IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
Isizathu Sokuba Abantu Bagule Futhi Bafe
Akukho muntu ofuna ukugula, aguge futhi afe. Nokho yilokho okwenzekayo. Ngokuqinisekile uNkulunkulu wayengazimisele ukuba kube njalo. Khona-ke kungani abantu begula futhi bafe? Okuthile okwenzeka eminyakeni eyi-1 900 edlule emzini owawuminyene eduze koLwandle lwaseGalile kunikeza impendulo.
UJesu Kristu wayesanda nje kubuyela edolobheni lakubo laseKapernawume. (Marku 2:1; Math. 4:13) Manje wayesedumile, ikakhulukazi ngenxa yesimangaliso sokuphilisa umuntu owayenochoko. (Marku 1:40-45) Ngakho abantu abavela yonke indawo beza bezobona uJesu. Isixuku esikhulu saminyana endlini ayehlala kuyo, njengoba ungazibonela lapha.
Lapho amadoda amane eletha indoda eyayife uhlangothi ilele ohlakeni, ayengakwazi ukungena endlini. Kodwa awaphelelwanga ithemba. Agibela ophahleni lwendlu. Yayiyifulathi, futhi enza imbobo enkulu phezulu. Khona-ke ehlisela phansi endlini uhlaka indoda eyayife uhlangothi eyayilele kulo. Ngokuqinisekile ayekholelwa kakhulu ekuthini uJesu wayengayisiza leyondoda.
Lapho uJesu ebona ukholo olungaka ayenalo, wathi endodeni egulayo: “Izono zakho zithethelelwe.” Lokhu kubonisa ukuthi kunokuhlobana okuthile phakathi kokugula nesono. Ake ucabange ngakho. Lapho indoda yokuqala, uAdamu, yona ngokwephula umthetho kaNkulunkulu, isigwebo saba ukungapheleli nokufa. (Gen. 2:17; 3:19) Ngemva kokona, uAdamu wathola abantwana. Ngakho-ke wadlulisela kubona ukungapheleli nokufa. Lokhu kuyisizathu sokuba abantu baguge, bagule, futhi bafe. Sonke sizuze njengefa isono nokufa kuAdamu.—Jobe 14:4; Roma 5:12.
Kodwa ingabe uJesu angazithethelela ngempela izono? Abanye abantu kulelokamelo eliminyene eKapernawume babengacabangi kanjalo. Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ikuphi okulula ukuthi kofé uhlangothi: Uthethelelwe izono zakho, noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na?” Ngemva kwalokho uJesu watshela indoda ukuba ithathe uhlaka lwayo iye ekhaya. Futhi indoda yakwenza! Yelashwa ngokuphelele!—Marku 2:2-12.
Ake ucabange nje ukuthi lamandla kaJesu angasho ukuthini kithi! Ngaphansi kokubusa kombuso kaNkulunkulu, uKristu uyokwazi ukuthethelela izono zabo bonke abantu abathanda nabakhonza uNkulunkulu. Lokhu kusho ukuthi zonke izinhlungu namahlaba nokugula kuyosuswa. Akukho noyedwa oyoguga futhi afe. Yeka ithemba elimangalisayo lesikhathi esizayo!—IsAm. 21:3, 4.