INgoma 65
Ukuhlangana Ngobunye
1. Kumnand’ abazalwane
Behleli ngobunye,
Bethandana ngempela
Besebenza kanye!
Kunjengombethe weHermon’
Owehlel’ eS’yoni (Siyon’)
Owenza yaba luhlaza,
Yavuka kamnandi.
2. Mas’hlangane ndawonye,
Sivuselelane.
Sazise bonk’ abantu
Ngethemb’ esirphiwe.
Makuthi imihlangano
Siy’lungiselele (kahle),
Size sihlonyiswe kahle,
Sisize abanye.
3. UJah uthembekile;
IZwi iqiniso.
Masil’funde ndawonye
Sigcin’ ubuqotho.
Masingayek’ uk’hlangana
Nab’ abazalwane (bethu).
Njengoba sibon’ usuku
Manje lusondele.