LISEKHONA YINI ITHEMBA NGOMHLABA?
AMAHLATHI
OSOSAYENSI baqhathanisa amahlathi namaphaphu agcina umuntu ephila. Kungani? Njengamaphaphu, izihlahla zihlanza umoya, zimunce isikhutha ebesingaba yingozi kithi. Zikhipha umoya-mpilo okuwumoya obalulekile osisiza siphefumule. Amaphesenti acishe abe ngu-80 ezitshalo nezilwane kusehlathini. Ngeke sikwazi ukuphila ngaphandle kwamahlathi.
Izinto Eziqeda Amahlathi
Unyaka ngamunye, izigidigidi zezihlahla ziyagawulwa ukuze kutholakale indawo yokutshala ukudla. Kusukela eminyakeni engu-75 edlule, uhhafu wamahlathi athandwa imvula uye wanyamalala.
Uma amahlathi ecekelwa phansi, izitshalo nezilwane okuhlala kuwo, kuyafa.
Umhlaba Wethu Unamandla Okuzivuselela
Ngisho nasezindaweni lapho izihlahla zigawuliwe, lezo zindawo ziphinde zibe amahlathi. Muva nje, izazi zemvelo kuzimangazile ukuthola ukuthi amahlathi abegawuliwe akhula kahle futhi akhula ngokushesha. Ake ucabange ngalezi zibonelo:
Abacwaningi bayabuka ukuthi kwenzekani ezindaweni ebeziyihlathi, zagawulwa ukuze kutshalwe ukudla zase zishiywa kanjalo. Kwenziwe ucwaningo ezindaweni ezingu-2 200 eMelika nasentshonalanga ye-Afrika olwembule ukuthi umhlabathi ungakwazi ukubuyela esimweni obukuso, kuphinde kukhule amahlathi kuwo phakathi neminyaka eyishumi.
Abacwaningi bahlawumbisela ukuthi ingakapheli iminyaka engaba yikhulu, lawo mahlathi angakwazi ukubuyela esimweni abekuso ngesikhathi engakagawulwa, ngokusho kocwaningo olunyatheliswe kumagazini i-Science.
Muva nje, ososayensi eBrazil baqhathanise indlela amahlathi akhula ngayo ngokushesha ezindaweni ezinabantu nendlela akhula ngayo uma etshalwe abantu.
Ikhuluma ngabacwaningi, i-National Geographic ibika ukuthi: “Bajabula kakhulu lapho bethola ukuthi asikho isidingo sokuba abantu batshale izihlahla.” Eminyakeni nje emihlanu, ezindaweni ezahlolwa, kwase “kugcwele izihlahla ezizimilele, ezingatshalwanga muntu.”
Imizamo Eyenziwayo Ukuze Kuxazululwe le Nkinga
Emhlabeni wonke kwenziwe imizamo yokuvikela amahlathi akhona nokubuyisela lawo agawuliwe. Umthombo weNhlangano Yezizwe uthi, “umphumela walokho ube ukuthi zinciphe ngamaphesenti angaphezu kwangu-50 izihlahla ezigawulwayo emhlabeni wonke” kule minyaka engu-25 edlule.
Kodwa kusekhona okunye okungenziwa ukuze kuvikelwe amahlathi. “Ukucekelwa phansi kwamahlathi athandwa yizimvula akushintshanga kangako kule minyaka edlule,” kusho umbiko owanyatheliswa inhlangano i-Global Forest Watch.
Izinkampani ezigawula izihlahla zingenayo imvume kahulumeni zenza izindodla zemali. Lokhu kufuna ukwenza imali eningi kuyisona sizathu esenza amahlathi athandwa yizimvula acekeleke phansi.
Iqembu elivikela amahlathi ligawula izihlahla ezimbalwa esezikhule ngokugcwele, bese litshala ezintsha
Okushiwo YiBhayibheli—Isizathu Sokuba Nethemba
“UJehovaa uNkulunkulu wenza ukuba kumile emhlabathini zonke izihlahla ezinhle nezifanelekele ukudliwa.”—Genesise 2:9.
UMdali wawo wonke amahlathi uwenze ngendlela yokuba akwazi ukuzivuselela ngokwemvelo ukuze sonke isintu sizuze kuwo. Ufuna ukuwalondoloza amahlathi kanye nendlela emangalisayo akwazi ukuzivuselela ngayo.
IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu uzobaqeda abantu abazisebenzisa kabi izinto ezisemhlabeni, ukuze umhlaba nezinto eziphila kuwo kube sesimweni esihle. Bheka isihloko esithi “UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba,” ekhasini 15.
a UJehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.