Isahluko 29
Ukwenza Imisebenzi Emihle NgeSabatha
KUSENTWASAHLOBO ka-31 C.E. Sekudlule izinyanga ezimbalwa kusukela uJesu akhuluma nowesifazane emthonjeni waseSamariya lapho esendleleni esuka eJudiya eya eGalile.
Manje, ngemva kokufundisa kabanzi kulo lonke elaseGalile, uJesu uphinde alibangise eJudiya, lapho eshumayela khona emasinagogeni. Uma kuqhathaniswa nokunakekela elikunikeza inkonzo yakhe yaseGalile, iBhayibheli lisilandisa okuncane ngomsebenzi kaJesu eJudiya phakathi nalokhu kuhambela naphakathi nezinyanga ayelapha ngazo ngemva kwePhasika elidlule. Ngokusobala inkonzo yakhe ayitholanga ukusabela okuhle eJudiya njengoba yakuthola eGalile.
Ngokushesha uJesu uya emzini oyinhloko waseJudiya, iJerusalema, ukuze abe sePhasikeni lika-31 C.E. Lapha, ngaseSangweni Lezimvu lomuzi, kunechibi elibizwa ngokuthi iBethesda, lapho abaningi abagulayo, abayizimpumputhe, abayizinyonga beza khona. Bakholelwa ukuthi abantu bangaphulukiswa ngokungena emanzini alelichibi lapho ezanyazanyiswa.
SekuyiSabatha, futhi echibini uJesu ubona umuntu oseneminyaka engu-38 egula. Njengoba azi ukuthi sekuyisikhathi eside lomuntu ephethwe yilesifo, uJesu uyabuza: “Uyathanda ukusinda na?”
Uphendula uJesu: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.”
UJesu uthi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.” Lapho esho lokho ngokushesha lomuntu uyasinda, uthatha uhlaka lwakhe, futhi uqala ukuhamba!
Kodwa lapho amaJuda embona lomuntu, athi: “Yisabatha, akuvunyiwe uthwale uhlaka.”
Lomuntu uyawaphendula: “Ongiphilisileyo nguyena othé kimi: Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.”
“Ngubani lowomuntu othé kuwe: Thabatha uhlaka lwakho uhambe, na?” ebuza. UJesu usehambile lapho ngenxa yesixuku, futhi lona ophulukisiwe wayengalazi igama likaJesu. Nokho, kamuva uJesu nalomuntu bayahlangana ethempelini, futhi lomuntu uyathola ukuthi ungubani lowo omphulukisile.
Ngakho lomuntu ophulukisiwe uthola amaJuda futhi uwatshela ukuthi uJesu omphilisile. Lapho ezwa lokhu, amaJuda aya kuJesu. Ngasiphi isizathu? Ingabe ukuze ezwe ukuthi ukwazi kanjani ukwenza lezizinto eziyisimangaliso? Cha. Kodwa ukuze ambeke icala ngoba wenza lezizinto ezinhle ngeSabatha. Futhi aqala ngisho nokumshushisa! Luka 4:44; Johane 5:1-16.
▪ Cishe sekudlule isikhathi esingakanani kusukela uJesu agcina ukuhambela eJudiya?
▪ Kungani ichibi elibizwa ngokuthi iBethesda lithandeka kangaka?
▪ Isiphi isimangaliso uJesu asenzayo echibini, futhi amaJuda asabela kanjani?