Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/13 kk. 8-11
  • Izinto Ezintathu Ezingenakuthengwa Ngemali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinto Ezintathu Ezingenakuthengwa Ngemali
  • I-Phaphama!—2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbono Olinganiselayo Ngemali
    I-Phaphama!—2015
  • Ingabe Imali Iyimpande Yakho Konke Okubi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Indlela Yokusebenzisa Imali
    Umndeni Wakho Ungajabula
  • Imali
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2013
g 10/13 kk. 8-11

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Izinto Ezintathu Ezingenakuthengwa Ngemali

LOKHU kubonakala kuyindida: Ngisho noma abantu besengozini yokulahlekelwa umsebenzi, umuzi wabo ngisho nempesheni imbala, abaningi basuke besalangezelela ukuthola noma yini engathengwa ngemali.

Abantu abanjalo bayizisulu ezilula zabakhangisi, abaqhuba imikhankaso yokukhangisa eyengayo esitshela ukuthi kumelwe sibe nemizi emikhulu, imoto engcono nezingubo zegama. Kuthiwani uma ungenamali? Akunankinga—ungathenga ngesikweletu! Kwabaningi, umgomo uwukubonakala sengathi bami kahle ngokwezimali ngisho noma bengene shí ezikweletini.

Kodwa, ngokushesha kuzomelwe babhekane namaqiniso. Incwadi ethi The Narcissism Epidemic ithi, “Ukuthenga izinto eziwubukhazikhazi ngesikweletu ukuze uzizwe futhi ubukeke njengomuntu omi kahle ngokwezimali, kufana nokudla izidakamizwa ukuze uzizwe ujabule. Kokubili lokhu ekuqaleni kubonakala kushibhile futhi kusebenza kahle, kodwa lokho kuba okwesikhashana nje. Ngokuhamba kwesikhathi, lokhu kukushiya ungenamali futhi ucindezelekile.”

IBhayibheli lidalula ubuwula balokho elikubiza ngokuthi ‘ukugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.’ (1 Johane 2:16) Iqiniso liwukuthi, ukuthanda kakhulu izinto kuyasithikameza ezintweni ezibaluleke kakhulu ekuphileni—izinto ezingenakuthengwa ngemali. Cabangela izibonelo ezintathu.

1. UBUNYE BOMKHAYA

UBrianne,a osemusha wase-United States, unomuzwa wokuthi uyise ubheka umsebenzi wakhe kanye nemali ayithola kuwo njengokubaluleke kakhulu. Uthi: “Sinakho konke esikudingayo nesingakudingi, kodwa ubaba akahlali ekhaya ngoba uhamba njalo. Ngiyazi ukuthi kungenxa yomsebenzi wakhe, kodwa ngicabanga ukuthi unomthwalo wemfanelo nasemkhayeni wakhe!”

Ongacabanga ngakho: Ikuphi ukuzisola ubaba kaBrianne angase abhekane nakho kamuva ekuphileni? Ukugxila kwakhe kakhulu ezintweni ezibonakalayo, kubuthinta kanjani ubuhlobo bakhe nendodakazi yakhe? Yini umkhaya wakhe oyidinga kakhulu kuye kunemali?

Izimiso zeBhayibheli ongazicabangela:

  • “Ukuthanda imali kubanga izinkinga eziningi. Abanye abantu bafuna imali kangangokuba baye . . . bazibangela ubuhlungu obukhulu.”—1 Thimothewu 6:10, Contemporary English Version.

  • “Kungcono ukudla imifino kanye nabantu obathandayo kunokudla inyama emnandi kanye nabantu abanenzondo.”—IzAga 15:17, Good News Translation.

Isiphetho sendaba: Imali ayinakuwenza umkhaya ubumbane. Lokho kwenzeka kuphela ngokuchitha isikhathi nomkhaya wakho nokuwunika uthando olwanele futhi uwunake.—Kolose 3:18-21.

2. UKULONDEKA KWANGEMPELA

USarah, oneminyaka engu-17, uthi: “Umama uhlale engitshela ukuthi kufanele ngishade nendoda ecebile futhi ngifundele umsebenzi othile ukuze ngikwazi ukuzimela uma izinto zingahambi kahle emshadweni. Okuwukuphela kwento okubonakala isengqondweni yakhe ukuthi uzoyenza kanjani imali.”

Ongacabanga ngakho: Lapho ucabanga ngekusasa, iziphi izizathu ezizwakalayo zokukhathazeka onazo? Kunini lapho lokho kukhathazeka okufanele kungaba ukukhathazeka ngokweqile? Umama kaSarah ubengasinikeza kanjani iseluleko esinokulinganisela ngokulondeka okungokwezimali?

Izimiso zeBhayibheli ongazicabangela:

  • “Yekani ukuzibekelela ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe.”—Mathewu 6:19.

  • ‘Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.’—Jakobe 4:14.

Isiphetho sendaba: Ukuba nekusasa elilondekile kudinga okungaphezu kokuqongelela imali. Kakade imali ingebiwa—futhi ngeke iselaphe isifo noma ivikele umuntu ekufeni. (UmShumayeli 7:12) IBhayibheli lifundisa ukuthi ukulondeka kwangempela kutholakala ngokwazi uNkulunkulu nenjongo yakhe.—Johane 17:3.

3. UKWANELISEKA

UTanya oneminyaka engu-24, uthi: “Abazali bami bangifundisa ukuphila ukuphila okulula. Mina nodadewethu engiyiwele naye sakhula sijabule, ngisho noma sasinezinto nje eziyisisekelo.”

Ongacabanga ngakho: Kungani kungase kube nzima ukwaneliswa yizinto eziyisisekelo? Uma kuziwa endabeni yemali, yisiphi isibonelo osibekela umkhaya wakho?

Izimiso zeBhayibheli ongazicabangela:

  • “Uma sinokudla nokokwembatha, siyokwaneliswa yilezi zinto.”—1 Thimothewu 6: 8.

  • “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.

Isiphetho sendaba: Kunokuningi okungatholakala ekuphileni kunemali nezinto ezingathengwa ngayo. Empeleni, kunjengoba iBhayibheli lisho: “Ngisho nalapho umuntu enensada ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Ngempela, ukwaneliseka okukhulu ekuphileni kutholakala ngokwazi izimpendulo zemibuzo ebalulekile enjengale:

  • Kungani silapha?

  • Lisiphatheleni ikusasa?

  • Ngingasanelisa kanjani isidingo sami esingokomoya?

OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bayokujabulela ukukusiza ukuba uthole izimpendulo zaleyo mibuzo.

a Amagama kulesi sihloko ashintshiwe.

Ingabe Iyisihluthulelo Senjabulo?

I-Narcissism Epidemic, ithi: “Ngokuvamile abantu abathanda izinto ezibonakalayo abajabule futhi bacindezeleke kakhudlwana. Ngisho nabantu abafisayo nje ukuba nemali eningi baba nenkinga yezifo zengqondo; kanti babuye bakhale ngezinkinga eziningi zempilo njengobuhlungu bomphimbo, obeqolo nobekhanda futhi maningi amathuba okuba baphuze ngokweqile basebenzise nezidakamizwa ezingekho emthethweni. Ngokusobala, ukulwela ukuba nemali kwenza abantu bangajabuli nhlobo.”

“Ushintsho Ezintweni Ezibhekwa Njengezibalulekile”

“Lapho bebuzwa ngezizathu zokuya ekolishi ngeminyaka yawo-1960 nasekuqaleni kwawo-1970, abafundi abaningi babethi okubaluleke kakhulu ‘ukuba umuntu ofundile’ noma ‘ukuba nombono ovulekile ngokuphila.’ Bambalwa ababebheka ‘ukwenza imali eningi’ njengesizathu esiyinhloko sokuya ekolishi. Ekuqaleni kwawo-1990, iningi labafundi lase lithi ‘ukwenza imali eningi’ sekuyisona sizathu esibaluleke kakhulu sokuya ekolishi . . . Lolu shintsho ezintweni abafundi basekolishi abazibheka njengezibalulekile lwenzeka ngesikhathi esifanayo naleso okuye kwenyuka ngaso kakhulu izinga lokucindezeleka, ukuzibulala nezinye izinkinga zengqondo kuleli qembu lentsha.”—Incwadi ethi The Price of Privilege, ka-Dkt. Madeline Levine.

“Ukuzelapha Ngokuthenga”

Ngokukadokotela uMadeline Levine, ukuthenga kungagcina sekuyindlela “yokuzelapha” eyenza abantu baduduzeke ngezinga elithile kuleli zwe lapho imikhaya, umphakathi namasonto kubadumaza khona. Uyabhala encwadini yakhe ethi The Price of Privilege, “Ukuthenga kungenye yezindlela esilawula ngazo izimo esiphila ngaphansi kwazo.” ULevine uthi: “Kusenza sibe negunya lokusebenzisa imali futhi kwenza othengayo azizwe enamandla. Lolu hlobo lwamandla luyakhohlisa . . . Amandla angempela awezinkampani ezinkulu nabakhangisi bazo, abakhokhelwayo ukuze batshele abantu ukuthi izinto ezidayiswayo zinika umthengi amandla amangalisayo nesivikelo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela