Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukubuyela Ekhaya EKapernawume
MANJE udumo lukaJesu selusakazeke kuyo yonke indawo, futhi abantu abaningi basuka ezindaweni ukuza lapho ehlala khona. Nokho, ngemva kwezinsuku ezimbalwa ubuyela eKapernawume ngoLwandle lwaseGalile. Ngokushesha indaba zokuthi ubuyile zigcwala idolobha, futhi abaningi beza endlini akuyo. AbaFarisi nabaBhali beza besuka ezindaweni ezikude njengaseJerusalema.
Isixuku sikhulu kangangokuba sivimba umnyango, futhi akusekho ndawo yokungena. Inkundla ilungiselelwe isenzo esimangalisa ngempela. Okwenzekayo manje kungokubaluleke kakhulu, ngoba kusisiza ukuba siqonde ukuthi uJesu unamandla okususa imbangela yokuhlupheka komuntu nokubuyisela ukuphila kubo bonke abakhethayo.
Ngesikhathi uJesu efundisa isixuku, amadoda amane angenisa ngohlaka umuntu ofé uhlangothi. Bafuna ukuba uJesu aphulukise umngane wabo, kodwa ngenxa yesixuku abakwazi ukungena ngaphakathi. Yeka indlela okujabhisa ngayo! Nokho abayeki. Bagibela ophahleni lwendlu oluyisicaba bayaluqaqa babhola imbobo, behlisa uhlaka olwalunendoda efé uhlangothi luze luyofika ngakuJesu.
Ingabe uJesu kuyamthukuthelisa ukuphazanyiswa? Lutho neze! Kunalokho, ukholo lwabo lumhlaba umxhwele. Uthi kofé uhlangothi: “Uthethelelwe izono zakho.” Kodwa ingabe ngempela uJesu angazithethelela izono? Ababhali nabaFarisi abacabangi kanjalo. Bathi ezinhliziyweni zabo: “Ngubani ongathethelela izono, kungeyena uNkulunkulu yedwa na?”
Eyazi imicabango yabo, uJesu uthi kubo: “Yikuphi okulula ukuthi kofé uhlangothi: Uthethelelwe izono zakho, noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na?” Ngaphandle kokulinda impendulo, uJesu uphendukela kofé uhlangothi futhi uthi: “Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” Ngokushesha wenza kanjalo, ephuma phambi kwabo bonke nohlaka lwakhe! Ngokumangala abantu bathi: “Asizange sikubone okunje!”
Ingabe uyaqaphela ukuthi uJesu ukhuluma ngezono ngokuphathelene nokugula nokuthi ukuthethelelwa kwezono kuhlobene nokuzuza impilo? IBhayibheli lichaza ukuthi umzali wethu wokuqala uAdamu wona nokuthi sonke siye sazuza imiphumela yaleso sono, okungukuthi, ukugula nokufa. Kodwa ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyothethelela izono zabo bonke abathanda uNkulunkulu nabamkhonzayo, futhi ngemva kwalokho kuyosuswa konke ukugula. Yeka ukuthi lokho kuyoba kuhle kanjani! Marku 2:1-12; Luka 5:17-26; Mathewu 9:1-8; Roma 5:12, 17-19.
◆ Ayeyini amalungiselelo esenzo esimangalisa ngempela?
◆ Ofé uhlangothi wafinyelela kanjani kuJesu?
◆ Kungani sonke siyizoni, kodwa uJesu walinikeza kanjani ithemba lokuthi ukuthethelelwa kwezono zethu nokuphila okuphelele okubuyiselwe kuyokwenzeka?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 8]