Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 26
  • Ekhaya EKapernawume

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ekhaya EKapernawume
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubuyela Ekhaya EKapernawume
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • “Izono Zakho Zithethelelwe”
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isizathu Sokuba Abantu Bagule Futhi Bafe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Isizathu Sokuba Abantu Bagule
    Funda KuMfundisi Omkhulu
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 26

Isahluko 26

Ekhaya EKapernawume

MANJE udumo lukaJesu selusakazeke kuyo yonke indawo, futhi abantu abaningi basuka ezindaweni ezikude beza lapho ehlala khona. Nokho, ngemva kwezinsuku ezimbalwa ubuyela eKapernawume ngasoLwandle LwaseGalile. Ngokushesha izindaba zokuthi usebuyile ekhaya zisakazeka kulo lonke idolobha, futhi abaningi beza endlini akuyo. AbaFarisi nabafundisa uMthetho beza besuka ezindaweni ezikude njengaseJerusalema.

Isixuku sikhulu kangangokuba sivimba umnyango, futhi ayisekho indawo yokuba noma ubani omunye angene. Isimo sesilungele isenzakalo esiphawuleka ngempela. Okwenzeka kulesenzakalo kungokubaluleke kakhulu, ngoba kusisiza ukuba siqonde ukuthi uJesu unamandla okususa imbangela yokuhlupheka komuntu nokubuyisela impilo kubo bonke abakhethayo.

Lapho uJesu esafundisa isixuku, amadoda amane aletha endlini umuntu ofé uhlangothi emthwele ngohlaka. Afuna ukuba uJesu aphulukise umngane wawo, kodwa ngenxa yesixuku, awakwazi ukungena. Yeka indlela okudumaza ngayo! Kodwa awayeki. Agibela ophahleni lwendlu oluyisicaba, avula imbobo kulo, ehlisa uhlaka oluthwele indoda efé uhlangothi luze lufike eduze kukaJesu.

Ingabe uJesu uyathukuthela ngenxa yalokhu kuphazanyiswa? Nakancane! Kunalokho, ukholo lwawo lumhlaba umxhwele. Uthi kofé uhlangothi: “Uthethelelwe izono zakho.” Kodwa ingabe uJesu angazithethelela ngempela izono? Ababhali nabaFarisi abacabangi kanjalo. Bayazindla ezinhliziyweni zabo: “Lo ukhulumelani kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”

Ekwazi abakucabangayo, uJesu uthi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na? Yikuphi okulula ukuthi kofé uhlangothi: Uthethelelwe izono zakho, noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na?”

Khona-ke, uJesu uvumela isixuku, kuhlanganise nabamgxekayo, ukuba sibone isibonakaliso esiphawulekayo esizokwembula ukuthi unegunya lokuthethelela izono emhlabeni nokuthi ngempela ungumuntu omkhulu kunabo bonke abake baba khona. Uphendukela kofé uhlangothi abese eyala: “Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” Ngokushesha wenza kanjalo, ezihambela phambi kwabo bonke ephethe uhlaka lwakhe! Ngokumangala abantu badumisa uNkulunkulu bababaze: “Asizange sikubone okunje”!

Ingabe uphawulile ukuthi uJesu uthinta izono ngokuphathelene nokugula nokuthi ukuthethelelwa kwezono kuhlangene nokuzuza impilo engokomzimba? IBhayibheli lichaza ukuthi umzali wethu wokuqala, uAdamu, wona nokuthi sonke siye sazuza njengefa imiphumela yalesosono, okungukuthi, ukugula nokufa. Kodwa ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyothethelela izono zabo bonke abathanda uNkulunkulu nabamkhonzayo, khona-ke konke ukugula kuyosuswa. Yeka ukuthi lokho kuyoba kuhle kanjani! Marku 2:1-12; Luka 5:17-26; Mathewu 9:1-8; Roma 5:12, 17-19.

▪ Sasiyini isimo sesenzakalo esiphawuleka ngempela?

▪ Ofé uhlangothi wafinyelela kanjani kuJesu?

▪ Kungani sonke siyizoni, kodwa uJesu walinikeza kanjani ithemba lokuthi ukuthethelelwa kwezono zethu nempilo ephelele kungenzeka?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela