Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/13 k. 3
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2013
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • E-Italy
  • E-Armenia
  • EJapane
  • EChina
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2012
  • Umbiko wezomthetho
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Indlela Yokubhekana Novivinyo Lokuminyana Kwezimoto
    I-Phaphama!—2007
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 10/13 k. 3

Ukubuka Okwezwe

E-Italy

Ngo-2011 e-Italy, kwakudayiswa amabhayisikili amaningi kunezimoto. Phakathi kwezizathu okungenzeka zaziyimbangela yalokhu, izinkinga zezomnotho, izindleko zikaphethiloli nezokugcina imoto isesimweni esihle. Ngakolunye uhlangothi, akubizi kangako ukugcina amabhayisikili esesimweni esihle, kulula nokuwasebenzisa futhi enza ukuphila kube lula.

E-Armenia

INkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu ikhiphe isinqumo sokuthi uhulumeni wase-Armenia akawahloniphanga amalungelo ezinsizwa ezingu-17 ezingoFakazi BakaJehova, ezaboshwa ngemva kokwenqaba ukwenza inkonzo yomphakathi ngaphansi kokuqondisa kweziphathimandla zezempi. Uhulumeni kwadingeka ukuba akhokhele wonke umonakalo kanye nezindleko zomthetho zalezi zinsizwa ezingu-17.

EJapane

Ezinganeni ezaba yizisulu zobugebengu obenziwa ezingosini zokuxhumana, ezingamaphesenti angu-63 zazingakaze zithole isixwayiso esivela kubazali bazo ngezingozi ezingadalwa yilokhu. Emacaleni angu-599 aqulwa, abangamaphesenti angu-74 kulabo abasolwa ngokubandakanyeka kulo mkhuba, bavuma ukuthi injongo yabo yokungena kulezi zingosi kwakuwukuhlanganyela ubulili nezingane.

EChina

Emizamweni yawo yokunciphisa isiminyaminya sezimoto, amadolobha amakhulu anciphisa inani lezimoto ezintsha ezibhaliswayo. Ngokwesibonelo, eBeijing izimoto ezizobhaliswa ngeke zeqe ku-240 000 ngonyaka. Ngo-August 2012, abantu abangaba ngu-1 050-000 bangenela i-lotto eyabanikeza izitifiketi zokubhalisa izimoto ezingu-19 926, okusho ukuthi umuntu oyedwa kuphela kwabangu-53 owaphumelela.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela