Imfundiso KaZiqu-zintathu—Ingabe Kumelwe Uyikholelwe?
INGABE uyayikholelwa ngempela imfundiso kaZiqu-zintathu? Amakhulu ezigidi kweLobukholwa ayayikholelwa. Mhlawumbe ezikhathini eziningi uye wacabanga ukuthi isekelwe eBhayibhelini. Ingabe uyazi ngokuqondile ukuthi iyini? Ingabe uyayiqonda? Ingabe ungayichaza?
Isivumo Sokholo, amanye amazwi akuqala aphelele ngoZiqu-zintathu, ayichaza ngalendlela:
“UNkulunkulu uyise, iNdodana, noMoya oNgcwele bayinto eyodwa: ngenkazimulo bayalingana, ngobukhosi balingana ngokungenasiphelo. . . . uYise ungumninimandla onke, iNdodana ingumninimandla onke, noMoya oNgcwele ungumninimandla onke. . . . Ngakho uYise unguNkulunkulu, iNdodana inguNkulunkulu, noMoya ongcwele unguNkulunkulu. Kodwa futhi akubona oNkulunkulu abathathu, kodwa uNkulunkulu oyedwa. . . . KuloZiqu-zintathu akekho ongaphambi noma ongemva komunye; akekho omkhulu noma omncane kunomunye. Kodwa bobathathu banephakade ndawonye, futhi bayalingana.”
Ngakho ngokwemfundiso kaZiqu-zintathu, uYise, iNdodana noMoya oNgcwele bayalingana ngamandla, ngegunya nangobuphakade. Kodwa umbuzo onzima yilona: Ingabe uJesu Kristu nabaphostoli bakhe bakholelwa futhi bafundisa uZiqu-zintathu? Uma sikholelwa ukuthi kunjalo, sibhekene nemibuzo eminingi exakayo.
KuMarku 13:32, uJesu Kristu wathi: “Kepha lolosuku nalelohora [lokwehlisela kukaNkulunkulu isahlulelo] akakho owazi-lutho, ngalo nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela.” (Bheka ibhokisi, “Kungani Engekho?” ekhasini 7.) Kodwa uma uYise neNdodana belingana, kungenzeka kanjani ukuba iNdodana ingazazi izinto ezaziwa uYise? ‘UJesu wayenezimo ezimbili,’ abanye bangaphendula. ‘Lapha ukhuluma njengomuntu.’ Futhi, khona-ke, ngisho nakuba lokho kunjalo, kuthiwani “ngoMoya oNgcwele”? Uma ungumuntu wesithathu kaZiqu-zintathu, kungani ungazi? Iketanga aliqinile uma kukhona indawo elingenamandla kuyo. Futhi “uMoya oNgcwele” uyilungu leketanga likaZiqu-zintathu.
Ngokufanayo, esikhathini esingaphambili uJesu wayethé: “Akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani kuphela iNdodana.” (Luka 10:22) Futhi, kuthiwani “ngoMoya oNgcwele”? Uma uyingxenye ezwayo “kaNkulunkulu,” elinganayo noYise neNdodana, kungani ungazi?
Ngaphezu kweminyaka engama-20 ngemva kokuba uJesu efile futhi wenyukela ezulwini, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi [uYise] ukuba ngaye ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.” (1 Korinte 2:16) Kungenzeka kanjani ukuba “nomqondo kaKristu” kodwa futhi ungawazi “umqondo weNkosi”—uma uYise neNdodana belingana?
KuzAga 8:22-24 siyafunda: “INKOSI yangidala ekuqaleni komsebenzi wayo, ngingukuqala kwemisebenzi yayo yakudala. Ngamiswa kudala, ekuqaleni, ngaphambi kokudalwa komhlaba. Lungakabi bikho utwa ngazalwa.” (Revised Standard Version) AmaKristu okuqala akuqonda ngokukhanyayo ukuthi lokhu kuchaza kubhekisela kuKristu. Njengesazi semfundiso kaZiqu-zintathu uEdmund J. Fortman uyabhala: “UPawulu wasebenzisa [IzAga 8:22-31] eNdodaneni kaNkulunkulu. Abalweli bokholo bawusebenzisa ekuboniseni oweZizwe nomJuda ukuba khona ngaphambili kukaLizwi nendima yaKhe endalweni.” (Qhathanisa nabaseKolose 1:15-17; IsAmbulo 3:14.) Kodwa uma uJesu wayenesiqalo esingunaphakade, “adalwa,” “amiswa,” “azalwa,” nakuba kukudala ngaphambi kokuzalwa kwakhe kwasemhlabeni, angalingana kanjani noYise ngobuphakade? Ngaphezu kwalokho, isidalwa kuphela (ngakho-ke, umuntu onesiqalo) esingathi: “Ngiphila ngoBaba.”—Johane 6:57.
UJesu ngokuphindaphindiwe wabhekisela kuYise njengo“Nkulunkulu wami”—ngisho nangemva kokubuyela kwakhe enkazimulweni yasezulwini. (Mathewu 27:46; Johane 20:17; IsAmbulo 3:2, 12) Omncane kuphela, isikhonzi, ongabhekisela komunye “njengoNkulunkulu wami.” Kodwa kungani singatholi nakanye uYise ethi eNdodaneni “Nkulunkulu wami”? Futhi kungani kungenzeki neze sibone uYise noma iNdodana bethi “kuMoya oNgcwele” “Nkulunkulu wami”?
Lena imibuzo edinga ukucabangisisa, ingabe awuvumi?
Kungani Kwakungekho Ukusabela?
Uma sicabanga ukuthi uJesu Kristu wakholelwa futhi wafundisa ukuthi wayelingana noNkulunkulu, kunokuthile okunye okuxakayo: Kungani singafundi “eTestamenteni Elisha” ngemiphumela lokho okwakungaba nayo ngokufanele ngemfundiso enjalo? Miphi imiphumela?
Okokuqala, cabangela indlela imfundiso enjalo eyayiyothinta ngayo abafundi bakaJesu. Ekuqaleni, babeyobe becabangele uJesu njengomuntu ovamile. (Qhathanisa noMarku 6:3.) Khona-ke, esikhathini esithile, ake sithi uJesu wembula ukuthi wayenguNkulunkulu ngokwakhe. Babeyosabela kanjani? Wawuyosabela kanjani uma ngokushesha uzwa utshelwa ukuthi umi eceleni kukaNkulunkulu?
Ecabangela umbono onjalo, uAndrews Norton, omunye woprofesa bokuqala beSikole Senkolo Ngobunkulunkulu eHarvard ekhulwini le-19, wathi: “Yeka ukuthi ukumangala okungenakuchazeka kanjani okumelwe ukuba kusehlele!” Futhi uma umuntu ngempela wayezwe ukuthi wayenoNkulunkulu ngokwenyama, “yeka ukuthi besingahlala sikhuluma lokho kangakanani ngolimi olunamandla, noma nini lapho sinethuba lokukhuluma ngaye!”
Kodwa, ngobuqotho obuphelele, njengoba ufunda amaVangeli ingabe uyakubona ukusabela ngokumangala kwabafundi bakaJesu? ‘Kungakho iqiniso layo lambulwa kancane kancane kubo nguJesu,’ abanye bangase basho. Khona-ke, kungani kungatholakali ukumangala okunjalo ngisho nasezincwadini “zeTestamente Elisha,” ezabhalwa eminyakeni ethile ngemuva kokufa kukaJesu nokuvuswa? Kuyaxaka, akunjalo?
Ngaphandle kwalokhu, kuneminye imiphumela eyayingaba nokwenzeka ukuba uJesu wayefundise ukuthi unguNkulunkulu. NgamaJuda, ayekholelwa ukuthi iNkosi . . . “uJehova, munye,” kwakungaba ukuhlambalaza ukuthi uKristu wayelingana noNkulunkulu njengomuntu wesibili kaZiqu-zintathu. (Duteronomi 6:4) Lokhu kuphakamisa imibuzo emibili.
(1) Kungani singatholi ababhali “beTestamente Elisha” bechaza, becacisa, befanekisa futhi belwela izikhathi eziningi lemfundiso engakholeki ngenzuzo yamaJuda akholwayo? Ayikho imfundiso eyayingafuna incazelo eyengeziwe njengayo!
(2) Futhi kungani singatholi amaJuda angakholwa, ayephikisa kakhulu ubuKristu, ehlasela imfundiso kuwona eyayiyoba ngenyanyekayo? Akukho mfundiso eyayiyozungezwa ukuphikiswa okwengeziwe njengayo!a
Kanjalo, uProfesa Norton waphawula:
“Khona-ke, kubonakala ukuthi nakuba eminye imibuzo engenzima (ngokwesibonelo, ukusoka kwabeZizwe abaphendukile) yayiletha ukungabaza nokuphikisana kangangokuba ngisho negunya labaPhostoli lalicishe ukuba linganelisi ekumiseni iqiniso, lemfundiso [kaZiqu-zintathu], engavamile, eyenyanyekayo, futhi okunzima ukuyiqonda, yangeniswa ngokunyenya, futhi yamukelwa ngaphandle kokungabaza, ukwenyanya, ukuphikiswa, noma ukungaqondi.”
Kuyaxaka, uma sikubeka ngamazwi alula!
Ngakho kungani kungekho sichasiselo sababhali “beTestamente Elisha”? Kungani kungekho kuhlasela kwabaphikisi abangamaJuda? Ngoba uJesu nabaphostoli bakhe abazange bafundise lokho ngokuvamile okukholelwa eLobukholwa—uZiqu-zintathu! Khona-ke, yavela kuphi imfundiso kaZiqu-zintathu?
UZiqu-zintathu—Ingabe Udumisa UNkulunkulu?
‘Imfundiso kaZiqu-zintathu yamukelwa kamuva ngokwesiko, nakuba yayingafundiswa emiBhalweni,’ abanye bangase basho kanjalo. Kodwa lokho kuvumelana kanjani namazwi kaPawulu kwabaseGalathiya 1:8: “Kepha-ke noma kungabayithina noma ingelosi evela ezulwini enishumayeza ivangeli eliphambene nalelo esanishumayeza lona, makabe-ngoqalekisiweyo”?
IBhayibheli laxwayisa ngokuhlubuka ebuKristwini beqiniso, ngokuthi: “Ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni.” (1 Thimothewu 4:1) Njengoba, ngokweNew Catholic Encyclopedia, imfundiso kaZiqu-zintathu yayingakathuthukiswa ngokugcwele kwaze kwaba “sekoteni yokugcina yekhulu lesine,” siyabuza: Ingabe kungenzeka ukuthi ‘imfundiso kaZiqu-zintathu iwumphumela wokuhlubuka ebuKristwini beqiniso? Ingabe uZiqu-zintathu empeleni angaba imfundiso yamademoni’?
Ngokuqinisekile isici esinqumayo singaba isithelo salemfundiso. Lapho ebekwa icala ngamaJuda ngokuthi ‘unedemoni,’ uJesu waphendula: “Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba.” (Johane 8:49) Ngakho-ke kuthiwani ngemfundiso kaZiqu-zintathu? Ingabe iye yakusondeza kuNkulunkulu weBhayibheli? Ingabe iye yamdumisa uNkulunkulu ngokuletha abantu eduze kwakhe? Amaqiniso abonisani?
“Imfundiso kaZiqu-zintathu Ongcwele inzima kakhulu ukuyichaza, futhi akukho muntu oyiqondayo,” kuvuma umfundisi ongumKatolika uRobert I. Gannon. Ukuze babe nesisekelo sokholo, abantu abacabangayo bafuna incazelo eyenelisa ingqondo ehluzekile. Ingabe kukhona okuthile okungalungile ngomcabango kaNkulunkulu okungenakuchazwa? Ingabe uNkulunkulu angadunyiswa ngomqondo wokuthi ngaye “akukho muntu oqondayo”? AmaKristu eqiniso kumelwe amazi uNkulunkulu amkhulekelayo. Akukho okufihlwayo!—Johane 17:3.
Khona-ke, kunokusondeza abantu kuBaba, imfundiso kaZiqu-zintathu iye yabangela ukuba akhishwe ngamacebo. Emfundisweni yamaProthestani, lokho kuye kwaholela ekubeni uBaba abekwe esikhundleni acishe ukuba angabonakali nhlobo kuso. Buza noma ubani ukuthi babhekisela kubani uma bethi “Mayidunyiswe iNkosi!” futhi bayophendula ngaso sonke isikhathi ngokuthi, “Phela, uJesu Kristu!”
Eduze NoNkulunkulu—Noma NoMariya?
Ngokwemfundiso yeRoma Katolika, umphumela uye waba ngoxoveke kakhulu ngenxa yokuhlonishwa kukaMariya ‘njengoMama kaNkulunkulu,’ “uMlamulelikazi wawowonke uMusa,” “uMkhululikazi osizayo wesintu” nokuthi “iNdlovukazi yeZulu”—yonke imiphumela efanele yemfundiso kaZiqu-zintathu! Njengoba iNew Catholic Encyclopedia ichaza: “UMariya empeleni ungunina kaNkulunkulu uma izimo ezimbili ziqinisekiswa: okungukuthi ngempela ungunina kaJesu nokuthi uJesu uNkulunkulu ngempela.”—Omalukeke ngabethu.
Ebonisa izinga uBaba aye wasunduzelwa ngalo emuva, uArnold Toynbee kuAn Historian’s Approach to Religion ucaphuna amazwi omProthestani ongumFulentshi wekhulu le-17 uPierre Bayle, owabhinqa ngokuthi uNkulunkulu wanikela izulu nomhlaba kuMariya:
“Kusukela kulolosuku kuye phambili, uNkulunkulu akabange esenza lutho, kodwa wethembela, ngakho konke, ekuqapheni kukaMariya; ukuthi iziyalo zathunyelwa ezingelosini eziningi ukuba zazise uMhlaba ngalolushintsho lukahulumeni, ukuze iSintu sazi ukuthi kukubani nokuthi kungayiphi indlela okumelwe sikhulume ngayo esikhathini esizayo uma sikhuleka; nokuthi kwakungamelwe . . . sikhulume neNcasakazi uMariya ngomqondo wobulamulelikazi noma wendlovukazi ephansi, kodwa sasizokhuluma naye njengenkosikazi enkulu ebusa amakhosi futhi engenamkhawulo kuzo zonke izinto.”
Ngokuphambene, uJehova uNkulunkulu ugcizelela ukukhulekelwa okukhethekile! (Eksodusi 20:5) “Ngeke ngilunikeze udumo lwami komunye,” uyaxwayisa.—Isaya 42:8, Douay Version.
Khona-ke abonisani amaqiniso? Ukuthi: Imfundiso kaZiqu-zintathu ayimdumisanga uNkulunkulu ngokuletha abantu eduze naye. Esikhundleni salokho, iye yammelela kabi kakhulu uNkulunkulu. Kanjalo kusobala ukuthi labo abayimelelayo baye bahlubuka ebuKristwini beqiniso.
Yavela Kuphi?
Eqinisweni, onkulunkulu abathathu babekhona ngaphambili kudala kunobuKristu, babejwayelekile enganekwaneni yakudala yabaseGibithe nabaseBabiloni. Lomqondo wangena kanjani kweLobukholwa? IHistory of Christianity, eyanyatheliswa uPeter Eckler, iyachaza:
“Uma ubuqaba banqotshwa ubuKristu, kuyiqiniso ngokufanayo ukuthi ubuKristu bonakaliswa ubuqaba. Ukukholelwa kuNkulunkulu okumsulwa kwamaKristu akuqala (ayehlukile kwamanye amaJuda kuphela ngenkolelo yokuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe,) kwashintshwa, yiSonto lamaRoma, kwaba yimfundiso kaZiqu-zintathu engaqondakali. Imigomo eminingi yezimfundiso zamaqaba, eyasungulwa abaseGibithe futhi yakhuliswa uPlato, yagcinwa njengefanele ukukholelwa.”
“Efanele ukukholelwa”? Ingabe uyavuma? UJesu Kristu washo ngokusobala ukuthi abafundi bakhe beqiniso kumelwe ‘bakhuleke kuBaba ngeqiniso.’ (Johane 4:23, 24) Yebo, ukukhulekela kwethu kumelwe kuvumelane neqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Lokhu kuhlanganisa ukwamukela uJesu Kristu ‘njengeNdodana kaNkulunkulu’ hhayi uNkulunkulu iNdodana! (Johane 20:31; 1 Johane 4:15) Kufuneka ukuba senqabe ngokuqinile wonke amanga obuqaba enkolo. Umagazini owufundayo manje, ngaphezu kweminyaka eyikhulu, uye wasiza izigidi zabantu abaqotho ukuba bakhulekele uNkulunkulu oyedwa “ngeqiniso,” “uJehova iNkosi yamakhosi.”—IHubo 140:7, New World Translation.
[Umbhalo waphansi]
a Abanye bangase bakhombe kuJohane 5:17, 18, lapho kuthi khona: “‘UBaba uyasebenza, nami ngiyasebenza.’ Kungakho amaJuda afuna ukumbulala, ngoba akephulanga nje isabatha kodwa futhi wathi uNkulunkulu unguYise, ezenza alingane noNkulunkulu.” Nokho, uJohane uchaza lokho amajuda angakholwa ayekucabanga ngokuyiphutha ukuthi uJesu wayekusho, ukuthi “wayezenza alingane noNkulunkulu.” Lokhu kusobala ngokuthi babeka uJesu ngokungafanele icala lokwephula iSabatha.—Qhathanisa noMathewu 5:17-19.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
Kungani singatholi amaJuda aphikisayo ehlasela imfundiso leyo kuwona eyayiyoba enyanyekayo?
[Ibhokisi ekhasini 7]
Kungani Engekho?
Ngokuqondene nesikhathi “sosizi olukhulu,” uMathewu 24:36 ufundeka kanje, ngokwe“Authorized Version,” noma i“King James Version:” “Kodwa lolosuku nehora akukho muntu olwaziyo, qha, nezingelosi ezulwini, kodwa uBaba wami kuphela.” Phawula ukuthi amazwi athi “naNdodana” eqiwe nakuba evela kwezinye izinguqulo eziningi. Kungani engekho? Ngokusobala lelivesi labakhathaza abakholelwa emfundisweni kaZiqu-zintathu! Ngoba kungenzeka kanjani ukuba iNdodana ingazazi izinto uYise azaziyo—uma belingana? Ikhulumela uMathewu 24:36, i“The Codex Sinaiticus and The Codex Alexandrinus,” eyanyatheliswa abaphathi ababambele boMyuziyamu waseBrithani, iyachaza: “ISinaiticus neVaticanus [izincwadi zeBhayibheli] aziwafaki amazwi athi naNdodana ngemva kwathi ezulwini, ngokusobala umbhalo wokuqala owasuswa ngenxa yokwesaba ukudideka ngokwemfundiso.”
[Isithombe ekhasini 4]
Isithombe sikaZiqu-zintathu ekhulwini le-14 eSontweni LamaKatolika iSaint Peter, eFrance LamaKatolika iSaint Peter, eFrance
[Isithombe ekhasini 8]
Ingabe bewazi ukuthi onkulunkulu abathathu babekhona kudala ngaphambi kobuKristu?