Funda Ngokuzimisela
IZILWANE azikwazi ukwenza lokhu okwenzayo njengamanje. Ngokuvamile ngenxa yokuntula ithuba lokuya esikoleni, umuntu oyedwa kwabayisithupha akazange afunde ukufunda—futhi labo abakwaziyo ukufunda, abafundi njalo. Noma kunjalo, ikhono lakho lokufunda okubhaliwe lenza ukuba uvakashele amanye amazwe, uhlangane nabantu abakuphila kwabo kungathuthukisa okwakho, uthole nolwazi ongalusebenzisa oluyokusiza ukuba ukwazi ukubhekana nezinkathazo zokuphila.
Okufundela izingane zakho kungasiza ekwakheni ubuntu bazo
Ikhono lokufunda linesandla ekutheni kungakanani umuntu osemusha akuzuzayo esikoleni. Lapho efuna umsebenzi, ikhono lakhe lokufunda lingaba nomthelela ekutheni msebenzi muni angawuthola namahora okumelwe awasebenze ukuze aziphilise. Omama bamakhaya abafunda kahle bakwazi kangcono ukunakekela imikhaya yabo ngokuphathelene nokudla okufanele, inhlanzeko nokuvinjelwa kokugula. Omama abafunda kahle bangase babe ithonya elihle ekukhuleni ngokwengqondo kwezingane zabo.
Yiqiniso, inzuzo yokufunda enkulu kunazo zonke iwukuthi kungakwenza “ufumane ukumazi uNkulunkulu.” (IzAga 2:5) Izindlela eziningi esikhonza ngazo uNkulunkulu zihlanganisa ikhono lokufunda. Emihlanganweni yebandla kufundwa imiBhalo nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Indlela ofunda ngayo inesandla ekuphumeleleni kwakho enkonzweni yasensimini. Futhi ukulungiselela lezi zici kuhilela ukufunda. Ngenxa yaleso sizathu, ukukhula kwakho ngokomoya kuxhomeke ngezinga elikhulu emikhubeni yakho yokufunda.
Lisebenzise Kahle Ithuba
Funda ukuba isikhulumi esiqephuzayo lapho ukhuluma neningi
Abanye abafunda izindlela zikaNkulunkulu banemfundo encane. Kungase kudingeke bafundiswe ukufunda ukuze intuthuko yabo engokomoya iqhubekele phambili. Noma bangase badinge usizo olukhethekile ukuze bathuthukise amakhono abo okufunda. Uma kunesidingo endaweni, amabandla azama ukuhlela amakilasi okufunda asekelwe encwadini ethi Apply Yourself to Reading and Writing. Izinkulungwane eziningi ziye zazuza kakhulu kuleli lungiselelo. Ngenxa yokubaluleka kokukwazi ukufunda kahle, amanye amabandla ahlela ukuba amakilasi okuthuthukisa ukufunda enziwe ngesikhathi kuqhubeka iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Ngisho nalapho engekho khona la makilasi, umuntu angathuthuka kahle kakhulu uma usuku nosuku ezinika isikhathi sokufunda ngokuphimisela nangokuba khona njalo esikoleni futhi anikeze izinkulumo.
Kuyadabukisa ukuthi izinto ezinjengamahlaya nethelevishini ziphakathi kwezinto ezenzé abantu abaningi bangakunaka ukufunda. Ukubuka ithelevishini nokufunda okuncane kungathiya intuthuko yamakhono omuntu okufunda, ikhono lakhe lokucabanga kahle, ikhono lakhe lokubonisana nabanye ngendlela ecacile nokuzikhulumela kahle.
Izincwadi ezisisiza ukuba siqonde iBhayibheli zilungiselelwa ‘yinceku ethembekileyo neqondayo.’ Zinikeza ukwaziswa okuningi okuphathelene nezinto ezibalulekile ezingokomoya. (Math. 24:45; 1 Kor. 2:12, 13) Zisigcina futhi sizazi izinto ezibalulekile ezenzeka emhlabeni nokuthi zisho ukuthini, zisisiza ukuba siwazi kangcono umhlaba futhi zisifundise izindlela zokubhekana nezinto ezisikhathazayo. Ngaphezu kwakho konke, zigxila endleleni yokukhonza uNkulunkulu ngokwamukelekayo nokuthola ukuvunyelwa nguye. Ukufunda izinto ezihlanzeke kanjalo kuyokusiza ukuba uthuthuke njengomuntu ongokomoya.
Yiqiniso ukuthi ikhono lokufunda kahle alanele nje lilodwa. Lelo khono kudingeka lisetshenziswe ngendlela efanele. Njengokudla, kumelwe zikhethwe izinto ezifundwayo. Ungakudlelani ukudla okungenamsoco ngempela noma okunoshevu? Ngendlela efanayo, kungani ufunda izinto ezingonakalisa ingqondo yakho nenhliziyo, ngisho noma uzifunda ngokwethukela? Izimiso zeBhayibheli kumelwe zisinike indinganiso esinganquma ngayo ukuthi yini esiyifundayo nesingeke siyifunde. Ngaphambi kokunquma ukuthi uzofundani, cabanga ngemibhalo enjengomShumayeli 12:12, 13; Efesu 4:22-24; 5:3, 4; Filipi 4:8; Kolose 2:8; 1 Johane 2:15-17; no-2 Johane 10.
Funda Unesisusa Esifanele
Ukubaluleka kwesisusa esifanele sokufunda kuyacaca lapho sifunda ukulandisa kwamaVangeli. Ngokwesibonelo, eVangelini likaMathewu, sithola uJesu ebuza abaholi benkolo ababeyazi kahle imibhalo imibuzo enjengokuthi “Anikufundanga yini?” nothi “Anifundanga yini?” ngaphambi kokuba abanikeze izimpendulo ezingokomBhalo emibuzweni yabo yokumhila. (Math. 12:3, 5; 19:4; 21:16, 42; 22:31) Esinye isifundo esisifunda kulokhu ukuthi uma isisusa sethu sokufunda singaqondile, singafinyelela eziphethweni eziyiphutha noma silahlekelwe yiphuzu ngokuphelele. AbaFarisi babefunda imiBhalo ngoba babecabanga ukuthi bayothola ukuphila okuphakade ngayo. Njengoba uJesu asho, lowo mvuzo awunikezwa labo abangamthandi uNkulunkulu nabangayamukeli indlela yaKhe yensindiso. (Joh. 5:39-43) AbaFarisi babenezinhloso zobugovu; ngakho-ke, iziphetho zabo eziningi zaziyiphutha.
Uthando ngoJehova luyisisusa esimsulwa esingaba naso sokufunda iZwi lakhe. Uthando olunjalo luyosishukumisela ukuba sifunde ngentando kaNkulunkulu, ngoba uthando “lujabula kanye neqiniso.” (1 Kor. 13:6) Ngisho noma sasingakuthandi ukufunda esikhathini esidlule, ukuthanda uJehova ‘ngengqondo yethu yonke’ kuyosishukumisela ukuba sisebenzise izingqondo zethu ngenkuthalo ekungeniseni ulwazi ngoNkulunkulu. (Math. 22:37) Uthando luvusa isithakazelo, futhi isithakazelo sakha ugqozi lokufunda.
Cabangela Ijubane
Ukufunda kuhambisana nokubona amagama owaziyo. Njengoba nje ufunda manje, ubona amagama owaziyo futhi uyakhumbula ukuthi asho ukuthini. Ungalikhuphula ijubane lokufunda kwakho uma emaningi amagama owaziyo. Kunokuma ubuke igama ngalinye, zama ukubuka amagama amaningi ngesikhathi. Lapho uthuthukisa leli khono, uyothola ukuthi ukuqonda ngokucace nakakhulu okufundayo.
Ukufunda ndawonye kwenza amalungu omkhaya asondelane
Nokho, lapho ufunda izinto ezijulile, okuzuza emzamweni wakho kungase kukhule ngokusebenzisa indlela ehlukile. Lapho eluleka uJoshuwa ngokufunda kwakhe imiBhalo, uJehova wathi: “Le ncwadi yomthetho akufanele isuke emlonyeni wakho, futhi kumelwe uyifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini.” (Josh. 1:8, NW) Ukukhuluma ngezwi eliphansi kuvame ukwenziwa uma umuntu ezindla. Ngakho-ke, inkulumo yesiHeberu ethi ‘funda ngezwi eliphansi’ iphinde ihunyushwe ngokuthi “zindla.” (IHu. 63:6; 77:12; 143:5) Lapho umuntu ezindla, ucabanga ngokujulile; akaphuthumi. Ukufunda ube ucabangisisa ngalokho okufundayo kuvumela iZwi likaNkulunkulu ukuba libe nethonya elikhulu engqondweni nasenhliziyweni. IBhayibheli liqukethe iziprofetho, izeluleko, izaga, izinkondlo kanye nezibikezelo zesahlulelo saphezulu, imininingwane ephathelene nenjongo kaJehova, kanye nentilibathwa yezibonelo zokuphila okungokoqobo—zonke ezizuzisa abafuna ukuhamba ezindleleni zikaJehova. Yeka ukuthi kuzuzisa kanjani ukufunda iBhayibheli ngendlela evumela ukuba lingene ligxile engqondweni nasenhliziyweni yakho!
Funda Ukugxilisa Ingqondo
Imikhuba yakho yokufunda inethonya ekukhuleni kwakho ngokomoya
Njengoba ufunda, zibeke kuleso sigcawu esichazwayo. Zama ukubabona ngeso lengqondo abalingiswa futhi imizwelo yakho ihileleke ezintweni ezenzekayo ekuphileni kwabo. Lokhu kulula uma ufunda ukulandisa okunjengokukaDavide noGoliyati okubhalwe ku-1 Samuweli isahluko 17. Kodwa ngisho nemininingwane eku-Eksodusi noLevitikusi mayelana nokwakhiwa kwetabernakele noma ukumiswa kobupristi iyoba ngokoqobo lapho ubona ngamehlo engqondo izilinganiso zobukhulu kanye namathuluzi okusebenza noma lapho ucabanga ngephunga lempepho, okusanhlamvu okuphekiwe, kanye nezilwane ezenziwa iminikelo yokushiswa. Cabanga indlela okumelwe ukuba kwakwesabeka ngayo ukwenza izinkonzo zobupristi! (Luka 1:8-10) Ukuhilela izinzwa kanye nemizwelo yakho ngale ndlela kuyokusiza ukuba uqonde ukubaluleka kwalokho okufundayo futhi kuyokusiza ukukhumbule.
Kodwa uma ungaqaphile, ingqondo yakho ingase izule lapho uthi uyafunda. Amehlo akho angase agqolozele ikhasi, kodwa ingqondo yakho ibe kwenye indawo. Ingabe kudlala umculo? Uvulele ithelevishini? Ingabe amalungu omkhaya ayaxoxa? Uma kungenzeka, kungcono kakhulu ukufunda endaweni ethulile. Nokho, iziphazamiso zingavela nakuwe ngaphakathi. Mhlawumbe ubunosuku olumatasa. Yeka ukuthi kulula kanjani ukucabanga ngemisebenzi yosuku! Yiqiniso, kuhle ukubukeza izenzakalo zosuku—kodwa hhayi lapho ufunda. Mhlawumbe lapho uqala ingqondo isuke igxilile, noma ungase uthandaze nokuthandaza andukuba ufunde. Kodwa lapho usufunda, ingqondo yakho iqale ukuzulazula. Zama futhi. Zifundise ukugcina ingqondo yakho igxile kulokho okufundayo. Ngokuhamba kwesikhathi, uyoyibona intuthuko.
Uye wenzeni lapho uhlangana negama ongaliqondi? Amagama athile angavamile angase achazwe noma adingidwe endabeni oyifundayo. Noma ungase ukwazi ukuthola incazelo endabeni. Uma kungenjalo, zinike isikhathi sokubheka lelo gama esichazamazwini uma sikhona, noma ulidwebele lelo gama ukuze kamuva ubuze incazelo yalo kothile. Lokhu kuyokwandisa inqolobane yakho yamagama futhi kukusize ukuqonde lokho okufundayo.
Ukufundela Iningi
Qhubeka ufundela iningi ngokuzimisela
Lapho umphostoli uPawulu etshela uThimothewu ukuba aqhubeke ezimisela ekufundeni, uPawulu wayekhuluma ikakhulukazi ngokufundela ukuzuzisa abanye. (1 Thim. 4:13) Ukufundela iningi ngokuphumelelayo kuhlanganisa okungaphezu nje kokumane ubize amagama ekhasini. Umfundi kudingeka aqonde ukuthi asho ukuthini lawo magama futhi athole umqondo wawo. Ukwenza lokho kuphela okuyomenza adlulisele imiqondo ngendlela eqondile futhi ayiveze ngokunembile nemizwa ehilelekile. Yiqiniso, lokhu kudinga ukulungiselela ngokungashwampuluzi nokuprakthiza. Ngakho-ke, uPawulu wanxusa: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi.” Uzothola ukuqeqeshwa okuwusizo kuleli khono eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
Zinike Isikhathi Sokufunda
“Imicabango yokhutheleyo isenzuzweni, kepha eyabo bonke abaphangisayo isekusweleni kuphela.” (IzAga 21:5) Yeka ukuthi lokho kuyiqiniso kanjani ngokuphathelene nesifiso sethu sokufunda! Ukuze ‘sizuze’ kumelwe sihlele isimiso ngokuzimisela ukuze eminye imisebenzi ingaphazamisi ukufunda kwethu.
Ufunda nini? Ingabe uyazuza ngokufunda ekuseni kakhulu? Noma ingabe uphapheme kakhulu phakathi nosuku? Ngisho noma ungabekela eceleni imizuzu engu-15 noma engu-20 yokufunda usuku ngalunye, uyomangala ukuthi kungakanani ongakufeza. Inqobo nje uma ukwenza njalo.
Kungani uJehova eye wakhetha ukuba izinjongo zakhe ezinhle zibhalwe encwadini? Ukuze abantu bakwazi ukufunda iZwi lakhe elibhaliwe. Lokhu kubenza bakwazi ukucabanga ngemisebenzi kaJehova emangalisayo, bayixoxele abantwana babo nokuba bona bagcine izenzo zikaNkulunkulu engqondweni. (IHu. 78:5-7) Ukwazisa kwethu ukupha kukaJehova kule ndaba kubonakala kangcono kakhulu endleleni esizikhandla ngayo ekufundeni iZwi lakhe elinika ukuphila.