Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g20 No. 1 kk. 8-13
  • Indlela Yokubhekana Nokucindezeleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokubhekana Nokucindezeleka
  • IPhaphama!—2020
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zama Ukubhekana Nosuku Ngalunye
  • Ungalindeli Ukwenza Okungaphezu Kwamandla Akho
  • Zazi Izinto Ezikucindezelayo
  • Zama Ukuhleleka
  • Zibekele Isikhathi Sokuphumula
  • Nakekela Impilo Yakho
  • Beka Izinto Eziza Kuqala Endaweni Yazo
  • Thola Usizo Kwabanye
  • Funa Isiqondiso Esivela KuNkulunkulu
  • Indlela Yokulawula Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2010
  • Ukucindezeleka Okuzuzisayo Nokucindezeleka Okuyingozi
    I-Phaphama!—1998
  • Izindlela Eziyinhloko Zokubhekana Nokucindezeleka
    I-Phaphama!—2014
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
Bheka Okunye
IPhaphama!—2020
g20 No. 1 kk. 8-13
Owesifazane ojabule futhi ozethembayo edolobheni elikhulu.

THOLA IMPUMUZO EKUCINDEZELEKENI

Indlela Yokubhekana Nokucindezeleka

Ukuze ubhekane ngokuphumelelayo nokucindezeleka, kufanele ucabange ngempilo yakho engokomzimba, indlela oxhumana ngayo nabanye, imigomo yakho nezinto eziza kuqala ekuphileni kwakho—okuyizinto ozibheka njengezibaluleke ngempela. Lesi sihloko sizoxoxa ngezinto ezingokoqobo okukhulunywa ngazo eBhayibhelini ezingakusiza ubhekane kangcono nokucindezeleka nangendlela ongakunciphisa ngayo.

Zama Ukubhekana Nosuku Ngalunye

Owesifazane ojabule futhi ozethembayo uhamba edolobheni elikhulu.

“Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.”—MATHEWU 6:34.

Incazelo: Izinkathazo zansuku zonke ziyingxenye yokuphila. Kodwa unganqwabelanisi izinkathazo zanamuhla nezakusasa. Zama ukubhekana nosuku ngalunye.

  • Ukucindezeleka kungakwenza ukhathazeke. Ngakho zama lokhu: Okokuqala, kufanele wazi ukuthi okunye ukucindezeleka akunakugwemeka. Ukukhathazeka ngezinto ezingenakugwemeka kungakwenza ucindezeleke kakhulu. Okwesibili, kufanele siqonde ukuthi izinto esikhathazeka ngazo zivame ukungenzeki.

Ungalindeli Ukwenza Okungaphezu Kwamandla Akho

“Ukuhlakanipha kwaphezulu . . . kuyacabangela.”—JAKOBE 3:17.

Incazelo: Ungabi umuntu ongawamukeli amaphutha. Ungalindeli okukhulu kuwena noma kwabanye.

  • Thobeka, uzibekele imigomo okwaziyo ukuyifinyelela futhi uzazi izinto wena nabanye eningeke nikwazi ukuzenza. Uma wenza lokhu, uzozinciphisela wena nabanye ukucindezeleka futhi nikwazi ukuphumelela kulokho enikwenzayo. Hleka lapho ubhekana nezimo ezithile. Lapho uhleka—ngisho noma izinto zingahambi kahle—unciphisa ukukhathazeka futhi uzizwe kangcono.

Zazi Izinto Ezikucindezelayo

‘Umuntu onokuqonda uyohlale ezolile.’—IZAGA 17:27.

Incazelo: Imizwa engemihle ingakwenza uhluleke ukucabanga kahle, ngakho zama ukuba nomoya ozolile.

  • Thola ukuthi yini ekucindezelayo futhi uqaphele indlela osabela ngayo. Ngokwesibonelo, lapho uzizwa ucindezelekile, phawula indlela ocabanga ngayo, ozizwa ngayo nowenza ngayo izinto, mhlawumbe uze uyibhale phansi. Uma uyiqonda kakhudlwana indlela osabela ngayo lapho ucindezelekile, ungakwazi ukubhekana nakho ngokuphumelelayo. Funa nezindlela zokuqeda izinto ezikucindezelayo ekuphileni. Uma ungeke ukwazi ukuziqeda, funa izindlela onganciphisa ngazo imiphumela yazo, mhlawumbe ngokuhlela kahle imisebenzi noma isikhathi sakho.

  • Zama ukushintsha indlela obheka ngayo izinto. Okucindezela wena kungenzeka kungamcindezeli omunye umuntu. Umehluko ungaba sendleleni obheka ngayo izinto. Cabanga ngala macebiso amathathu:

    1. Ungasheshi ukucabanga ukuthi umuntu wenza okuthile enezinhloso ezimbi. Umuntu angase akungenele lapho nimi kulayini. Uma ushesha uphethe ngokuthi akahloniphi, ungase ucasuke. Kunokuba uphethe ngalokho, kunganjani ucabange ukuthi unesizathu esizwakalayo sokwenza kanjalo? Mhlawumbe sikhona ngempela!

    2. Bheka okuhle kunoma isiphi isimo obhekana naso. Ukulinda isikhathi eside kwadokotela noma esikhumulweni sezindiza kungabekezeleleka kalula uma usebenzisa leso sikhathi ufunda okuthile noma uqedela umsebenzi noma ubheka ama-imeyili.

    3. Yiba nomqondo ovulekile. Zibuze, ‘Ingabe le nkinga izobe isinkulu kusasa noma ngesonto elizayo?’ Hlukanisa phakathi kwezinkinga ezincane noma ezesikhashana kanye nezinkinga ezinkulu ngempela.

Zama Ukuhleleka

Owesifazane uphethe umakhalekhukhwini wesimanje, uhlela usuku lwakhe ekhalendeni.

“Zonke izinto mazenzeke ngendlela efanele nangokuhleleka.”—1 KORINTE 14:40.

Incazelo: Zama ukuhleleka ekuphileni kwakho.

  • Siyakuthanda ukuhleleka ngezinga elithile ekuphileni. Okunye okungaba nomthelela ekubeni ongahlelekile kanye nokucindezeleka ukuhlehlisa izinto futhi lokhu kungenza ube nohide lwezinto ongaziqedile. Kunganjani uzame ukwenza lokhu okubili:

    1. Zenzele uhlelo ozokwazi ukusebenza ngalo, bese unamathela kulo.

    2. Thola futhi ulungise noma imiphi imicabango ekwenza uhlehlise izinto.

Zibekele Isikhathi Sokuphumula

“Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nogijimisa umoya.”—UMSHUMAYELI 4:6.

Incazelo: Abantu abazigqilaza ngomsebenzi bangazincisha izinzuzo ‘zomsebenzi [wabo] onzima omningi.’ Bangase bangabi nesikhathi noma amandla okujabulela izinzuzo zomsebenzi abawenzile.

  • Yiba nombono ofanele ngomsebenzi nangemali. Ukuba nemali eningi akusho ukuthi uzojabula kakhudlwana noma unciphise ukucindezeleka. Empeleni, kungase kwenzeke okuphambene nalokho. UmShumayeli 5:12 uthi: “Inala yocebile ayimvumeli ukuba alale.” Ngakho zama ukuphila ngalokho onakho.

  • Zibekele isikhathi sokuphumula. Ukucindezeleka kuyancipha lapho wenza izinto ozijabulelayo. Nokho, ukuphumula ube uzijabulisa, njengokubukela i-TV, kungase kungabi usizo.

  • Gcina ezobuchwepheshe zisendaweni yazo. Gwema ukulokhu ubheka ama-imeyili, ama-SMS noma izinkundla zokuxhumana. Musa ukubheka ama-imeyili omsebenzi lapho usushayisile emsebenzini, ngaphandle uma kunokuthile okuphuthumayo.

Nakekela Impilo Yakho

Umfana osemusha ujabule njengoba egijima ngaphandle.

‘Ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’—1 THIMOTHEWU 4:8.

Incazelo: Ukuzivocavoca njalo kukusiza ube nempilo engcono.

  • Nakekela umzimba wakho. Ukuzivocavoca kungakunika injabulo futhi kwenze umzimba wakho usabele kangcono ekucindezelekeni. Yidla ukudla okunomsoco futhi ugweme ukweqiwa izikhathi zokudla. Qikelela ukuthi uphumula ngokwanele.

  • Gwema ukuzama ukunciphisa ukucindezeleka ngezindlela eziyingozi, njengokubhema noma ukudla izidakamizwa nokuphuza ngokweqile. Ngokuhamba kwesikhathi, zingase zenze ukucindezeleka kube kubi nakakhulu, mhlawumbe kukugulise noma kukwenze ulahlekelwe imali oyisebenzele kanzima.

  • Bonana nodokotela wakho uma ukucindezeleka sekukubi kakhulu. Ukuya kwadokotela akusho ukuthi uyisehluleki.

    QEDA UKUCINDEZELEKA NGOKUBA NOMUSA

    “Umuntu onomusa . . . . uzizuzisa yena, kodwa umuntu onesihluku uzilethela izinkinga.”​—IZAGA 11:17.

    Incwadi ethi Overcoming Stress inesihloko esithi “Kill Your Stress with Kindness.” Ngokusho komlobi wale ncwadi, uDkt. Tim Cantopher, ukuphatha abanye ngomusa kungathuthukisa impilo nenjabulo yakho. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ongenamusa nononya angaphelelwa injabulo ngoba uzihlukanisa nabanye.

    Singathola impumuzo ekucindezelekeni ngokuziphatha ngomusa. Ngokwesibonelo, akufanele sifune ukwenza izinto eziyisimanga nesingeke sikwazi ukuzenza. Akufanele futhi sizibukele phansi. UJesu Kristu wathi: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”​—Marku 12:31.

Beka Izinto Eziza Kuqala Endaweni Yazo

“Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—FILIPI 1:10.

Incazelo: Cabanga kahle ngokuthi yini eza kuqala kuwe.

  • Hlela imisebenzi ngokubaluleka kwayo. Lokhu kungakusiza ugxile emisebenzini ebaluleke kakhulu futhi ubone ukuthi imiphi ongayihlehlisa, ongacela othile akwenzele yona noma ongavele uyiyeke.

  • Esikhathini esingangesonto, bhala phansi indlela osisebenzisa ngayo isikhathi sakho. Yibe usubheka izindlela ezingcono zokusisebenzisa. Lapho usukwazi ukusilawula kangcono isikhathi sakho, ukucindezeleka kuyancipha.

  • Hlela isikhathi ozophumula ngaso. Ngisho nje nokuphumula okuncane kungakwenza uzizwe uqabulekile futhi kunciphise ukucindezeleka.

Ubaba nomama bachitha isikhathi ndawonye nendodakazi kanye nendodana yabo encane.

Thola Usizo Kwabanye

“Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyenza isindwe, kodwa izwi elihleliyenza ijabule.”—IZAGA 12:25.

Incazelo: Amazwi anomusa nanozwela avela kwabanye angakwenza uzizwe ungcono.

  • Xoxa nomuntu okuqonda kangcono. Umuntu omethembayo angakusiza ubone izinto ngendlela ehlukile noma uthole isisombululo obungasinakile. Ukuthululela isifuba sakho kuye kungakwenza uzizwe ungcono.

  • Cela usizo. Ungakwazi yini ukwabela abanye imisebenzi yakho noma uyenze nabo?

  • Uma umuntu osebenza naye ekwenza ucindezeleke, bheka izindlela zokwenza isimo sibe ngcono. Ngokwesibonelo, ungamtshela yini ngomusa nangobuhlakani lowo muntu indlela akwenza uzizwe ngayo? (IzAga 17:27) Uma wehluleka, ungakwazi yini ukunciphisa isikhathi enisichitha ndawonye nalowo muntu?

Funa Isiqondiso Esivela KuNkulunkulu

Usomabhizinisi usehhovisi lakhe uyathandaza.

“Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.”—MATHEWU 5:3.

Incazelo: Njengabantu sidinga okungaphezu nje kokudla, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala. Sidinga nesiqondiso esivela kuNkulunkulu. Ukuze sijabule, kumelwe sisiqaphele leso sidingo futhi sisinakekele.

  • Umthandazo ungaba usizo olukhulu. UNkulunkulu ukumema ukuba ‘uphonse zonke izinkathazo zakho kuye, ngoba uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Umthandazo nokuzindla ngezinto ezinhle kungakusiza ube nokuthula kwangaphakathi.—Filipi 4:6, 7.

  • Funda izinto ezikwenza usondelane noNkulunkulu. Izinto okukhulunywe ngazo kulo magazini zivela eBhayibhelini, elabhalwa ukuze sikwazi ukusondelana noNkulunkulu. Izinto esizithola kulo zisinika “ukuhlakanipha nekhono lokucabanga.” (IzAga 3:21) Kunganjani uzibekele umgomo wokufunda iBhayibheli? Ungaqala encwadini yezAga.

AMANDLA OKUTHETHELELA

“Ukuqondisisa komuntu nakanjani kuyaludambisa ulaka lwakhe, futhi kungubuhle kuye ukushalazelela ukoniwa.”—IZAGA 19:11.

Encwadini ethi Journal of Health Psychology, uLoren Toussaint uthi “ukucindezeleka kuyicekela phansi [impilo] kanti ukuthethelela kuyayivikela.” Uyanezela: “Ukuthethelela kukusiza unqobe imizwa engemihle nokufuna ukuziphindiselela bese kwakha amathuba okuzwana.” Uphetha ngokuthi umoya wokuthethelela “unganciphisa izifo ezihlobene nokucindezeleka.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela