Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 2 k. 7
  • Indlela Inyosi Ehlala Ngayo Entweni Endizela Kuyo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Inyosi Ehlala Ngayo Entweni Endizela Kuyo
  • I-Phaphama!—2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2017
  • Inyosi Iqhathaniswa Ne-computer
    I-Phaphama!—1995
  • Iso Elibona Nxazonke
    I-Phaphama!—2008
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 2 k. 7
Inyosi ihlala embalini

INGABE KWAKLANYWA?

Indlela Inyosi Ehlala Ngayo Entweni Endizela Kuyo

IZINYOSI zikwazi ukuhlala ngokuphepha entweni ezindizela kuyo, kungakhathaliseki ukuthi leyo nto imi kanjani. Zikwenza kanjani lokho?

Cabanga ngalokhu: Ukuze ihlale ngokuphepha entweni, ngaphambi kokufika kuleyo nto, inyosi kudingeka inciphise isivinini endiza ngaso ize icishe ime nsi. Enye indlela yokukwenza lokhu kungaba ukukala izinto ezimbili—isivinini endiza ngaso kanye nebanga into ezohlala kuyo eqhele ngalo—bese inciphisa isivinini ngezinga elifanele. Nokho, lokhu kungaba nzima ezinambuzaneni eziningi ngenxa yokuthi zinamehlo asondelene futhi anganyakazi, ahlulekayo ukukala ukuthi into iqhele kangakanani.

Indlela amehlo ezinyosi abona ngayo ihluke kakhulu kweyamehlo abantu. Kubonakala sengathi izinyosi zisebenzisa isimiso sokuthi into ibonakala inkulu uma zisondela kuyo. Uma isondela kuyo ngokushesha, nayo iba nkulu ngokushesha. Ucwaningo olwenziwe e-Australian National University lubonisa ukuthi inyosi inciphisa isivinini ngendlela yokuthi izinga into eyibukayo ebonakala ikhula ngalo lingashintshi. Lapho ekugcineni ifika kuleyo nto, isuke isihamba ngesivinini esincane kakhulu, okuyenza ikwazi ukuhlala ngokuphepha.

Incwadi i-Proceedings of the National Academy of Sciences ithi, “Ukuba lula kwendlela inyosi ehlala ngayo entweni endizela kuyo  . . . [kuyenza] ifaneleke kakhulu lapho kwenziwa izinhlelo zokuqondisa amarobhothi andizayo.”

Ucabangani? Ingabe indlela inyosi ehlala ngayo entweni endizela kuyo yazivelela noma yaklanywa?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela