Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Izimangaliso Ezengeziwe EKapernawume
NGESABATHA ngemva kokuba uJesu ebize abafundi bakhe bokuqala abane—uPetru, uAndreya, uJakobe, noJohane—bonke baya esinagogeni lendawo laseKapernawume. Lapho uJesu uqala ukufundisa, futhi abantu bayamangala ngoba ubafundisa njengonegunya kungenjengababhali.
NgaleliSabatha kukhona umuntu onedemoni. Ngokuhamba kwesikhathi, umemeza ngezwi elikhulu: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
Idemoni elilawula lomuntu ngokuqinisekile lingenye yezingelosi zikaSathane. Ekhuza idemoni, uJesu uthi: “Thula, uphume kuye!”
Nokho, idemoni liyamhlukumeza lomuntu bese likhala ngezwi elikhulu. Kodwa liyaphuma kuye ngaphandle kokumlimaza. Wonke umuntu uyamangala! “Kuyini lokhu?” bayabuza. “Nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.” Lezindaba zisakazeka kuyo yonke indawo.
Lapho besuka esinagogeni, uJesu nabafundi bakhe baya ekhaya likaSimoni, noma uPetru. Lapho umkhwekazi kaPetru ugula kakhulu ngenxa yomkhuhlane omubi. ‘Sinxusa ukuba umsize,’ bayamncenga. Ngalokho uJesu uya kuye, umbamba ngesandla, uyamphakamisa. Welulama khona lapho waqala ukubalungisela ukudla!
Kamuva, lapho ilanga selishonile, abantu kuzo zonke izindawo baqala ukuza endlini kaPetru nabagulayo babo. Ngokushesha umuzi wonke ugcwala emnyango! Futhi uJesu uphulukisa bonke abagulayo babo, kungakhathaliseki ukuthi ziyini izifo zabo. Ukhulula ngisho nabaphethwe ngamademoni. Njengoba ephuma, amademoni awakhiphayo ayamemeza: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kodwa uJesu uyawakhuza akawavumeli ukuba akhulume ngoba ayazi ukuthi unguKristu. Marku 1:21-34; Luka 4:31-41; Mathewu 8:14-17.
◆ Yini eyenzeka esinagogeni ngeSabatha ngemva kokuba uJesu ebize abafundi bakhe abane?
◆ Uyaphi uJesu ngemva kokusuka esinagogeni, futhi yisiphi isimangaliso asenzayo lapho?
◆ Yini eyenzekayo kamuva ngalobobusuku?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 9]