Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ti kk. 2-3
  • Ingabe Kufanele Ukholelwe Kuye?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kufanele Ukholelwe Kuye?
  • Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxenye 1—Ingabe UJesu Nabafundi Bakhe Bayifundisa Imfundiso KaZiqu-zintathu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Uyimfundiso YeBhayibheli Ngokucacile?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Imfundiso KaZiqu-zintathu—Ingabe Kumelwe Uyikholelwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe uNkulunkulu unguZiqu-zintathu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
ti kk. 2-3

Ingabe Kufanele Ukholelwe Kuye?

INGABE ukholelwa kuZiqu-zintathu? Abantu abaningi kweLobukholwa bakholelwa kuye. Kakade, ubelokhu eyimfundiso eyinhloko yamasonto emakhulwini amaningi eminyaka.

Ngenxa yalokhu, ubungacabanga ukuthi ngeke kube nakungabaza ngaye. Kodwa kukhona, futhi muva nje ngisho nabanye babasekeli balemfundiso baye bayishubisa lempikiswano.

Kungani indaba enjengalena kungafanele ibe nje eyesithakazelo esidlulayo? Ngoba uJesu ngokwakhe wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu: ukwazi wena, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, noJesu Kristu omthumileyo.” Ngakho lonke ikusasa lethu lixhomeke ekwazini kwethu uhlobo lomuntu uNkulunkulu ayilo ngempela, futhi lokho kusho ukulandelela umsuka wempikiswano kaZiqu-zintathu. Ngakho-ke, kungani ungazihloleli wona ngokwakho?—Johane 17:3, iJerusalem Bible (JB) yamaKatolika.

Kunemiqondo ehlukahlukene ngoZiqu-zintathu. Kodwa ngokuvamile imfundiso kaZiqu-zintathu iwukuthi kuNkulunkulu kunabantu abathathu, uYise, iNdodana, noMoya oNgcwele; kodwa, bebonke banguNkulunkulu oyedwa. Lemfundiso ithi laba abathathu bayalingana, bangomninimandla onke, futhi abadalwanga, njengoba bebephila kusukela phakade kuNkulunkulu.

Nokho, abanye bathi imfundiso kaZiqu-zintathu ingamanga, bathi uNkulunkulu uMninimandla onke umi yedwa njengomuntu ohlukile, ongafi, nowusomandla. Bathi uJesu ekuphileni kwakhe engakabi umuntu, njengezingelosi, wayengumuntu womoya ohlukile owadalwa uNkulunkulu, futhi ngenxa yalokhu kumelwe ukuba waba nesiqalo. Bafundisa ukuthi uJesu akakaze alingane noNkulunkulu uMninimandla onke nganoma imuphi umqondo; ubelokhu ngaso sonke isikhathi engaphansi kukaNkulunkulu namanje usengaphansi kwakhe. Bakholelwa nawukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu kodwa ungumoya kaNkulunkulu, amandla akhe ayisiphekupheku.

Abasekeli bakaZiqu-zintathu bathi akasekelwe nje kuphela emfundisweni endala yenkolo kodwa naseBhayibhelini. Abagxeki balemfundiso bathi ayiyona imfundiso yeBhayibheli, enye incwadi yomlando isho nokusho ukuthi: “Umsuka [kaZiqu-zintathu] ungowobuqaba ngokuphelele.”—The Paganism in Our Christianity.

Uma uZiqu-zintathu eyiqiniso, kuwukumlulaza uJesu ukuthi akakaze alingane noNkulunkulu njengengxenye kaNkulunkulu. Kodwa uma uZiqu-zintathu engamanga, kuwukululaza uNkulunkulu uMninimandla onke ukubiza noma ubani ngokuthi ulingana naye, futhi kubi ngisho nangokwengeziwe ukubiza uMariya ngokuthi “uNina kaNkulunkulu.” Uma uZiqu-zintathu engamanga, kuyamenyelisa uNkulunkulu ukusho, njengoba kuphawulwe encwadini ethi Catholicism ukuthi: “Ngaphandle kokuba [abantu] bagcine loluKholo luphelele futhi luhlanzekile, ngokungangabazeki [ba]zobhubha phakade. Futhi uKholo LwamaKatolika yilolu: sikhulekela uNkulunkulu oyedwa onguZiqu-zintathu.”

Khona-ke, kunezizathu ezinhle zokuthi kungani kufanele ufune ukwazi iqiniso ngoZiqu-zintathu. Kodwa ngaphambi kokuba uhlole umsuka wakhe nokuzisholo kokuthi uyiqiniso, bekungaba usizo ukuchaza lemfundiso ngokuqonde ngokwengeziwe. Uyini, ngokuthé ngqo, uZiqu-zintathu? Abasekeli balemfundiso bamchaza kanjani?

Izingcaphuno zemiBhalo zivela eBhayibhelini LesiZulu Elivamile, ngaphandle kokuba kuboniswe ngenye indlela. Lapho kunoNW ngemva kwengcaphuno, kubonisa ukuthi ihunyushwe isuselwa kuNew World Translation of the Holy Scriptures—With References yesiNgisi, uHlelo luka-1984, uma kunoEsd, iBhayibheli LesiZulu Esidala

[Izithombe ekhasini 2]

Kwesobunxele: Isithombe esibaziweyo sabaseGibithe senkulungwane yesibili yeminyaka (B.C.E.) UMthath’ emunye ka-Amon-Ra, uRamses II, noMut. Kwesokudla: Isithombe esibaziweyo sikaZiqu-zintathu sekhulu leshumi nane leminyaka (C.E.) sikaJesu Kristu, uYise, nomoya ongcwele.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela