Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 2 k. 8
  • 5 Ukuxoxa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 5 Ukuxoxa
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUSHO UKUTHINI?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • ONGAKWENZA
  • Bazali, Zingane—Khulumisanani Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Sebenzela Ukulondoloza Umkhaya Wakho Ungene Ezweni Elisha LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • 8 Ukuba Isibonelo
    I-Phaphama!—2018
  • Ukuxhumana Phakathi Komkhaya Nasebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 2 k. 8
Abazali bawela ibhuloho ukuze baye enganeni yabo

Ukuxoxisana kuyibhuloho elikuxhumanisa nezingane zakho

ABAZALI

5 Ukuxoxa

KUSHO UKUTHINI?

Ukuxoxisana okuhle kuba khona lapho wena nezingane zakho nikwazi ukukhuluma ngezinto enizicabangayo nendlela enizizwa ngayo.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Kungaba nzima ukuxoxa nentsha. Kungenzeka ukuthi eminyakeni embalwa edlule wawunelungelo lokwazi yonke into eyenzeka ekuphileni kwengane yakho. Kodwa manje sekukuncane kakhulu okwaziyo ngayo, uma kukhona. Yisona sikhathi lapho izingane zakho zikudinga kakhulu ukuba uxoxe nazo!

ONGAKWENZA

Zimisele ukuxoxa nengane yakho noma nini. Xoxa nayo ngisho nasebusuku.

“Ungase ufise ukuthi kuyo, ‘Usuyafuna ukuxoxa manje? Benginawe usuku lonke!’ Kodwa kufanele yini sicasuke uma izingane zethu zifuna ukusithululela isifuba? Akukona yini lokho wonke umzali akufisayo?”—ULisa.

“Ngibuthanda impela ubuthongo, kodwa iningi lezingxoxo ezimnandi engike ngaba nazo nezingane zami, zibe sebusuku.”—UHerbert.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

Ungavumi ukuphazamiseka. Omunye ubaba uthi: “Ngezinye izikhathi lapho izingane zami zixoxa nami, ngizithola sengicabanga ngezinye izinto futhi ziyakwazi ukukubona lokho!”

Uma nawe kuke kukwenze lokho, vala i-TV ubeke phansi imishini yakho yezobuchwepheshe. Yinake ingane yakho futhi ukhumbule ukuthi lokho ekushoyo kubalulekile, ngisho noma wena ungase ukubone kuyinto engathi shu.

“Kumelwe siziqinisekise izingane zethu ukuthi indlela ezizizwa ngayo ibalulekile kithi. Uma zibona sengathi asinandaba nemizwa yazo, zingase zingasitsheli izinkinga zazo noma zifune usizo kwenye indawo.”—UMaranda.

“Ungathathi ngamawala, ngisho noma ungavumelani nalokho ingane yakho ekushoyo.”—U-Anthony.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Nakani indlela enilalela ngayo.”—Luka 8:18.

Sebenzisa wonke amathuba. Ngezinye izikhathi kuba lula ngezingane ukuxoxa nabazali bazo uma zingabhekene nabo ubuso nobuso.

“Sivame ukuxoxa lapho sihamba ngemoto. Siba nezingxoxo ezimnandi uma singabhekene ubuso nobuso.”—UNicole.

Isikhathi sokudla singelinye ithuba elihle lokuxoxa ngokukhululekile.

“Lapho sidla ndawonye ntambama, ngamunye uxoxa ngento enhle nembi emehlele ngalolo suku. Lokhu kwenza sisondelane futhi kuqinisekisa wonke umuntu ukuthi akudingeki abhekane nezinkinga eyedwa.”—URobin.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’—Jakobe 1:19.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela