Qhubeka Uzithoba ‘Emoyeni Ophilisayo’
“NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi-lutho.”—JOHANE 6:63.
1. (a) UJehova ubasiza kanjani abantu bakhe ukuba bamelane nethonya ‘lomoya’ walelizwe? (b) Ukuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu kuyosisiza kanjani ukuba sibe nokuthambekela okuhle kwengqondo?
UMOYA ongcwele kaJehova uNkulunkulu udingeka ngokukhethekile uma sizomelana nethonya “lomoya” walelizwe noma isimo salo sengqondo. (Efesu 2:1, 2) Futhi sidinga iBhayibheli, eliqukethe imiqondo kaNkulunkulu elotshwe ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele. Futhi sidinga ukuba nesimo sobuKristu sokuthobeka, esitholakala ngokuhlakulela izithelo zomoya kaNkulunkulu—“uthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba.” Umphostoli uPawulu wanxusa: “Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama. Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezizinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.”—Galathiya 5:16, 17, 22, 23.
2. Lokho okukhiqizwa umoya kaNkulunkulu kuphambene kanjani nemiphumela yokwamukela ‘umoya wezwe’?
2 UPawulu futhi wabhala: “Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.” (1 Korinte 2:12) “Umoya”, noma isimo sengqondo salelizwe siyabulala, kodwa lokho uNkulunkulu akunikezayo ngomoya ongcwele kunikeza ukuphila okuphakade kulabo abawamukelayo. UJesu wathi: “Ngumoya ophilisayo, inyama ayisizi-lutho; amazwi engiwakhulumé kini angumoya, angukuphila.” (Johane 6:63) Njengoba ‘inyama ingasizi-lutho,’ sidinga usizo lwaphezulu ukuze sinqobe isono futhi simelane nomoya wezwe.
3, 4. (a) Kuyini ukuhaha, futhi ‘umbusi womoya’ usisebenzisa kanjani isifiso senyama sezinto ezibonakalayo? (b) Kukanjani umuntu ohahayo engokhonza izithombe?
3 Esihlokweni esingaphambili, sixoxe ngezici ezimbili eziyingozi ‘zomoya’ walelizwe—ukudlala ngezinto ezingcolile nezitayela ezingafanele zokugqoka nokuzilungisa. Kodwa kunezinye izici eziningi. Ngokwesibonelo, umoya walelizwe ugcwele ukuhaha, isifiso esijulile sobugovu sezinto ezibonakalayo. ‘Umbusi womoya’ uye waqiniseka ukuthi ezokukhangisa zalelizwe zikwenza uzizwe unganelisekile uma ungenazo izinto ezibonakalayo eziningi. Lesici ‘somoya’ wezwe singakuthonya ngomqondo wokuthi lezi izinto ezinkulu ekuphileni. Ingabe usuye wathonywa ‘yilomoya’ wezinto ezibonakalayo?
4 IBhayibheli lithi: “Akukho-sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu nokaNkulunkulu.” (Efesu 5:5) Phawula ukuthi umuntu ohahayo eqinisweni ungokhonza izithombe. Ungase uthi, ‘Ngokuqinisekile, ngeke ngifike kude kangako, ngibe okhonza izithombe.’ Kodwa kuyini ukukhonza izithombe? Akukhona yini ukubeka enye into endaweni kaJehova nokukhulekelwa kwakhe, ukuyinaka kunokunaka uNkulunkulu nenkonzo yakhe? Ukuhaha kungahilela ukukhulekela ngokungaqondile imali namandla ayo nethonya layo. Uma ubeka kuqala ukuthola imoto entsha, umshini wevideo, noma yini enye into ebonakalayo ngaphambi kokwandisa amathuba akho enkonzweni kaJehova, akubona yini lobo ubufakazi bokuthi “umoya” walelizwe ukuthonya ngendlela elimazayo? Ingabe izinto ezibonakalayo azifani nezithombe kuwe?
5. Kungaziphi izindlela ‘umoya’ walelizwe ugcwele isifiso sobugovu sengcebo?
5 Uma ufuna imfundo engcono noma umsebenzi oholela kakhulu, ingabe lokho ukwenza ukuze ucebe futhi ube nezinto ezibonakalayo ezingaphezu kozidingayo? Ingabe uhlatshwa umxhwele amacebo okuceba ngokushesha, ufuna ukuhileleka kuwo? “Umoya” walelizwe ugcwele isifiso sobugovu sokuceba nokukhohlisa ngokuqondene nokukhokha izintela ezimiswe uhulumeni. Kulomoya ukugembula nezinto ezinjalo kuyachuma. Ungalingeki. Labo abagwema ithonya “lomoya” waleli zwe ogcwele ukuhaha bathola ukuthi injabulo yoqobo itholakala ngokwaneliseka ngezinto eziyisidingo nokubeka izithakazelo zoMbuso kuqala.—Mathewu 6:25-34; 1 Johane 2:15-17.
Ukusebenzisa Kahle Ulimi
6. Iliphi ithonya izindlela zokukhuluma zalelizwe ezingaba nalo kithi njengamaKristu?
6 Kuthiwani ngemikhuba yethu yokukhuluma? Inhlamba, amazwi entukuthelo, ukuqamba amanga—“umoya” walelizwe ungcoliswe ngokuphelele inkulumo enjalo engalungile. Kodwa, ngisho nenkulumo yabambalwa abahlanganyela nebandla lobuKristu ngezinye izikhathi ibonisa indelelo, ngisho nenhlamba. Umfundi uJakobe usitshela ngokunamandla: “Emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube-kanjalo. Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na?” (Jakobe 3:10, 11) Ingabe usuye wathonywa izindlela zokukhuluma zamaqembu athile alelizwe? Ingabe unezinhlelo zolimi ezimbili, olusebenzisa phakathi kwamaKristu, nolunye olusebenzisa kwenye indawo? UPawulu wabhala: “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.” (Efesu 4:29) Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukusebenzisa ulimi olufanele noluhlanzekile ngaso sonke isikhathi!
7. Yini ehlanganiswa ‘ekulahleni amanga nokukhuluma iqiniso’?
7 Sidinga ukuqaphela futhi ukuthi sikhuluma iqiniso njalo. Ukukhohlisa noma ukwenza ngamabomu ukuba abanye bacabange okungeyikho ukuze sigweme icala eqinisweni kuwukuqamba amanga. Ngakho qiniseka ukuthi uya silandela iseluleko sikaPawulu: “Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.”—Efesu 4:25; IzAga 3:32.
8. (a) Basabela kanjani abantu abaningi bezwe uma becasuliwe? (b) Uma sicasuliwe, yini okumelwe siyenze?
8 Ukubonisa intukuthelo okungenakuzithiba esinye isici somoya walelizwe. Abantu abaningi bezwe balahlekelwa ukuzithiba kalula. Bayathukuthela, bese bezithethelela ngokuthi bebekhipha igwebu. Kodwa akukhona lokhu uPawulu aluleka ngakho, ngoba wabhala: “Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi.” (Efesu 4:31) Kodwa kuthiwani uma intukuthelo yenyuka naphezu kokuba sithuthukisa ukuzithiba nezinye izithelo zomoya kaNkulunkulu? UPawulu wabhala: “Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.” (Efesu 4:26, 27) Ngakho uma sicasuliwe, kufanele silungise indaba ngokushesha, ilanga lingakashoni. Ngaphandle kwalokho, ubutha nomhawu kuyaqala ukugxila enhliziyweni, futhi kunzima ukukukhipha. Ungazivumeli ukuba uphefumule “umoya” walelizwe wentukuthelo nokuziphindiselela!—IHubo 37:8.
9. Iziphi ezinye izimo ezivamile zezisebenzi, futhi kungani kufanele sihlole imikhuba yethu yokusebenza?
9 Kuthiwani ngemikhuba yakho yokusebenza? Ukulova lapho usemsebenzini nokwebela umqashi kuvamile namuhla. Ingabe usuye wathonywa omunye ‘walomoya’? Ingabe umbono wokuthi ‘wonke umuntu uyakwenza’ usukungenile? Ungalokothi ukhohlwe ukuthi indlela esenza ngayo umsebenzi wethu njengamaKristu imelela uJehova nokukhulekelwa kwakhe kweqiniso. Ubungafuna yini ukuba othile enqabe iqiniso elikhulunywa omunye woFakazi BakaJehova emzini wakhe ngenxa yendlela oziphatha ngayo emsebenzini? “Owebayo angabe eseba, ” kusho uPawulu, “kodwa kunalokho akhuthale . . . ukuze abe-nokokwabela osweleyo.”—Efesu 4:28.
10. Emsebenzini wokuziphilisa, singabonisa kanjani ukuthi asithonywa “umoya” wobugovu walelizwe?
10 Nakuba ubuhlobo besigqila nenkosi yaso obabukhona ekhulwini lokuqala bungasavamile namuhla, abaqashi abangamaKristu bangafunda kulokho uPawulu akubhalela izigqila ezingamaKristu kwabase-Efesu 6:5-8. Lapho izisebenzi zatshelwa ukuba ‘zithobele labo ezibasebenzelayo, hhayi ngokuthokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu.’ Ngakho umKristu akumelwe enze amacebo okugwema ukwenza umsebenzi wosuku olugcwele noma ukugcwalisa isithembiso sempahla noma senkonzo. Uma senza izinto ‘kungathi senzela uJehova,’ siyoba nesimo esihle futhi ngeke sithonywe “umoya” walelizwe wobugovu nobuvila.
Ukudla, Ukuphuza, Nokuzijabulisa
11. Isimo sezwe ngasekudleni nokuphuza sabathonya kanjani abanye babantu bakaNkulunkulu ezikhathini zeBhayibheli?
11 Ingabe ukusebenzisa ngokweqile kwezwe ukudla neziphuzo sekuye kwakuthonya? Isimo salo siwukuthi “masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.” (1 Korinte 15:32) Futhi lomoya usuthonye ezinye zezinceku zikaNkulunkulu, kusukela ngisho nasezikhathini zasendulo. Khumbula is ehlakalo ehlane lapho amaIsrayeli ‘ahlala phansi ukuba adle, aphuze; avuka ukuyodlala [ukuyozijabulisa].’ (Eksodusi 32:6) Lokho ‘kuzijabulisa’ kwaphumela ekuziphatheni okungenakuzithiba nasekukhonzeni izithombe, intukuthelo kaJehova yawavuthela. Masingalokothi silandele leyonkambo.—1 Petru 4:3-6.
12. Uma imikhuba yethu yokudla neyokuphuza idinga ukuqashelwa okuthile, yini okufanele siyenze?
12 UJehova usinikeze izinhlobo eziningi zokudla neziphuzo, okunambithekayo, okumibalabala, nokunempilo, kodwa ufuna sisebenzise lezizinto ngokulinganisela. Ukuminza nokudakwa kuyalahlwa eBhayibhelini. (IzAga 23:20, 21) Ngakho, thembeka uzibuze: Ingabe likhona ithuba lokuthuthuka emikhubeni yami yokudla nokuphuza? Uma udinga ukuzithiba ngokwengeziwe, kuvume lokhu bese wenza ngokuvumelana nemithandazo yakho yokucela ukuba umoya kaNkulunkulu ukusize unqobe lenkinga. “Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya. ” (Efesu 5:18) Yebo, gcwalani umoya kaNkulunkulu, futhi ningavumeli umoya walelizwe wokungazithibi! “Noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.” (1 Korinte 10:31) Nokho, uma unezinkinga eziphikelelayo kulokhu, funa usizo lwamadoda avuthiwe ngokomoya ebandleni.—Galathiya 6:1; Jakobe 5:14, 15.
13. (a) Kubonakala kanjani ukuthi uDeveli uye wonakalisa okuningi ukuzijabulisa okukhona namuhla? (b) Singasigwema kanjani isimo salelizwe ngokuzijabulisa?
13 Lelizwe liluthwe ngokunamandla ezemidlalo, ezomculo, nezinhlobo ezihlukahlukene zokuzijabulisa. Ukujabulela izinto ezinjalo akukubi ngokwakho, ngaphandle uma zephula izimiso ezingokomBhalo. Kodwa inkinga iwukuthi uSathane, “umbusi obusa umoya,” uye wonakalisa okuningi ukuzijabulisa okukhona namuhla. (Efesu 2:2, The Jerusalem Bible) Ngokuvamile, kukhuthazwa ukuziphatha okubi, kuvunyelwa ubudlova, futhi kuboniswa impumelelo ngokukhohlisa, ukukhwabanisa, ngisho nokubulala. Uma sibukela imidlalo enjalo, siphefumula lezizimo zingene zijule emizimbeni yethu, futhi ngokuqinisekile ithonya lazo elinobuthi liyosilimaza. Ngaphezu kwalokho, ngisho nalapho izinhlobo ezithile zokuzijabulisa zingalahlwa ngokomBhalo, kunengozi yokuba umlutha wazo, kangangokuthi kusale isikhathi esincane kakhulu sezinto ezingokomoya. Ngakho, sidinga ukuba abakhethayo. Sebenzisa isikhathi esithile ujabulela ukuphumula okunempilo nokusizayo ngokulinganisela, kodwa gwema ukulingisa ukweqisa kwezwe. Kungakhathaliseki noma “umoya” walelizwe unuka kahle noma kabi, ungcolile futhi uyabulala.—IzAga 11:19.
Ukuqhosha Ngohlanga—Umoya Omubi
14. Ngokuqondene nezinkinga zezenhlalo, singathonywa kanjani “umoya” walelizwe?
14 Isici esi sithele ‘somoya’ walelizwe ukuqhosha ngohlanga nangobuzwe. Abanye bakhuthaza umqondo oyiphutha wokuthi ezinye izinhlanga ziphakeme ezinye ziphansi. Ubuzwe bukhuthaza abantu ukuba babheke izwe lakubo njengelingcono kunawo wonke amanye. Eqinisweni, abaningi bahlupheka ngokungadingekile futhi baphucwa amalungelo obuntu nezidingo eziyisisekelo ngenxa yobugovu nobandlululo lwabanye. Umphumela uba umhawu ngisho nobudlova. Abaningi bayavukela, bazibambele umthetho ngezandla, benethemba lokuxazulula izinkinga zezenhlalo ngendlela yabo. Nathi futhi, singase ngisho sithatheke ilemiqondo. Uma siphathwa kabi noma sikubona kwenziwa bese sizwa labo abalwela izinguquko zezenhlalo, singathonyeka uma singaqaphile. Singase siqale ukulahla ukuma kwethu kokungathathi-hlangothi bese sithatha uhlangothi. (Johane 15:19) Okungathi sína nakakhulu, singase sizizwe silingeka ukuhlanganyela ekutelekeni, ekukhankaseleni ubudlova noma ekubenzeni ukuze siphoqelele izinguquko.
15. Iyiphi inkambo iBhayibheli eliyitusayo uma sizizwa sifuna ‘ukuziphindiselela’?
15 Umoya webandla ungase ulinyazwe imizwa yobuhlanga noma yobuzwe. (Qhathanisa nezEnzo 6:1-7.) Kodwa siyoba nomoya ofanele uma silandela iseluleko: “Uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; ningaZiphindiseli ninabathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi.” (Roma 12:18, 19) Njengoba zonke izinhlanga zavela kubantu ababili bokuqala, futhi uNkulunkulu engakhethi, ayikho indawo yokuqhosha ngohlanga noma ngobuzwe ebandleni lobuKristu.—IzEnzo 10:34, 35; 17:26; Roma 10:12; Efesu 4:1-3.
Qhubeka Uphefumula “Umoya” Ophilisayo
16. Yini eyosiza ekuvimbeleni ukuba singathonywa umoya walelizwe?
16 Sesixoxe ngezici eziyinhloko ezibulalayo ‘zomoya’ walelizwe. Usizungezile futhi ucindezela ka ngangokuthi uma sivumela ukuba kuvuleke indawo esimweni sethu esingokomoya, lomoya ongalungile uyongena ngokushesha uyigcwalise. Impumelelo ekumelaneni nawo ixhomeke kakhulu ekutheni sikuthanda kangakanani okumsulwa, okuhlanzekile, nokulungile, futhi sikuzonda kangakanani okungcolile nokubi. Siyoqhubeka siphefumula “umoya” ofanele uma siqhubeka sihlakulela isimo sengqondo esiqondile ekusabeleni ekuholeni komoya ongcwele kaJehova.—Roma 12:9; 2 Thimothewu 1:7; Galathiya 6:7, 8.
17. Yini okumelwe yenziwe ngokushesha uma sizwa omunye ‘womoya’ walelizwe uza ngakithi?
17 Ungalokothi uvumele noma yimuphi ‘womoya’ omubi walelizwe uqale ukukunukela kahle. Umbusi ‘walomoya’ uyazi ukuthi yini edingekayo ukuze akhange izinzwa nokuba akhe ukuwulangazelela ngokuvamile okuholela esonweni. (Jakobe 1:14, 15) Hlala engxenyeni ‘yabangabhemi,’ ipharadesi likaJehova elingokomoya. Uma uzwa iphunga ‘lomoya’ walelizwe liza ngakuwe, ligweme. Wubalekele njengoba ubungagwema ubuthi obubulalayo. “Bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. Ngakho-ke ningabi-yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.”—Efesu 5:15-17.
18. Uyoba yini umoya walabo abayoba nelungelo lokuphila emhlabeni ohlanziwe?
18 Kuyintando kaNkulunkulu ukuba simkhonze njengabagcini bobuqotho. Ukwenza kanjalo kuyosho ukuphila esimisweni sakhe esisha, manje esiseduze kakhulu. Lapho siphefumula umoya ngalesosikhathi, yeka ukuthi uyobe uqabula kanjani! Kuyobe kungekho zingcolisa-moya ezibulalayo, kungumoya ohlanzekile kuphela ose kela ukuphila. Kuyoba njalo ngomoya ongokoqobo, futhi okubaluleke nangaphezulu, nangomoya walabo abayoba nelungelo lokuhlala emhlabeni ohlanziwe. Bayoba nesimo sokulalela, sokuthobeka nesokusabela kahle. Uyobe ungasekho “umoya” walelizwe elidala ogcwele amathonya okuhlubuka, ukonakala, noku ngamesabi uNkulunkulu.—IsAmbulo 21:5-8.
19. Obani abayosindela esimisweni esisha sikaJehova?
19 Ngokuqinisekile, asifuni ukuba phakathi kwalabo abaphefumula “umoya” walesimiso lapho uJehova esusa kokubili ukungcola nabangcolisi eArmagedoni. Yeka ukukhululeka okuyoba khona lapho izwe elidala selingasekho ‘nombusi womoya’ esefakwe kwalasha! Bonke abathanda uJehova nabaqhubeka bethanda okuhlanzekile, okuhloniphekayo, nokulungileyo bayoba lapho. UJehova ubafuna lapho futhi uyobasiza ngomoya wakhe. Uyobanika ukuphila okuphakade esimisweni esisha esihlanzekile, nesinempilo. Masingalahlekelwa yilelolungelo ngenxa yokuphefumula “umoya” obulalayo walesimiso esidala!
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungayiphi indlela umuntu ohahayo eba okhonza izithombe?
◻ “Umoya” walelizwe ungayithonya kanjani imikhuba yakho yokukhuluma?
◻ Imuphi umoya izisebenzi ezingamaKristu okufanele ziwubonise lapho zisemisebenzini yokuziphilisa?
◻ Ungakugwema kanjani ukuthonywa isimo salelizwe ngasekudleni, ekuphuzeni, nasekuzijabuliseni?
◻ Imuphi umoya ngokuqondene nohlanga nobuzwe okungamelwe ungene ebandleni lobuKristu?
[Isithombe ekhasini 16]
Ingabe umkhaya wakho uqine ngokwanele ngokomoya ukuba umelane ‘nomoya’ walelizwe?
[Isithombe ekhasini 17]
Uma senza Izinto ‘kungathi senzela uJehova’ ngeke sithonywe “umoya” walelizwe wobugovu nobuvila