Isifundo 4
Indlela Yokufunda Nokukhumbula
1, 2. Kungani kubalulekile ukuthi sikhumbule lokho esikufundayo na?
1 Labo abafundela nje ukuzilibazisa, ukuzijabulisa, ukukhumbula lokho abakufundayo kubaluleke kancane. Kepha kumuntu ofundela umsebenzi, kubalulekile ukukhumbula lokho akufunda ezincwadini zakhe zesifundo. Ukuphumelela ekuhlolweni ngokungenela umsebenzi okhethiweyo kwencike kukho. Isikhonzi esingumKristu, nokho, sidinga ngaphezulu ukukhumbula lokho esikufundayo, noma sifunda ngokwethukela noma ngokungathi sina. Umgomo waso wukusondela kakhulu kuJehova nokuthuthukisa inkonzo yaso, ekudunyisweni kukaJehova.—Dut. 17:19.
2 Indaba yomKristu yokufunda eyinhloko yiBhayibheli nalezozincwadi ezinikeza usizo loqobo ekuqondweni kweBhayibheli. Uyazi ukuthi wulwazi olufunyanwa eBhayibhelini oluholela ekuphileni okuphakade. Yilokhukufunda okumhlomisela ukuba-yisikhonzi esiphumelelayo, futhi ikakhulu sikhathazeka ngalokhukufunda Esikolweni Senkonzo esingokwaseZulwini.
3, 4. Kungani sifanele sibe-ngabakhethayo kulokho esikufundayo na?
3 Ukungenisa kwethu indaba engqondweni ngokufunda kungahle kuqhathaniswe nokungenisa kwethu ukudla esiswini. Kukho kokubili simelwe sibe-ngabakhethayo. Odlayo, ngisho lapho nje enelisa isifiso sakhe sokudla, uyisiwula ngokungenisa esiswini sakhe lokho okuqumbisayo noma lokho okunganikeli-nzuzo yoqobo emzimbeni, noma okubi kakhulu, okungahle ngisho kumbulale ngobuthi. Ukuthola imiphumela emihle kakhulu, ukuthola izinzuzo ezihlala njalo, ukudla kufanele kugayeke kalula futhi kumuncwe yimizimba yethu.
4 Kunjalo nangokufunda kwethu. Noma wukufunda ngokwethukela noma ngokungathi sina, lokho esikungenisayo kufanele kube-ngokuvungunyekayo engqondweni futhi kufanele kube-yinto eyozuzisa izingqondo zethu ngokuhlala njalo. Kusobala ukuthi akuhlakaniphile ukondla ingqondo ngalokho okungelona iqiniso, okungamanyala noma kokungabi-nasimilo, nalokho-ke okungahle kubangele ukuqumba okungokomoya. (Fil. 4:8) Futhi kungani uchitha isikhathi ufunda indaba enosizo oluncane na? Njengoba singabakhethayo kulokho esikudlayo, sifanele sibe-njalo kulokho esikufundayo.
5, 6. Kungani sidinga ukwenza isimiso sesikhathi sokufunda komuntu uqobo, futhi ukufunda okunjalo bekungahle kwenziwe nini na?
5 Isimiso sokufunda komuntu uqobo. Usukhethile uhlobo oluqondile lwendaba yokufundwa, udinga ukuthatha isinyathelo esilandelayo. Lokhu ukumisa isimiso sokufunda esiyofanela indlela yakho yokuphila. Uma wahluleka ukubekela eceleni izinsuku eziqondene-ngqo, noma ukuhlwa, ngezikhathi zokufunda, imizamo yakho ingahle ingaphumeleli.—IzE. 17:11.
6 Ukufunda okukhumbulekayo kubizela isikhathi esanele kanye nezindawo ezizungezile ezivumela ukuzindla ngendaba ehlolwayo. Kepha akukhona konke ukufunda kwakho okuyokwenziwa phakathi nezikhathi ezinde zokufunda. Uma ungabekela eceleni ngisho imizuzu eyishumi noma eyishumi nesihlanu njalo kolunye nolunye usuku uthi ukufunda uyomangala ukuthi ngokungakanani ongakufeza. Abanye abantu bafunda kanjalo ekuseni kakhulu, noma ngaphambi kokuyolala ebusuku. Abanye bafunda lapho besagibele okokuthutha abantu beya emsebenzini wokuziphilisa noma esikolweni, noma phakathi nesikhathi sabo sokudla kwasemini. Kweminye imikhaya, wonke umkhaya ufunda ndawonye imizuzu eyisihlanu noma eyishumi ngemuva kokudla kolunye nolunye usuku noma ngaphambi nje kokuyolala. Ukwenza kube-yinsakavukela, ukuthi ukufunda nsuku zonke, kuveza imiphumela emihle.
7. Ufanele ube-yini umgomo wethu ekufundeni iBhayibheli na?
7 Isimiso sakho luqobo sifanele sihlanganise nesikhathi sokufunda iBhayibheli uqobo lwalo. Kukhona usizo olukhulu ekulifundeni lonke kusukela ekuqaleni ukuya ekugcineni. Lokhu kungafezwa ngokufunda inani elithile lezahluko noma amakhasi kolunye nolunye usuku noma kwelinye nelinye iviki. Nokho, umgomo wakho ekufundeni awufanele nanini ube-wukuhlanganiswa nje kwendaba, kepha ukuthola umbono olingene konke wayo ngenjongo yokukhumbula. Chitha isikhathi uzindla ngalokho elikushoyo. Lapho ufunda iBhayibheli ungakholwa ngaso sonke isikhathi ukuthi udla ukudla okungokomoya okungcono kunakho konke okungatholakala.
8, 9. Iyiphi enye indaba obekuyokuba-kuhle ukuyihlanganisa esimisweni sethu sokufunda na?
8 Kudingeka nesikhathi sokufunda ngokulungiselela indaba eyohlanganiswa esifundweni seNqabayokulinda neminye imihlangano yebandla. Kuhle ukucabanga ngokuphendula emihlanganweni, kepha ungakwenzi ukutholwa kwezimpendulo kube-ngumgomo wakho omkhulu. Kodwa, zama ukuqonda lokho okufundayo futhi cabangela indlela okuthinta ngayo ukuphila kwakho.
9 Bese kubakhona izindatshana zeNqabayokulinda ngaphandle kwalezo ezisetshenziswa esifundweni sebandla samaviki onke. Nomagazini iPhaphama!, unikeza eningi indaba emakhasini awo. Futhi ingabe uzifundile izincwadi ezindadlana zeSociety ngolimi lwakho na? Ngobukhulu bomzamo unakho ukwenza isikhathi sokufunda indaba, kukhona isibusiso obekelwe sona. Ibanga lokukhula komuntu ngokomoya, ikakhulu, liphathwa wukukwenza kube-yinsakavukela nemfanelo yezinjwayelo zomuntu zokufunda.
10-17. Yiziphi izinjwayelo eziyosisiza ukukhumbula okungaphezulu kwalokho esikufundayo na?
10 Usizo lwenkumbulo. Ukuzuza ngokugcwele kulokho esikufundayo, sidinga ukukukhumbula. Abantu kaningi bayokuthi abakhumbuli ngokuba bakhohlwa kabi. Kungahle kaningi, nokho, kube-yinkumbulo nje engafundisiwe noma engavuselelwe. Kuyinkambo yokuhlakanipha ukuzama ukuthola okuhle kunakho konke ekufundeni esikwenzayo. Okuningi okuhle bekuyolahleka uma indaba efundiwe ibikhohlwe masinyane. Sidinga ukufunda indlela yokufunda ukuze sikhumbule. Kukhona ukusikisela okuningi okubenzele okuhle abafundayo abanolwazi. Kungahle kukusize.
11 Njengoba ufunda, zama ukufunda imishwana noma amaqembu amazwi kunokuba ufunde izwi ngalinye. Lokhu kuyokwenza ukuthi usheshise ukufunda kwakho futhi kuyokukusiza ukuqonda imiqondo esikhundleni sokulwa namazwi. Ngokufunda okuvamile, ungawaphimisi amazwi noma uhambise izindebe zakho uma ufunda, futhi ungayenzi injwayelo yokuphindela emuva ukuyofunda futhi ngaphandle kokuthi kungokugcizelela umcabango oyisihluthulelo. Phela, ngendaba enzima, elukhuni udinga ukunciphisa ijubane ukuze uqiniseke ukuthola umcabango oqondile. Ungahle uthande ngisho ukuwufunda ngezwi elikhulu, noma ngokunyenyeza. (IHu. 1:2) AmaHubo nezAga, ngokwesibonelo, akulotshelwanga ukufundwa ngejubane kepha ngokuzindla.—IHu. 77:11, 12.
12 Kuyasiza futhi uma ufunda uphethe ipensele, udwebela ngaphansi amazwi ayisihluthulelo nangaphandle kwalokho uloba amaphuzu akhethekile ongafisa ukuwabukeza. Ukudwebela ngaphansi, nokho, kufanele kwenziwe kancane, ngokuba uma kweqiswa kuvimbela injongo yokwahlukanisa imiqondo eyinhloko. Lapho uhlangana nethile incazelo enosizo ngokukhethekile noma impikiswano ebingasetshenziswa ukuhlangabezana nelithile izwi lokuphikisa elivamile enkonzweni yendlu ngendlu, bekuyosiza ukuloba ikhasi nesigaba ngemuva encwadini yakho. Ngakho-ke ingafunyanwa kalula lapho idingeka. Ungeze nanini waphawula incwadi, phela, ngaphandle kokuthi kungeyakho.
13 Awukwazi ukufunda nje endatshaneni noma encwadini ngaphandle kokuhlaba ikhefu, ukuzindla, ukuqhathanisa indaba namaqiniso osuwazi kakade ngendaba—hayi uma ufuna ngempela ukukhumbula amaphuzu aqhamile. Funda ukuhlaziya lokho okufundayo, uphawula izizathu ezinikeziwe nezimpikiswano ngokusekelwa kweziphetho ezinikelwe. Futhi, qaphela izimiso ezisebenza ekuphileni kwakho neziqondisayo ekuphileni kwansuku zonke. Hlaba ikhefu ukucabangela ukuthi ungazisebenzisa kanjani.
