakile. Ngokwesibonelo, kulo lonke elase-United States, kulinganiselwa ukuthi kokunye ukuhlola okwenziwa, kwatholakala ukuthi umnyango osiza ababhekene nobudlova basekhaya wawemukela izingcingo ezingaphezu kuka-16 ngomzuzu. Ubudlova basekhaya buyinkinga yomhlaba wonke, buhlanganisa zonke izinhlobo zabantu, izigaba zezomnotho namaqembu omphakathi. Ngenxa yokuthi izigameko eziningi azibikwa, akungabazeki ukuthi isimo sibi kakhulu kunalokho okuboniswa izibalo.b

Imibiko yobudlova basekhaya iphakamisa le mibuzo: Kwenzeka kanjani ukuba indoda ifinyelele eqophelweni lokuphatha umuntu kabi kanje—ingasaphathwa eyomkayo? Ingabe amadoda ashaya omkawo angasizwa?

OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bakholelwa ukuthi iseluleko seBhayibheli esiwusizo singabasiza abangane bomshado abanobudlova bashintshe. Ingabe ukwenza lolo shintsho kulula? Cha. Ingabe kungenzeka? Yebo! Imfundo yeBhayibheli iye yasiza abaningi ababeyizidlova ukuba babe nomusa nenhlonipho. (Kolose 3:8-10) Cabanga ngendaba kaTroy noValerie.

Babunjani ubuhlobo benu ekuqaleni?

UValerie: Ngobusuku esathembisana ngabo umshado, uTroy wangishaya ngenkulu impama kangangokuba ngavuvukala isonto lonke. Waxolisa kakhulu futhi wathembisa ukuthi ngeke aphinde angishaye. Eminyakeni eyalandela, lawo mazwi aba yiculo lakhe.

UTroy: Ngangicasulwa yinoma yini—ngokwesibonelo, ukulethelwa ukudla sekwephuzile. Ngolunye usuku uValerie ngamshaya ngesidunu sesibhamu. Kanti kwesinye isehlakalo, ngamshaya kangangokuba ngaze ngacabanga ukuthi sengimbulele. Ngabuye ngazama ukumesabisa ngokubulala indodana yethu ngiyibeka ummese emqaleni.

UValerie: Ngangiphila ngokwesaba. Ngezinye izikhathi kwakudingeka ngibaleke endlini kuze kube yilapho uTroy esehlise umoya. Kukho konke lokho, ngathola ukuthi ukungihlukumeza kwakhe ngamazwi kwakunzima kakhulu ukukubekezelela kunokungishaya.

Troy, ingabe ubulokhu ungumuntu onobudlova?

UTroy: Yebo, ngaqala ngisemncane. Ngakhulela endaweni enobudlova. Ubaba wayehlale eshaya umama phambi kwami nezingane zakithi. Ngemva kokuba esehambile, umama wathandana nenye indoda futhi nayo yayimshaya. Yaphinde yadlwengula udadewethu kanye nami. Ngenxa yalokho yaboshwa. Ngiyavuma ukuthi konke lokhu akukuthetheleli ukuziphatha kwami.

Valerie, kungani waqhubeka uhleli kulo mshado?

UValerie: Ngangesaba. Ngacabanga, ‘Ngiyokwenzenjani uma engifuna aze angithole abese engibulala noma abulale abazali bami? Kuthiwani uma ngiyiveza indaba bese isimo siba sibi nakakhulu?’

Zaqala nini ukushintsha izinto?

UTroy: Umkami waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ekuqaleni, nganginesikhwele ngalaba bangane bakhe abasha futhi ngangicabanga ukuthi kudingeka ngimvikele kuleli “sonto” elixakile. Ngakho, ngaba nobudlova ngisho nakakhulu, hhayi kuValerie nje kuphela kodwa nakoFakazi. Kodwa ngolunye usuku, indodana yethu eneminyaka emine, uDaniel, eyayinesithuthwane, yalaliswa esibhedlela kwacishe kwaphela amasonto amathathu. Phakathi naleso sikhathi, oFakazi basenzela okuningi—baze ngisho bagada noDesiree, indodakazi yethu eneminyaka eyisithupha. Ngemva kokuba ebesebenza ebusuku, omunye uFakazi wachitha usuku lonke noDaniel ukuze uValerie akwazi ukulala. Umusa walabo bantu—bona kanye labo engangibedelela—wangithinta ngokujulile. Ngaqaphela ukuthi lawa kwakungamaKristu eqiniso ngempela, ngakho ngacela oFakazi ukuba bangifundele iBhayibheli. Phakathi nokufunda kwami, ngafunda indlela indoda okufanele iphathe ngayo umkayo nendlela okungafanele imphathe ngayo. Ngayeka ngokuphelele ukuba isidlova nokuhlukumeza. Ekugcineni, ngaba omunye woFakazi BakaJehova.

Iziphi izimiso zeBhayibheli ezakusiza ukuba ushintshe?

UTroy: Ziningi kakhulu. Encwadini ka-1 Petru 3:7, iBhayibheli lithi kufanele ‘ngimazise’ umkami. EyabaseGalathiya 5:23 ikhuthaza “ubumnene” ‘nokuzithiba.’ Eyabase-Efesu 4:31 ilahla ‘ukuhlambalaza.’ EyamaHebheru 4:13 ithi “zonke izinto . . . zenekwe obala” kuNkulunkulu. Ngakho uNkulunkulu uyakubona ukuziphatha kwami, ngisho noma omakhelwane bami bengakuboni. Ngafunda nokuthi kwakudingeka ngishintshe abangane, njengoba “ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Empeleni abangane bami bakudala babengikhuthaza ukuba ngibe yisidlova. Babenomuzwa wokuthi umfazi kufanele ashaywe ukuze “angaphumi endleleni.”

Nizizwa kanjani ngomshado wenu manje?

UValerie: Sekuyiminyaka engu-25 uTroy aba omunye woFakazi BakaJehova. Kusukela ngaleso sikhathi, uye wangibonisa uthando lwangempela, umusa nokucabangela.

UTroy: Anginakubushintsha ububi engabenza emndenini wami, futhi umkami wayengakufanelekeli nhlobo ukuphathwa ngendlela engangimphatha ngayo. Kodwa ngilangazelela ukugcwaliseka kuka-Isaya 65:17, lapho le ngxenye embi yomlando wethu iyolibaleka khona.

Isiphi iseluleko ngamunye wenu angasinikeza imikhaya enenkinga yobudlova?

UTroy: Uma unenkinga yokushaya amalungu omkhaya wakho noma yokuwahlukumeza ngamazwi, kwamukele ukuthi udinga usizo futhi ulufune. Luningi usizo olutholakalayo. Okwangisiza mina ukuba nginqobe umkhuba wokuba nobudlova owase ugxilile kimi, ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova nokuhlanganyela nabo.

UValerie: Ungasheshi uqhathanise isimo sakho nesomunye umuntu noma ulalele izeluleko zabantu abacabanga ukuthi bayakwazi okukulungele kangcono. Nakuba abantu bengeke babe nesiphetho esifanayo bonke, ngiyajabula ngokuthi angizange ngiphume emshadweni wami, ngoba manje sijabulela ubuhlobo obuhle.

UKUQEDWA KOBUDLOVA BASEKHAYA

Ukufunda iBhayibheli kusize amadoda amaningi ukuba enze izinguquko ezidingekayo

IBhayibheli lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto.” (2 Thimothewu 3:16) NjengoTroy, okukhulunywe ngaye ngenhla, iningi labangane bomshado abahlukumezayo liye lasebenzisa iseluleko seBhayibheli futhi lakwazi ukushintsha ukucabanga nokuziphatha kwalo.

Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngendlela iBhayibheli elingawuzuzisa ngayo umshado wakho? Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe xhumana noFakazi BakaJehova endaweni yakini, noma uye engosini ethi www.pr2711.com/zu.

a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

b Kuyavunywa ukuthi kunamadoda amaningana ashaywa abafazi. Nokho, ezigamekweni eziningi ezibikwayo zobudlova basekhaya, amadoda yiwo asuke eshaya omkawo.

KUNGANI BENGABASHIYI?

Kungani amanye amakhosikazi ekhetha ukuhlala nabayeni abanobudlova? Isizathu esivamile siwukwesaba ukuthi bazobahlukumeza nakakhulu uma bebashiya. Amanye amadoda aye esabisa ngokubalimaza ngisho nangokubabulala omkawo uma bezama ukubaleka. Maningi aye ababulala ngempela.

Abanye baye bangabaza ukuhamba ngoba besaba ukuthi abangane babo kanye nezihlobo bazobaphendukela, bangavumi ukukholelwa ukuthi bebebhekene nesimo esinzima kangako emizini yabo. Ngokwesibonelo, u-Isabel okukhulunywe ngesibonelo sakhe ekuqaleni kwalesi sihloko, wamshiya umyeni wakhe. Uyalandisa: “Udadewethu wayengithukuthelele kakhulu, enginxusa ukuba ngibuyele kumyeni wami. Wayengakholwa ukuthi indoda ‘ekahle’ kanje yayingaba nonya ngaleyo ndlela. Bonke omakhelwane babengixwaya, khona-ke ngaphoqeka ukuba ngithathe abantwana bami ngihambe.”

Nazi ezinye izizathu ezenza amanye amakhosikazi akhethe ukuhlala:

  • Afuna ukuba izingane zikhule zinabo bobabili abazali.

  • Akhathazwa ukuthi ayokwazi yini ukuzondla wona kanye nabantwana.

  • Anenkolelo eyiphutha yokuthi yiwona ayimbangela yobudlova.

  • Anamahloni okuvuma ukuthi ayahlukunyezwa.

  • Anethemba lokuthi izinto zizoba ngcono.

OFakazi BakaJehova banamathela esimisweni seBhayibheli sokuthi okuwukuphela kwesizathu sesehlukaniso ukuphinga. (Mathewu 5:32) Kodwa, zikhona izimo ezingase zibaphoqe abanye ukuba bahlale ngokwehlukana, ezihlanganisa izenzo ezedlulele zokuphathwa ngobudlova.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZIWUSIZO KUBAYENI

  • Phatha umkakho ngenhlonipho.—1 Petru 3:7.

  • Thanda umkakho njengomzimba wakho siqu.—Efesu 5:28, 29.

  • Gcina uthando lwakho luvutha futhi lukhula.—Efesu 5:25.

  • Gwema inkulumo ehlambalazayo.—Efesu 4:29, 31.

  • Hlakulela ukuzithiba.—IzAga 29:11.

  • Yazi ukuthi ukuzihlonipha akutholakali ngokulawula abanye, kodwa ngokukwazi ukuzilawula.—IzAga 16:32.

  • Cabanga ngemiphumela yezenzo zakho.—Galathiya 6:7.

  • Uma uzwa sengathi uzohluleka ukuzibamba, kungaba ngcono uhambe.—IzAga 17:14.

  • Funda ukukuzonda ukuziphatha kobudlova.—IHubo 11:5.

  • Ungabheki umkakho njengongaphansi kwakho, kodwa njengomuntu obambisene naye okwaziyo ukufeza indima yakhe.—Genesise 1:31; 2:18.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela