Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 23
  • Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Wandisa Inkonzo Yakhe EGalile
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 23

Isahluko 23

Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume

NGESABATHA ngemva kokuba uJesu ebize abafundi bakhe abane bokuqala—uPetru, uAndreya, uJakobe, noJohane—bonke baya esinagogeni lendawo laseKapernawume. Lapho uJesu uqala ukufundisa, futhi abantu bayamangala ngoba ubafundisa njengonegunya kungenjengababhali.

NgaleliSabatha kukhona indoda enedemoni. Ngemva kwesikhashana, imemeza ngezwi elikhulu: “Sinamsebenzi muni nawe-Jesu waseNazaretha? Uzé ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

Idemoni elilawula lendoda eqinisweni lingenye yezingelosi zikaSathane. Ekhuza lelodemoni, uJesu uthi: “Thula, uphume kuye! ”

Nokho, lelidemoni liyayihlukumeza lendoda bese ikhala ngezwi elikhulu. Kodwa liyaphuma kuyo ngaphandle kokuyilimaza. Bonke abantu bayamangala! “Kuyini lokhu?” bebuza. “Nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.” Lezindaba zisakazeka kuyo yonke indawo ezungezile.

Lapho besuka esinagogeni, uJesu nabafundi bakhe baya ekhaya likaSimoni, noma uPetru. Lapho umkhwekazi kaPetru ugula kakhulu ngenxa yomkhuhlane omubi. ‘Siza umsize,’ bencenga. Ngalokho uJesu uya kuye, umbamba ngesandla, amphakamise. Ululama ngaso lesosikhathi futhi uqala ukubalungiselela ukudla!

Kamuva, lapho ilanga selishonile, abantu abavela kuzo zonke izindawo baqala ukuza endlini kaPetru nabagulayo babo. Ngokushesha umuzi wonke ugcwala emnyango! Futhi uJesu uphilisa bonke abagulayo babo, kungakhathaliseki ukuthi baphethwe yini. Ukhulula ngisho nabanamademoni. Njengoba ephuma, amademoni awakhiphayo ayamemeza: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kodwa uJesu uyawakhuza akawavumeli ukuba akhulume ngoba ayazi ukuthi unguKristu. Marku 1:21-34; Luka 4:31-41; Mathewu 8:14-17.

▪ Yini eyenzeka esinagogeni ngeSabatha ngemva kokuba uJesu ebize abafundi bakhe abane?

▪ Uyaphi uJesu ngemva kokusuka esinagogeni, futhi yisiphi isimangaliso asenzayo lapho?

▪ Yini eyenzekayo kamuva ngalobobusuku?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela