Kusho Ukuthini Ukuba Yilungu Lesonto?
“Kukhona abaningi abasakholwa nabahlanganyelayo,” kusho umhloli eHartford Seminary Foundation ngemiphumela yokuhlola okwenziwe endaweni enkulu yaseBoston eMassachusetts. Amaphesenti angamashumi ayisishiyagalolunye abantu abahlolwa athi ayakholelwa kuNkulunkulu futhi angaphezu kwama-70 athi angamalungu esonto.
Nokho, i“Globe” yaseBoston, eyayigqugquzela ukuhlola, yaphawula ukuthi “inkolo ehleliwe ibonakala inethonya elincane kubantu ngabanye.” Kungani? Amaphesenti amahlanu kuphela awo wonke umphakathi athi ayaya kumfundisi ayocela iseluleko lapho “esenkathazweni engathi sína,” futhi amaphesenti ayi-7 kuphela amalungu esonto athi ayokwenza kanjalo.
Ukuhlola futhi kubonisa ukuthi “inani elikhulu lamalungu esonto alilifundi iBhayibheli, alibongi ngaphambi kokudla futhi aliyi njalo esontweni.” Phakathi kwabathi bangamaKatholika, amaphesenti ayi-11 kuphela alifunda njalo iBhayibheli futhi ayisishiyagalombili kuphela alisebenzisa njengomqondisi. KumaProtestandi, inani lokufanayo lingamaphesenti angama-23 namaphesenti ayi-15.
IBhayibheli labikezela ukuthi kuyoba khona isikhathi lapho abantu babeyoba ‘nesimo sokumesaba uNkulunkulu’ kodwa ‘amandla akhe bawaphike.’ Leyo incazelo yomphostoli uPawulu ngeningi labathi bangamaKristu phakathi ‘nezinsuku zokugcina.’ (2 Thim. 3:1-5) Ingabe uyawubona umbhalo wesandla osobondeni?