Uchazwa Kanjani UZiqu-zintathu?
ISONTO lamaRoma Katolika lithi: “Elithi Ziqu-zintathu yigama elisetshenziselwa ukuchaza imfundiso eyinhloko yenkolo yobuKristu . . . Ngakho-ke, emazwini eSivumo Sokholo sika-Athanasius: ‘uYise unguNkulunkulu, iNdodana inguNkulunkulu, noMoya Ongcwele unguNkulunkulu, nokho laboNkulunkulu ababathathu kepha banguNkulunkulu oyedwa.’ KuloZiqu-zintathu . . . laBantu bangosimakade futhi bonke bayalingana: bonke ngokufanayo abadalwanga futhi bangosomandla.”—The Catholic Encyclopedia.
Cishe wonke amanye amasonto kweLobukholwa ayavumelana nalokhu. Ngokwesibonelo, iSonto LamaGreki LobuOrthodox nalo libiza uZiqu-zintathu ngokuthi “imfundiso eyisisekelo yobuKristu,” lisho nokusho ukuthi: “AmaKristu yilabo abamukela uKristu njengoNkulunkulu.” Encwadini ethi Our Orthodox Christian Faith, isonto elifanayo lithi: “UNkulunkulu ungumthath’ emunye. . . . UYise unguNkulunkulu ngokuphelele. INdodana inguNkulunkulu ngokuphelele. UMoya Ongcwele unguNkulunkulu ngokuphelele.”
Ngakho-ke, uZiqu-zintathu ubhekwa ‘njengoNkulunkulu oyedwa kuBantu abathathu.’ Ngamunye kuthiwa akanasiqalo, njengoba ubelokhu ekhona kwaphakade. Ngamunye kuthiwa ungumninimandla onke, njengoba ngamunye engemkhulu futhi engemncane kunabanye.
Ingabe ukucabanga okunjalo kunzima ukukuqonda? Amakholwa amaningi aqotho aye akuthola kudida, kuphambene nokungase kucatshangwe ngokuvamile, kungefani nalutho kwaye ahlangana nakho. Ayabuza, kungenzeka kanjani ukuba uYise abe uNkulunkulu, uJesu abe uNkulunkulu, nomoya ongcwele ube uNkulunkulu, kodwa kungabi noNkulunkulu abathathu kodwa kube noNkulunkulu oyedwa kuphela?
“Ayinakuqondwa Yingqondo Yomuntu”
LOKHU kudideka kusakazeke kabanzi. IEncyclopedia Americana iphawula ukuthi lemfundiso kaZiqu-zintathu ibhekwa ‘njengengenakuqondwa yingqondo yomuntu.’
Abaningi abamukela uZiqu-zintathu bambheka ngaleyondlela efanayo. UMfundisi Eugene Clark uthi: “UNkulunkulu munye, futhi uNkulunkulu mthathu. Njengoba kungekho lutho olunjengalokhu endalweni, asinakukuqonda, kodwa esingakwenza nje ukukwamukela.” Ukhadinali John O’Connor uthi: “Siyazi ukuthi uyimfihlakalo ejule kabi, esingenakulokotha siyiqonde.” Futhi uPapa John Paul II ukhuluma ‘ngemfihlakalo engenakuphenywa kaNkulunkulu onguZiqu-zintathu.”
Ngakho-ke, iDictionary of Religious Knowledge ithi: “Ukuthi leyomfundiso iyini ngokuthé ngqo, noma kunalokho ukuthi kumelwe ichazwe kanjani ngokuthé ngqo, abakholelwa kuZiqu-zintathu abakavumelani bona ngokwabo.”
Khona-ke, singaqonda ukuthi kungani iNew Catholic Encyclopedia iphawula: “Kunabafundisi abambalwa bemfundiso yenkolo kaZiqu-zintathu ezikoleni zobufundisi zamaRoma Katolika abangazange bahlaselwe ngesinye isikhathi yilombuzo, ‘Kodwa umuntu ufundisa kanjani ngoZiqu-zintathu?’ Futhi uma lombuzo uwuphawu lokudideka kwabafundi, mhlawumbe uwuphawu lokudideka okufanayo koprofesa babo.”
Iqiniso lalokho kuphawula lingafakazelwa ngokuya emtatsheni wezincwadi futhi sihlole izincwadi ezisekela uZiqu-zintathu. Kuye kwabhalwa izincwadi ezingenakubalwa kuzanywa ukumchaza. Nokho, ngemva kokushikashikeka emagameni nasezincazelweni zemfundiso yenkolo ezididayo neziyinkimbinkimbi, abacwaningi basaphuma benganelisekile.
Ngokuqondene nalokhu, uJoseph Bracken ongumJesuit uyaphawula encwadini yakhe ethi What Are They Saying About the Trinity?: “Abapristi abafunda ngomzamo ophawulekayo . . . ngoZiqu-zintathu phakathi neminyaka yabo besesikoleni sobufundisi ngokuvamile bakungabazile ukumethula kubantu babo besepulpiti, ngisho nangosuku lwangeSonto Lokuhlonipha uZiqu-zintathu. . . . Kungani umuntu edina abanye ngokuthile abayogcina bengazange bakuqonde kahle-hle?” Uthi futhi: “UZiqu-zintathu uyindaba yenkolelo emisiwe, kodwa [unethonya] elincane noma akanalo nhlobo ekuphileni nasekukhulekeleni kwamaKristu kwansuku zonke.” Kodwa, ‘uyimfundiso eyinhloko’ yamasonto!
Umfundisi ongumKatolika uHans Küng uyaphawula encwadini yakhe ethi Christianity and the World Religions ukuthi uZiqu-zintathu ungesinye sezizathu eziye zabangela ukuba amasonto ahluleke ukwenza intuthuko ephawulekayo kubantu abangemaKristu. Uthi: “Ngisho namaSulumane anolwazi oluhle awakwazi nje ukuwuqonda, njengoba ngokufanayo namaJuda kuze kube manje ehlulekile ukuwuqonda umqondo kaZiqu-zintathu. . . . Umehluko owenziwa imfundiso kaZiqu-zintathu phakathi kukaNkulunkulu oyedwa nabantu abathathu awuwanelisi amaSulumane, adidwa, kunokuba akhanyiselwe, amagama emfundiso yenkolo asuselwa kusiSiriya, isiGreki, nesiLatini. AmaSulumane awathola wonke ewumdlalo nje wokudlala ngamagama. . . . Umuntu angafunelani ukunezela okuthile emqondweni wokuba munye nowokuba yingqayizivele kukaNkulunkulu okumane nje kungcolise futhi kwenze lokho kuba munye nokuba yingqayizivele kube yize?”
“Akayena UNkulunkulu Wendida”
IMFUNDISO enjalo edidayo yayingasunguleka kanjani? ICatholic Encyclopedia ithi: “Imfundiso engenakuphikiswa eyimfihlakalo kangaka idinga isambulo saPhezulu.” Izazi zamaKatolika oKarl Rahner noHerbert Vorgrimler zithi kweyazo ethi Theological Dictionary: “UZiqu-zintathu uyimfihlakalo . . . ngomqondo wangempela . . . , eyayingenakwaziwa ngaphandle kwesambulo, futhi ngisho nangemva kwesambulo ayinakuba eqondakala ngokuphelele.”
Nokho, ukugomela ngokuthi njengoba uZiqu-zintathu eyimfihlakalo enjalo edidayo, kumelwe ukuba wavela esambulweni saphezulu kudala enye inkinga enkulu. Ngani? Ngoba isambulo saphezulu ngokwaso asiwuvumeli umbono onjalo ngoNkulunkulu: “UNkulunkulu akayena uNkulunkulu wendida.”—1 Korinte 14:33, Revised Standard Version (RS).
Sinombono walawomazwi, ingabe bekungaba uNkulunkulu odale lemfundiso ngaye ngokwakhe edida kangangokuba ngisho nezazi zesiHeberu, zesiGreki, nezesiLatini zihluleke ukuyichaza ngempela?
Ngaphezu kwalokho, ingabe abantu kufanele babe abefundisi ‘ukuze bazi okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso noJesu Kristu amthumileyo’? (Johane 17:3, JB) Ukuba bekunjalo, kungani bembalwa kangaka abaholi benkolo bamaJuda abafundile abaqaphela uJesu njengoMesiya? Kunalokho, abafundi bakhe abathembekile babengabalimi abaphansi, abadobi, abathelisi, nomame bamakhaya. Labobantu abavamile babeqiniseka kakhulu ngalokho uJesu akufundisa ngoNkulunkulu kangangokuthi babekwazi ukukufundisa abanye futhi babezimisele ngisho nokufela inkolelo yabo.—Mathewu 15:1-9; 21:23-32, 43; 23:13-36; Johane 7:45-49; IzEnzo 4:13.
[Isithombe ekhasini 4]
Abafundi bakaJesu babengabantu abaphansi abavamile, bengebona abaholi benkolo