14 Ekufundeni ngokungathi sina enye yezincwadi ezinkulu zeSociety kaningi kuyasiza ukucabangela kuqala isihloko nendlela yokulandelana okuqondile kohlu lokuqukethwe. Lokhu kuyogcizelela engqondweni yakho isihloko esilingene konke. Lapho ulungiselela ukufunda indatshana kamagazini noma isahluko encwadini, bheka kuqala izihlokwana ezahlukahlukene. Lokhu kubonisa indlela yokulandelana isihloko esiyothuthukiswa ngayo. Hlakanipha ukuqaphela imisho yesihloko, ebonakala ngokuvamile ngasekuqaleni kwesinye nesinye isigaba. Kaningi iyokutshela kafushane ukuthi isigaba sikhuluma ngani. Cabangisisa ngokuthola umbono olingene konke wendaba ofunda ngayo.
15 Okunye ukusikisela wukuzama ukufanekisa lokho ofunda ngakho, wenza imifanekiso yengqondo njengosizo lokukhumbula. Ngokufanekisela bona abenzi nesizinda, yizwa imisindo namaphimbo, yizwa amaphunga, nambitha ukudla nokuphuzwayo, hlanganyela injabulo noma ukudabuka kwesimo. Zama ukuzibeka endaweni yesenzo echazwayo. Wonke umqondo ngokufanekisa ungasetshenziselwa ukufanekisela indaba yeBhayibheli ngokukhanya kakhulu. Izindima zomlando weBhayibheli zingafakwa engqondweni kalula kakhulu ngalendlela.
16 Lapho ufika esiphethweni sesahluko, sinikele okufushane okokugcina ukubukezwa kwengqondo. Bese uqhathanisa umfanekiso omncane wakho wengqondo nendaba elotshiwe futhi.
17 Uma kunokwenzeka, xoxa nomunye ngamaphuzu owahlanganisile, wenza njalo lapho esemasha engqondweni. Ukuwakhuluma kwakho kuyojulisa umcabango engqondweni yakho, lapho omunye umuntu angahle ngakhona akwazi ukwengeza emtatshweni wakho wolwazi lwendaba. Uma ufumene amanye amaphuzu asebenzayo asensimini, wasebenzise enkonzweni yakho yokushumayela masinyane ngangokunokwenzeka. Nalokhu, kuyogxilisa indaba enkumbulweni yakho.
18-20. Kungani kubaluleke kangaka ukufunda ukufunda kahle na?
18 Usizo lokufunda okuphumelelayo. Ukufunda kunethonya eliqondile ekuphileni kwethu. Uhlobo lomsebenzi esiwenzayo, amakhono esiwathuthukisayo, ukujabulela kwethu ukuphila, ukukhula kwethu ngokomoya konke kuhlangene nekhono lethu lokufunda. Ngaphandle kwekhono lokufunda umuntu uncisheka obuningi ubuhle bokufunda nolwazi. Abazali bangasiza ukufundisa abantwana babo ukufunda ngesimiso sasekhaya esihlelwe ngesu sokufunda. Ngezinye izikhathi bekuyokuba-kuhle ukucela abantwana bakho ukufunda ngezwi elikhulu, ngokwesibonelo, ukufunda itekisi losuku nokukhulumela encwajaneni Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke. Uma ungeyena umfundi oqephuzayo, bekuyokuba-nosizo ngakhona kuwe ukuzijwayeza imizuzu eyishumi nesihlanu kuya kwengamashumi amathathu kolunye nolunye usuku. Ngezinyangana ezimbalwa uyobona imiphumela eyanelisayo.
19 Izinjwayelo ezinhle zokufunda, izikhathi ezisesimisweni zokufunda nokucwaninga, nokusetshenziswa kokusikisela okwahlukahlukene okubekwe amabala engwe lapha kuyolithuthukisa kakhulu ikhono lakho lenkonzo. Uyokwazi ukukhumbula angaphezulu amazwi aligugu elikhulu kaNkulunkulu, ukuze uwasebenzise ekuphileni kwakho nasenkonzweni. Ngisho nabagugileyo bangalithuthukisa ikhono labo lokukhumbula uma bezijwayeza amaphuzu anikezwe lapha. Akakho ofanele azizwe ukuthi useguge kakhulu ukuzuza.
20 Isizathu sikaNkulunkulu sokuloba izinjongo zakhe ezinhle kakhulu encwadini kwakungenxa yokuthi yonke imisebenzi yakhe emangalisayo ibingahle yaziswe kubantwana babantu futhi ikhunjulwe isikhathi eside. (IHu. 78:5-7) Ukwazisa kwethu ukuphana kwakhe kulendaba kubonakaliswa kahle kakhulu ngokukhuthala kwethu ekufundeni nasekukhumbuleni leloZwi elinika ukuphila.