Inyosi Iqhathaniswa Ne-computer
IHLAKANIPHE kangakanani inyosi evamile? Ngokusobala, ihlakaniphe kakhulu kunama-supercomputer anamuhla anamandla kunawo wonke. Futhi ayimishini emincane eyisimangaliso.
Enye yama-computer anamandla kunawo wonke emhlabeni ingafinyelela ijubane lokusebenza elimangalisayo elingama-gigaflop angu-16. Ngolimi oluvamile, i-computer enjalo ingenza izibalo ezilula eziyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-16, ezinjengokuhlanganisa izinombolo ezimbili, umzuzwana ngamunye. Ngokuphambene, ukubalwa okukahle nje kwazo zonke izenzakalo eziphathelene nogesi namakhemikhali ezenzeka ebuchosheni benyosi kubonisa ukuthi inyosi engelutho yenza izinto ezicishe zilingane nezibalo eziyizigidi zezigidi eziyishumi ngomzuzwana. Kuyamangalisa!
Inyosi yenza konke lokhu kuyilapho isebenzisa amandla amancane kakhulu kune-computer. Ngokukamagazini i-Byte, “ubuchopho benyosi busebenzisa ama-microwatt angaphansi kuka-10. . . . Iyidlula cishe ngokuphindwe kamashumi ayisikhombisa i-computer esebenza kahle kunawo wonke akhiwe anamuhla.” Ngakho, ubuchopho bezinyosi obungaphezu kwezigidi eziyishumi bungasebenza ngamandla adingeka kuyi-bulb yokukhanyisa eyodwa engama-watt angu-100. I-computer yanamuhla esebenza kahle kunawo wonke isebenzisa amandla aphindwe izikhathi ezingamakhulu ezigidi kunalokho ukuze yenze izinto ezicishe zilingane nalezo.
Nakuba kunjalo, izinyosi zenza okuningi kakhulu kunama-computer. Zikwazi ukubona imibala, ukuhogela, ukundiza, ukuhamba nokuziqondisa zingawi. Ziyakwazi ukuhamba amabanga amade ukuze zithole imithombo yompe bese zibuyela esidlekeni sazo futhi zinikezane iziyalezo zendlela yokuya lapho. Futhi zingabathaki bamakhemikhali abahle impela. Zihlanganisa ama-enzyme akhethekile nompe ukuze zakhe uju. Zakha umovu osetshenziswa ekwakheni nasekulungiseni izidleke zazo. Zilungiselela abantwana bazo ukudla okukhethekile, njenge-royal jelly ne-beebread. Zivikela ikhaya lazo ngokubona izivakashi ezingamukelwe bese zizixosha.
Njengoba zingabanakekeli bamakhaya abahle, zikhipha izibi nenye imfucumfucu njalo esidlekeni. Zilawula izinga lokushisa esidlekeni ngokuqoqana ndawonye ukuze kufudumale ebusika noma ngokuphephezela ngaphakathi kungene umoya oncwaba nokufafaza amanzi ehlobo. Lapho ikhaya lazo liminyana kakhulu, izinyosi zihlakaniphile futhi ziyazi ukuthi ezinye kufanele zihambe. Ngakho zimisa indlovukazi entsha yalesisidleke esidala, bese indlovukazi endala neziningi zezisebenzi zihamba ndawonye ziyokwakha iqulo elisha. Nokho, okokuqala kuthunyelwa amavulandlela ukuba ayohlola izindawo ezintsha. Ngemva kokuba esebuyile futhi aqhathanisa amaphuzu, ngokomfanekiso, izinyosi ‘ezaziyo’ zihola iqulo liye ekhaya lalo elisha.
Lezizinyosi ezingelutho zenza konke lokhu ngaphandle kwanoma iluphi usizo noma isiqondiso esivela ngaphandle. Zisebenza ngokuzimela. Nokho, ama-supercomputer adinga amaqembu ababhali bezinhlelo ze-computer, onjiniyela, nochwepheshe. Azinakuqhathaniswa nawo! Izinyosi ziyimishini emincane eyisimangaliso ngempela.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
L. Fritz/H. Armstrong Roberts