Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/14 k. 7
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwe Ase-Afrika Eseningizimu YeSahara
  • E-Italy
  • EJapane
  • EBrazil
  • Ingabe Ulazi Kahle Kangakanani IBhayibheli?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2000
  • Kusho Ukuthini Ukuba Yilungu Lesonto?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • “Umshayabhuqe Ongokwezimali”
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 1/14 k. 7

UKUBUKA OKWEZWE

Amazwe Ase-Afrika Eseningizimu YeSahara

Umama wasezweni elise-Afrika eseningizimu ye-Sahara nomntanakhe

“Zingamaphesenti angu-38 kuphela izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu ezinezitifiketi zokuzalwa,” kusho umbiko we-UNICEF ngokuphathelene namazwe ase-Afrika eseNingizimu yeSahara. Kodwa, kwezinye izindawo kulawo mazwe, “izitifiketi zokuzalwa zibalulekile ukuze izingane zithole ukunakekelwa kwezempilo nemfundo, nokuba izintandane zikwazi ukuthola ifa elishiywe abazali bazo,” kusho u-Elke Wisch, oyisekela lomqondisi we-UNICEF engxenyeni ye-Afrika esempumalanga neseningizimu.

E-Italy

Osemusha wase-Italy exhashazwa kuyi-Internet

Enye inhlolo-vo yaveza ukuthi, into eyesatshwa kakhulu yintsha yase-Italy ukuhlukunyezwa ngezinye izingane nge-Internet. Phakathi kwentsha eneminyaka engu-12 kuya kwengu-17, ingamaphesenti angu-72 esaba lolu hlobo lokuhlukunyezwa. Iyinani elikhulu kunaleyo eyesaba izidakamizwa (engamaphesenti angu-55), naleyo eyesaba ukunukubezwa umuntu omdala (engamaphesenti angu-44), noma leyo eyesaba ukuthola isifo esithathelwana ngocansi (engamaphesenti angu-24).

EJapane

Insizwa yaseJapane

Njengoba kwabikwa kuyi-Japan Times, liyanda inani labantu abasebasha eJapane elenqabayo ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme emsebenzini. Abangamaphesenti angu-40 bakhala ngokuntuleka kwesimilo nokwanda kwezenzo zokungathembeki. Izisebenzi eziningi zizithola zingakwazi ukuveza imibono yazo noma ukukhuluma ngenkululeko nalabo abaziphethe. Nakuba isizukulwane esesikhulile sinamathela ngokwethembeka kubaqashi baso, abasha abangamaphesenti angu-60 manje sebemane baqhubeke nje nomsebenzi kuze kube yilapho bethola ongcono.

EBrazil

Isibhamu

Kusukela ngo-1980 kuya ku-2010, bacishe babe ngu-800 000 abantu ababulawa ngezibhamu eBrazil. Izisulu ezingaphezu kuka-450 000 zazineminyaka ephakathi kwengu-15 nengu-29 ubudala. Ucwaningo lwamacala amuva lwembula ukuthi lokhu kubulawa kwabantu ngokuvamile kubangelwa izingxabano zasekhaya, ukuxabana nomakhelwane, umona noma ukuhilizisana phakathi kwabashayeli bezimoto.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela