Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 23 k. 60-k. 61 isig. 5
  • UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Isinagoge—Indawo UJesu Nabafundi Bakhe Ababeshumayela Kuyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Isizathu Sokuza KukaJesu Emhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 23 k. 60-k. 61 isig. 5
Abantu abagulayo babuthana endlini kaPetru, uJesu uyabelapha

ISAHLUKO 23

UJesu Wenza Imisebenzi Emangalisayo EKapernawume

MATHEWU 8:14-17 MARKU 1:21-34 LUKA 4:31-41

  • UJESU UKHIPHA IDEMONI

  • UMKHWEKAZI KAPETRU UYELASHWA

UJesu umeme abafundi abane—uPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane—ukuba babe abadobi babantu. NgeSabatha, bonke baya esinagogeni lendawo eKapernawume. UJesu uyafundisa esinagogeni, nalapho abantu baphinde bamangale ngenxa yendlela afundisa ngayo. Ufundisa njengonegunya, hhayi njengababhali.

Kuleli Sabatha kukhona indoda enedemoni. Phakathi esinagogeni, le ndoda imemeza ngezwi elikhulu ithi: “Sihlangene ngani nawe Jesu waseNazaretha? Ingabe uzele ukuzosibhubhisa? Ngazi kahle ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu!” Ekhuza leli demoni elilawula le ndoda, uJesu uthi: “Thula, uphume kuye!”—Marku 1:24, 25.

Lapho uzwa lokho, lo moya omubi uphonsa le ndoda phansi, uyidlikize bese umemeza kakhulu. Idemoni liyaphuma kule ndoda kodwa ‘lingayilimazanga.’ (Luka 4:35) Abantu abasesinagogeni bayamangala! Bayabuzana: “Kuyini lokhu?” “Unegunya lokuyala ngisho nemimoya emibi futhi iyamlalela.” (Marku 1:27) Izindaba eziphathelene nalesi senzakalo esimangalisayo, zigcwala kulo lonke elaseGalile futhi kube kufanele.

UJesu nabafundi bakhe bayasuka esinagogeni, baye kubo kaSimoni noma uPetru. Lapho befika bathola umkhwekazi kaPetru egula kakhulu enomkhuhlane omubi. Bancenga uJesu ukuba amsize. Ngakho uJesu uya kuye ambambe ngesandla bese emsukumisa. Uyelapheka ngaso leso sikhathi, bese eqala ukunakekela uJesu nabafundi abakanye naye, mhlawumbe ebalungiselela ukudla.

Lapho sekuzoshona ilanga, abantu abavela kuzo zonke izindawo beza endlini kaPetru nezihlobo zabo ezigulayo. Ngokushesha kubonakala sengathi lonke idolobha selihlangene emnyango. Kungani? Bafuna ukwelashwa. Empeleni, “bonke ababenabantu abagulayo bephethwe izifo ezihlukahlukene babaletha kuye. Wabelapha ngokubeka izandla kumuntu ngamunye.” (Luka 4:40) Noma ngabe baphethwe yini, uJesu uyabasiza, njengoba nje kwakubikezelwe. (Isaya 53:4) Ukhulula ngisho nalabo abanamademoni. Njengoba le mimoya emibi iphuma, iyamemeza ithi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” (Luka 4:41) Kodwa uJesu uyayikhuza, angayivumeli ukuba ikhulume. Iyazi ukuthi uJesu unguKristu, kodwa akafuni ukuba yenze sengathi ikhonza uNkulunkulu weqiniso.

UKUNGENWA YIDEMONI

Lapho idemoni noma amademoni engena kumuntu ayengamenza ahlukumezeke kakhulu. (Mathewu 17:14-18) Kodwa kwakuthi lapho idemoni likhishwa kuye, umuntu elapheke engqondweni nasemzimbeni. UJesu wawabonisa ngokuphindaphindiwe amandla akhe okukhipha amademoni ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu.—Luka 8:39; 11:20.

  • Kwenzekani esinagogeni eKapernawume ngosuku lweSabatha?

  • Lapho uJesu esuka esinagogeni uya kuphi, futhi afike enzeni lapho?

  • Abantu basedolobheni basabela kanjani kulokho uJesu akwenzile?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela