Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 1/15 k. 7
  • Ingabe Ulazi Kahle Kangakanani IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ulazi Kahle Kangakanani IBhayibheli?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kusho Ukuthini Ukuba Yilungu Lesonto?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Incwadi Intsha Eningi Engayithandi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2000
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 1/15 k. 7

Ingabe Ulazi Kahle Kangakanani IBhayibheli?

‘Incwadi kaTomase? Ngokuqinisekile, leyo ikhona eBhayibhelini. Kodwa incwadi kaJona ayikho. Indawo uKristu azalelwa kuyo? Oh, kuseJerusalema—noma ingabe kwakuseNazaretha? Angiqiniseki ngempela ngokuthi incwadi kaIsaya isengxenyeni yokuqala yini noma yesibili yeBhayibheli. Inani labaphostoli? Angilazi ngempela.’

“LEMIPHUMELA yokuhlola ibingase ingamangalisi ukuba lokhu kwaziswa bekuye kwaqoqwa phakathi kwabangemaKristu kuphela,” kusho umagazini iChristianity Today. “Okumangalisayo—nokuphazamisayo—izinga lokungayazi imiBhalo elatholakala phakathi kwamaKristu azelwe kabusha.”

Ngokwesibonelo, amaphesenti angu-22 abazisholo ukuthi bangamaKristu ahlolwa ayecabanga ukuthi incwadi kaTomase ikhona ngempela eBhayibhelini, kuyilapho amaphesenti angu-13 ayengaqiniseki. Ngokuqondene nekaJona, amaphesenti angu-27 athi ayikho eBhayibhelini, futhi amaphesenti angu-12 ayengazi. Amaphesenti ayisithupha ayengenakuqagela ngisho nokuqagela ukuthi uKristu wazalelwaphi, kuyilapho amaphesenti angu-16 athi kuseJerusalema, futhi amaphesenti angu-8 athi kuseNazaretha. Amaphesenti angu-13 wonke ayengazi ukuthi incwadi kaIsaya ingatholakalaphi eBhayibhelini, kuyilapho amaphesenti angu-11 athi isemiBhalweni YamaKristu YesiGreki (“iTestamente Elisha”). Futhi njengoba abaningi babazi ukuthi abaphostoli babengu-12, amaphesenti angu-12 anikeza elinye inani, elisukela ku-2 kuya kwelingaphezu kuka-20, futhi amaphesenti angu-10 ayengazi nhlobo.

Umbuzo owaba yinkinga enkulu wawuwukuthi amazwi athi “uNkulunkulu usiza abazisizayo” akhona yini eBhayibhelini noma cha. Amaphesenti angu-38 kuphela “amaKristu” ahlolwa ayazi ukuthi awekho ndawo eBhayibhelini, kuyilapho inani elikhulu, amaphesenti angu-42, ayecabanga ukuthi ayeyingcaphuno yeBhayibheli. Abanye babengazi.

IChristianity Today iyabuza: “Kungani kunokungalazi okukhulu kangaka iBhayibheli? Ngokunokwenzeka, kubangelwa ukungalifundi iBhayibheli. Ingxenye yabo bonke abantu baseMelika ayilifundi iBhayibheli. Iningi lamaKristu azelwe kabusha afunda iBhayibheli kanye noma kabili ngesonto, noma awalifundi kwanhlobo. Yingakho amaKristu amaningi kangaka enolwazi oluncane kangaka ngemiBhalo!”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela