Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 86
  • Amadoda Aholwa Yinkanyezi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amadoda Aholwa Yinkanyezi
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uvikela UJesu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Nezazi Zezinkanyezi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Nezazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Luhlobo Luni Lwenkanyezi Olwaholela “Izazi” KuJesu?
    I-Phaphama!—2009
Bheka Okunye
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 86
Abantu abahlola ngezinkanyezi balandela inkanyezi ekhanya kakhulu

INdaba 86

Amadoda Aholwa Yinkanyezi

UYAYIBONA le nkanyezi egqamile enye yala madoda eyikhombayo? La madoda avela eMpumalanga, angabahloli bezinkanyezi. Akholelwa ukuthi le nkanyezi entsha iwaholela kothile obalulekile.

Inkanyezi ekhanya kakhulu esibhakabhakeni ngaphezu kweBhethlehema

Uma la madoda efika eJerusalema, ayabuza: ‘Uphi umntwana ozoba yinkosi yamaJuda?’ “AmaJuda” elinye igama lama-Israyeli. ‘Inkanyezi yalo mntwana siyibone okokuqala siseMpumalanga,’ kusho la madoda, ‘sizele ukuzokhuleka kuye.’

Uma uHerode, oyinkosi yaseJerusalema, ezwa ngalokhu uyathukuthela. Wayengafuni ukuba enye inkosi ithathe isikhundla sakhe. Ngakho uHerode wabiza abapristi abakhulu wabuza: ‘Izozalelwaphi inkosi ethenjisiwe?’ Baphendula: ‘IBhayibheli lithi eBhetlehema.’

Ngakho uHerode wabiza amadoda aseMpumalanga, wathi: ‘Hambani niyomfuna umntwana. Uma nimthola, ningazise. Ngifuna ukuyomkhulekela nami.’ Kodwa, eqinisweni uHerode wayefuna ukuthola umntwana ukuze ambulale!

Khona-ke inkanyezi iholela la madoda eBhetlehema, ime maqondana nendawo lapho umntwana ekhona. Uma amadoda engena endlini, athola uMariya noJesu osemncane. Akhipha izipho azinika uJesu. Kodwa kamuva uJehova uxwayisa la madoda ngephupho ukuba angabuyeli kuHerode. Ngakho abuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

Uma uHerode ezwa ukuthi amadoda asempumalanga asebuyele emakubo, uthukuthela kakhulu. Ngakho unikeza umyalo wokuba kubulawe bonke abafana abaneminyaka emibili nangaphansi eBhetlehema. Kodwa uJehova uxwayisa uJosefa ngephupho kusengaphambili, uJosefa ahambe nomkhaya wakhe aye eGibhithe. Kamuva, uma uJosefa ezwa ukuthi uHerode ufile, uthatha uMariya noJesu babuyela eNazaretha. Yilapha lapho uJesu ekhulela khona.

Ucabanga ukuthi ubani owenza kukhanye leyo nkanyezi entsha? Khumbula, amadoda aqale aya eJerusalema ngemva kokubona inkanyezi. USathane uDeveli wayefuna ukubulala iNdodana kaNkulunkulu, wayazi ukuthi iNkosi uHerode waseJerusalema wayezozama ukuyibulala. Ngakho uSathane okufanele ukuba wenza kukhanye leyo nkanyezi.

Mathewu 2:1-23; Mika 5:2.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela