Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/09 k. 24
  • Iphiko Lezilwane Ezindizayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iphiko Lezilwane Ezindizayo
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula
    I-Phaphama!—2014
  • Imfumbe Yokundiza Kwesinambuzane Iyaxazululeka
    I-Phaphama!—1997
  • Izinambuzane Ezimangalisayo Zenza Izindiza-mshini Zabantu Zingabi Yilutho
    I-Phaphama!—1992
  • Ukuphila Okumangalisayo Kwezinambuzane
    I-Phaphama!—2000
I-Phaphama!—2009
g 2/09 k. 24

Ingabe Laklanywa?

Iphiko Lezilwane Ezindizayo

◼ Ucabanga ukuthi ikuphi okungompetha emoyeni? Izindiza noma izilwane ezinjengamalulwane, izinambuzane nezinyoni? Ngeke ukholwe ukuthi indiza ayilutho uma iqhathaniswa nalezi zimangaliso ezincane zemvelo, “ezinamakhono ayingqayizivele okuqhubeka zindiza noma kuneziphepho, imvula neqhwa,” kusho uWei Shyy, onguprofesa wobunjiniyela bezindiza e-University of Michigan.a Iyini imfihlo yazo? Amaphiko abhakuzayo—okuyisifiso abaklami bezindiza abebelokhu befisa ukusifinyelela kusukela baqala ukuzama ukundiza.

Ake ucabange: Lapho ezinye izinyoni nezinambuzane zindiza, amaphiko azo ashintsha indlela ami ngayo njalo ukuze avumelane nendawo ezikuyo. Lokhu kuzisiza ukuba zintweze emoyeni futhi zijike ngokushesha. Umagazini i-Science News ubika lokho okuye kwaqashelwa ngamalulwane: “Lapho endiza ngejubane elingatheni, elingaba amamitha angu-1,5 ngomzuzwana, amalulwane ayephendula amaphethelo amaphiko awo awabhekise phansi abuye awabhekise phezulu ngokushesha lapho ekhuphuka. Ososayensi [baye] baphetha ngokuthi lesi senzo . . . siwenza akwazi ukukhuphuka nokushesha.”

Ngokuqinisekile, kuningi esisazokufunda ngezilwane ezindizayo. UPeter Ifju, onguprofesa wobunjiniyela bezemishini nokuklanywa kwezindiza e-University of Florida, uyabuza: “Yini lezi zilwane eziyenzayo ngemizimba yazo emoyeni ukuze zikwazi ukushesha kakhulu kangaka?” Uyanezela: “Lezi yizo zonke izinhlobo zesayensi yezokundiza esingaziqondi nhlobo. Siyakubona lokho [izinyoni nezinambuzane] ezikwenzayo, kodwa asiqondi ukuthi kuwuthinta kanjani umoya.”

Wena ucabangani? Ingabe iphiko lezilwane elivumelana nezimo laba khona ngengozi? Noma ingabe laklanywa?

[Umbhalo waphansi]

a Nakuba izinyoni eziningi zingandiza noma lina, iningi lazo lifuna indawo yokukhosela.

[Isithombe ekhasini 24]

I-“hummingbird” enoqhwaku olukhulu

[Umthombo]

Laurie Excell/Fogstock/ age fotostock

[Isithombe ekhasini 24]

Ilulwane

[Umthombo]

© Delpho, M/age fotostock

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela