Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w91 9/1 k. 9
  • Waqiniseka Lapho UseKathmandu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Waqiniseka Lapho UseKathmandu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Lwasithinta Kakhulu Uthando Abasibonisa Lona!”
    I-Phaphama!—2017
  • IZindaba Ezingokwasezulwini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • ‘Umuzi Onezisekelo Ezingokoqobo’
    I-Phaphama!—1994
  • Ngaba Nokuthula NoNkulunkulu Nomama
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
w91 9/1 k. 9

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Waqiniseka Lapho UseKathmandu

UMDWEBI othile waqalisa ukufuna kwakhe iqiniso lapho eseBrittany, eFrance, ngo-1980. Wayexoxe nabeSonto Likamoya futhi wahlola izinkolo zaseMpumalanga—wangathola kwaneliseka. Khona-ke waba nezingxoxo ezithile nomunye woFakazi BakaJehova kodwa ngokushesha wayeka. Wahlangana nomunye umdwebi futhi waqala ukusebenza nokuhlala naye.

Ngokushesha ngemva kwalokhu lombhangqwana ongashadile wanquma ukuvakashela eNepal. Wahlabeka umxhwele kakhulu wubuhle nokuthula kwalelozwe kodwa wadunyazwa isimo sokuhlukaniswa kwabantu ngezigaba, owawusibona singalungile njengoba wawujwayele isimiso saseNtshonalanga.

Lapho uphindela eFrance, lona wesifazane wasikisela kulomngane wakhe ukuthi bafunde iBhayibheli ndawonye, futhi wamangaliswa ukuthi wavuma. Bathintana noFakazi ayeke waxoxa naye eminyakeni emibili ngaphambili. Ekuqaleni basebenzisa iBhayibheli kuphela, kodwa ekugcineni bavuma ukusebenzisa incwadi ethi IQiniso eliholela ekuPhileni okuPhakade futhi kamuva incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Ngaphambi kokuba kuphele unyaka bayeka ukusebenzisa izidakamizwa.

Ngemva kokuphinda uvakashele eNepal izinyanga ezimbili, lombhangqwana waphindela eFrance lapho waqhubeka khona nokufunda. Wayeka ukubhema nokuya ezinkantini nakumanightclub futhi waqala ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Nokho, lapho uqeda incwadi ethi Ungaphila Phakade, wanquma ukuyeka ukufunda.

Waphinda futhi waya eNepal, lapho wahlala khona endlini encanyana esesinqeni seziNtaba iHimalaya. Ngolunye usuku indoda esikhulile, eyayigqoke isudi nothayi, yangqongqoza endlini yawo. Owesifazane wayeyedwa endlini, futhi wacabanga ukuthi kumelwe ukuba yayingumthengi wemidwebo ozele ukuzobona imidwebo yawo. Owesifazane wamangaliswa ukuthi yayiwuFakazi owayethunyelwe umuntu owayefunde nawo eFrance. Ngokushesha umngane wakhe wabuyela ekhaya, futhi kwalandela ingxoxo eyathatha amahora amabili.

Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, lombhangqwana waba khona emhlanganweni woFakazi BakaJehova eKathmandu futhi wahlatshwa umxhwele kakhulu indlela labo ababekhona ababebonakala behlanzeke ngayo. Waphawula uthando lobuzalwane nenjabulo efana naleyo owawuyibone emihlanganweni eFrance. Futhi waphawula ubunye babantu baseNepal ababekhona, nakuba laba babevela ezigabeni ezihlukene. Manje waqiniseka ukuthi lena kumelwe kube inhlangano kaJehova.

Esikhathini esingangenyanga kamuva waphindela eFrance futhi ngokushesha waqalisa kabusha isifundo sawo seBhayibheli nokuba khona emihlanganweni. Washada, waqala ukuhlanganyela emsebenzini wokufakaza, futhi ekugcineni wabhapathizwa. Indoda manje iyinceku ekhonzayo, futhi umkayo uhlanganyela njalo enkonzweni yamaphayona asizayo. Ngempela, labo abanesimo senhliziyo esilungile bayosizwa umoya kaJehova ukuba bathuthuke futhi babe abakhulekeli bakhe.—IsAmbulo 7:15-17.

[Ibhokisi/Ibalazwe ekhasini 9]

NEPAL

Izakhamuzi - 17 712 221

Inani Eliphakeme Labamemezeli Ngo-1990 - 63

Isilinganiso, Ummemezeli Oyedwa Kwabangu - 281 146

Isilinganiso Sabamemezeli Abangamaphayona - 10

Inani Lamabandla - 1

Isilinganiso Sezifundo ZeBhayibheli - 107

Ababekhona ESikhumbuzweni - 220

[Ibalazwe]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

NEPAL

INDIA

[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]

Endaweni yokuthengisa eKathmandu, eNepal

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela