Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g17 No. 2 kk. 8-9
  • Lapho Kushona Umzali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Kushona Umzali
  • I-Phaphama!—2017
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • INSELELE
  • OKUFANELE UKWAZI
  • ONGAKWENZA
  • Lapho Izingane Zisosizini
    I-Phaphama!—2017
  • Ingabe Kuvamile Ukuba Lusizi Njengami?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Ngingabhekana Kanjani Nokufelwa Umzali?
    I-Phaphama!—2009
  • Usizo Kwabasosizini
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2017
g17 No. 2 kk. 8-9
Ingane ibambe isandla somuntu omdala emathuneni

USIZO LOMNDENI | INTSHA

Lapho Kushona Umzali

INSELELE

UDami wayeneminyaka eyisithupha lapho isifo sokuvuvukala kwemithambo sibulala uyise. UDerrick wayeneminyaka engu-9 lapho uyise ebulawa isifo senhliziyo. UJeannie wayeneminyaka engu-7 lapho umama wakhe eshona ngemva kokuphathwa umdlavuza wezindlala ezikhiqiza amaqanda.a

Bobathathu bashonelwa abantu ababathandayo besebancane kakhulu. Ingabe wake wabhekana nesimo esifanayo? Uma kunjalo lesi sihloko sizokusiza ukuba ubhekane nobuhlungu bokushonelwa.b Nokho, okokuqala cabanga ngamaqiniso ambalwa mayelana nosizi lokushonelwa.

OKUFANELE UKWAZI

Ziningi izindlela zokubhekana nosizi. Lokho kusho ukuthi indlela obhekana ngayo nosizi ingase ihluke kweyabanye. Incwadi ethi Helping Teens Cope With Death ithi, “Ayikho inqubo noma imithetho ebekiwe yokubhekana nokushonelwa.” Into ebalulekile ukuthi ungabufihli ubuhlungu onabo. Kungani? Kungenxa yokuthi . . .

Ukufihla usizi lokushonelwa kungaba yingozi. UJeannie, okukhulunywe ngaye ekuqaleni uthi, “Ngangicabanga ukuthi kwakufanele ngiqine ukuze ngisekele udadewethu omncane, ngakho ngafihla imizwa yami. Ngisho namanje, ngijwayele ukubufihla ubuhlungu kodwa akukuhle lokho.”

Izazi nazo ziyavuma. Incwadi ethi The Grieving Teen ithi, “Awukwazi ukufihla noma ukuziba indlela ozizwa ngayo. Izovela lapho ungayilindele khona, igcine isiyizinkinga ezingokomzwelo noma zempilo.” Ukufihla usizi lokushonelwa kungabangela nokuba usebenzise kabi utshwala noma izidakamizwa ngenxa yokuthi usuke uzama ukudambisa ubuhlungu.

Usizi lokushonelwa lungahambisana nokudideka. Ngokwesibonelo, abanye abantu bayamcasukela umuntu oshonile ngoba banomuzwa wokuthi “ubalahlile”. Abanye basola uNkulunkulu becabanga ukuthi bekufanele akuvimbele ukufa. Abaningi abasosizini lokushonelwa baba nomuzwa wecala ngezinto abazenza noma bazisho kulowo muntu ngoba basuke bengeke besakwazi ukulungisa izinto.

Kuyacaca ukuthi ziningi izinto ezihilelekile ekubhekaneni nosizi lokushonelwa. Ungayithola kanjani impumuzo futhi usizakale ukuze uqhubeke nempilo?

ONGAKWENZA

Khuluma nothile. Ungase ufune ukuzehlukanisa kwabanye ngalesi sikhathi esinzima. Kodwa ukutshela othile emndenini noma umngane indlela ozizwa ngayo kuyokusiza ukuba ukwazi ukubhekana nosizi futhi lesi simo singakuqedi amandla.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 18:24.

Bhala phansi indlela ozizwa ngayo. Bhala ngomzali oshonile. Ngokwesibonelo, yiziphi izikhathi ezaba mnandi kunazo zonke ozikhumbulayo ngaye? Bhala izinto ozithandayo ngaye. Yiziphi ongathanda ukuzilingisa ekuphileni kwakho?

Uma uhlushwa imizwa engakhi—mhlawumbe uyehluleka ukuyeka ukucabanga ngokuthile okubi owakusho kumzali wakho ngaphambi kokuba ashone—bhala ukuthi uzizwa kanjani nokuthi kungani uzizwa ngaleyo ndlela. Ngokwesibonelo, “Ngizizwa nginecala ngoba ngaphambi kokuba ubaba ashone sasixabene.”

Ngemva kwalokho, zibuze ukuthi kufanele yini uzizwe unecala. I-Grieving Teen ithi, “Awukwazi ukuzisola ngokuthi wawungazi ukuthi ngeke usalithola ithuba lokuxolisa. Akukuhle ukucabanga ukuthi akufanele nanini umuntu asho into okuzomelwe axolise ngayo kamuva.”—Isimiso seBhayibheli: Jobe 10:1.

Zinakekele. Lala ngokwanele, uzivocavoce njalo bese udla ukudla okunomsoco. Uma ungakuthandi ukudla, yidla ukudla okulula okunempilo esikhundleni sokudla okuqinile—okungenani kuze kube yilapho usukuthanda ukudla. Ungaziduduzi ngokudla ukudla okungenampilo noma ngokuphuza utshwala; kuzokwenza izinto zibe zimbi kakhulu.

Khuluma noNkulunkulu ngomthandazo. IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela.” (IHubo 55:22) Ukuthandaza akuyona nje indlela yokuzenza uzizwe ungcono. Kuyindlela yokuxhumana noNkulunkulu “osiduduza osizini lwethu lonke.”—2 Korinte 1:3, 4.

Enye indlela uNkulunkulu ayisebenzisayo ukuze aduduze abasosizini lokufelwa yiZwi lakhe, iBhayibheli. Kungani ungahloli ukuthi lifundisani ngesimo sangempela sabafileyo nangethemba lovuko?c—Isimiso seBhayibheli: IHubo 94:19.

a Ungafunda futhi ngoDami, uDerrick, noJeannie esihlokweni esilandelayo.

b Nakuba lesi sihloko sikhuluma ngokushona komzali, izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nalapho kushone isihlobo noma umngane.

c Bheka isahluko 16 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1. Ungayidawuniloda mahhala engosini ethi www.pr2711.com/zu. Bheka ngaphansi kwesithi IZINCWADI.

IMIBHALO EYINHLOKO

  • “Kukhona umngane onamathela ngaphezu komfowenu.”—IzAga 18:24.

  • “Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!”—Jobe 10:1.

  • “Lapho imicabango yami engincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kimi, Induduzo yakho [Nkulunkulu] yaqala ukuwotawota umphefumulo wami.”—IHubo 94:19.

UNGASIZA ABANYE

“Mina nomndeni wami singoFakazi BakaJehova. Eminyakeni embalwa edlule izingane ezimbili esisaziyo zashonelwa umama wazo owayephethwe umdlavuza. Enye yayineminyaka eyisithupha enye inemithathu—okucishe kube iminyaka mina nodadewethu esasinayo lapho kushona ubaba eminyakeni ecishe ibe ngu-17 ngaphambili.

“Mina nomama nodadewethu omncane nomfowethu sanquma ukuwusekela lo mndeni. Sasibamemela ekhaya. Sasibavumela ukuba bakhulume lapho bedinga ukukhuluma. Sasichitha isikhathi nabo futhi siba yinoma yini ababedinga ukuthi sibe yiyo ngaleso sikhathi kungakhathaliseki ukuthi badinga umuntu abazodla naye, ozobalalela noma ozobanika iseluleko.

“Ukushonelwa umzali kuqeda amandla futhi awukukhohlwa. Kuba ngcono, kodwa ulokhu ukhumbula ukuthi ushonelwe. Ngangazi ukuthi lo mndeni ososizini wawubhekene nani futhi yileso sizathu esingenza ngijabule ngokuthi umndeni wakithi wawusekela. Kwasisiza ukuba sisondelane nawo futhi sisondelane njengomndeni.”—UDami.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela