Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 5
  • Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ukuzalwa KukaJesu​—⁠Kuphi, Nini?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Izingelosi Zimemezela Ukuzalwa KukaJesu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Uzalelwa Esitebeleni
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 5

Isahluko 5

Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?

UMBUSI woMbuso wamaRoma, uKesari Awugustu, ushaye umthetho wokuthi wonke umuntu kumelwe abuyele emzini azalwa kuwo ukuze abalwe. Ngakho uJosefa uya endaweni azalelwa kuyo, umuzi waseBetlehema.

Baningi abantu abaseBetlehema ukuze babalwe, futhi okuwukuphela kwendawo yokuhlala uJosefa noMariya abangayithola isitebele. Lapha, lapho kugcinwa khona izimbongolo nezinye izilwane, kulapho uJesu ezalelwa khona. UMariya umsonga ngezindwangu futhi umbeka emkhombeni, indawo yokudla kwezilwane.

Ngokuqinisekile kwakungokuqondisa kukaNkulunkulu ukuba uKesari Awugustu ashaye umthetho wakhe wokubala. Lokhu kwenza kwaba nokwenzeka ngoJesu ukuba azalwe eBetlehema, umuzi owaprofethwa kudala imiBhalo ukuthi wawuyoba indawo yokuzalwa kombusi othenjisiwe.

Yeka ukuthi lobu ubusuku obubaluleke kangakanani! Ngaphandle emadlelweni ukukhanya okukhazimulayo kukhanyisa iqembu labelusi nhlangothi zonke. Kuyinkazimulo kaJehova! Futhi ingelosi kaJehova iyabatshela: “Ningesabi; ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba-kubantu bonke ukuthi nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide. Nalokhu kuyisiboniso kini: niyakufumana umntwana embesiwe, elele emkhombeni.” Masinyane olunye uquqaba lwezingelosi luyabonakala futhi luyahlabelela: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”

Lapho izingelosi zihamba, abelusi bathi komunye nomunye: “Asihambe manje, size sifike eBetlehema, sibone leyonto eyenzekileyo iNkosi esazisile yona.” Bahamba ngokushesha futhi bathola uJesu khona kanye lapho ingelosi ithe bazomthola khona. Lapho abelusi belandisa lokho ingelosi ebatshele khona, bonke abezwa ngakho bayamangala. UMariya ugcina onke lamazwi futhi uyawazisa enhliziyweni yakhe.

Abantu abaningi namuhla bakholelwa ukuthi uJesu wazalwa ngoDecember 25. Kodwa uDecember uyinkathi yemvula, neyamakhaza eBetlehema. Abelusi babengeke babe semadlelweni nemihlambi yabo ebususku ngalesosikhathi sonyaka. Futhi, uKesari waseRoma kwakungenakwenzeka ukuba ayale abantu kakade ababethambekele ekumvukeleni bathathe lolohambo phakathi nobusika ukuze babalwe. Ngokusobala uJesu wazalwa esikhathini esithile ekuqaleni kwekwindla yonyaka. Luka 2:1-20; Mika 5:2.

▪ Kungani uJosefa noMariya beya eBetlehema?

▪ Isiphi isimangaliso esenzeka ngobusuku uJesu azalwa ngabo?

▪ Sazi kanjani ukuthi uJesu akazalwanga ngoDecember 25?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela