Isifundo 1
Ubani owenza umhlaba?
Ubani owenza ulwandle?
Ubani owadala mina nawe?
Ubani owenza uvemvanena namaphiko alo amibalabala?
UJehova uNkulunkulu wadala zonke izinto.
ENINGAKWENZA
Fundela umntanakho:
Cela umntanakho akhombe:
Izinkanyezi Amafu Ilanga
Isikebhe Ufishi Indlu
Ulwandle Uvemvane
Buza umntanakho:
Ubani igama likaNkulunkulu?
Uhlalaphi uJehova?
Yiziphi izinto azidala?
[Isithombe emakhasini 4, 5]