Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 2 k. 13
  • 10 Ukwethembeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 10 Ukwethembeka
  • I-Phaphama!—2018
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • KUSHO UKUTHINI?
  • KUNGANI KUBALULEKILE?
  • ONGAKWENZA
  • Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Ukuba Bangethembe?
    Intsha Iyabuza
  • Kungani Abazali Bami Bengangethembi?
    I-Phaphama!—2008
  • Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Ngingayithola Kanjani Inkululeko Ethé Xaxa?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 2 k. 13
Owesifazane ukhokha ebhange

Ukulalela abazali bakho kufana nokukhokha isikweletu sasebhange. Njengoba uqhubeka uzibonisa wethembekile uyozuza okwethenjwa

INTSHA

10 Ukwethembeka

KUSHO UKUTHINI?

Abazali, abangane nabaqashi bayabathanda abantu abathembekile ngoba bayayilandela imithetho ebekiwe, bagcina izithembiso futhi bakhuluma iqiniso njalo.

KUNGANI KUBALULEKILE?

Izikhathi eziningi inkululeko oyitholayo ibangelwa izinga lokwethenjwa ozakhele lona esikhathini esedlule.

“Into engakusiza ukuze abazali bakho bakwethembe, ukubonisa ngezenzo zakho ukuthi ukhulile ngisho nalapho ungekho phambi kwabo.”—USarahi.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.”—2 Korinte 13:5.

ONGAKWENZA

Uma ufuna ukuthenjwa, lokhu okulandelayo kungakusiza.

Khuluma iqiniso. Ukuqamba amanga kungenza abantu bangakwethembi. Ngakolunye uhlangothi uma uvuma amaphutha akho, abantu bangakwethemba.

“Kulula ukukhuluma iqiniso uma ingekho into embi oyenzile. Ukukhuluma iqiniso ngisho nalapho ukwenza kanjalo kungakufaka enkingeni, kungenza abantu bakwethembe.”—UCaiman.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

Yenza abantu bakwethembe. Kolunye ucwaningo olwenziwa eMelika, abaqashi abangamaphesenti angu-78 babonisa ukuthi izinga lokwethembeka komuntu “lingenye yezinto ezintathu ezibalulekile abazibhekayo lapho beqasha umuntu.” Ukufunda ukwethembeka manje, kuyokusiza lapho usukhulile.

“Abazali bami bayaqaphela lapho ngenza imisebenzi yasendlini ngaphandle kokulandelelwa. Lokho kubenza bangethembe kakhulu.”—USarah.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ngithembele ekutheni uzolalela, ngazi ukuthi uzokwenza ngisho nangaphezu kwezinto engizishoyo.”—Filemoni 21.

Yiba nesineke. Ngokungafani nokukhula komzimba okusheshe kubonakale, ukukhula engqondweni kudinga isikhathi ukuze abanye bakubone.

“Abazali bakho nabanye ngeke bakwethembe ngokuthi wenze isenzo esisodwa nje esibonisa ukuthi uthembekile. Kodwa uma uqhubeka ubonisa ukukhula, bayokwethemba ngokuhamba kwesikhathi.”—UBrandon.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: ‘Gqokani ukubekezela.’—Kolose 3:12.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela