Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 29 k. 72-k. 73 isig. 8
  • Umuntu Angayenza Yini Imisebenzi Emihle NgeSabatha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umuntu Angayenza Yini Imisebenzi Emihle NgeSabatha?
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwenza Imisebenzi Emihle NgeSabatha
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukwenza Imisebenzi Emihle NgeSabatha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Wayebathanda Abantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Hamba Uyogeza Echibini LaseSilowama”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 29 k. 72-k. 73 isig. 8
UJesu ukhuluma nendoda egulayo ngasechibini laseBhethesda

ISAHLUKO 29

Umuntu Angayenza Yini Imisebenzi Emihle Ngesabatha?

JOHANE 5:1-16

  • UJESU USHUMAYELA EJUDIYA

  • WELAPHA INDODA EGULAYO ECHIBINI

UJesu usefeze okuningi phakathi nenkonzo yakhe yaseGalile. Nokho, lapho ethi “nakwamanye amadolobha kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu,” uJesu akacabangi ngeGalile nje kuphela. Ngakho uyahamba ‘ayoshumayela emasinagogeni aseJudiya.’ (Luka 4:43, 44) Lokhu kunengqondo ngoba sekusentwasahlobo manje, nomkhosi waseJerusalema uyasondela.

Uma siqhathanisa lokho esikufundayo ngenkonzo kaJesu yaseGalile, kuncane kakhulu esikuthola emaVangelini mayelana nalokho akwenza eJudiya. Ngisho noma abantu abaningi eJudiya bengamnaki uJesu, lokho akumenzi ayeke ukushumayela ngenkuthalo nokwenza imisebenzi emihle nomaphi lapho ekhona.

Ngokushesha, uJesu uselibangise enhloko-dolobha yaseJudiya, iJerusalema, ukuze abe sePhasikeni lika-31 C.E. Endaweni ephithizelayo eseduze kweSango Lezimvu, kunechibi elikhulu elizungezwe yizinsika elibizwa ngokuthi yiBhethesda. Abaningi abagulayo, abayizimpumputhe nabakhubazekile beza kuleli chibi. Kungani? Kungenxa yokuthi abaningi bakholelwa ukuthi abantu bangelapheka ngokungena kuleli chibi lapho amanzi alo enyakaziswa.

Manje sekuyiSabatha, uJesu ubona indoda kuleli chibi esigule iminyaka engu-38. UJesu uyayibuza: “Uyafuna yini ukwelapheka?” Le ndoda iyaphendula: “Mnumzane, anginaye umuntu ozongifaka echibini lapho amanzi enyakaziswa, ngithi lapho ngiseza kwehle omunye ngaphambi kwami.”—Johane 5:6, 7.

UJesu usho into okumelwe ukuba iyayimangaza le ndoda nanoma ubani omunye olalele, uthi: “Sukuma! Thatha uhlaka lwakho uhambe.” (Johane 5:8) Yilokho kanye ekwenzayo. Njengoba isilaphekile, le ndoda ithatha uhlaka lwayo ihambe!

AmaJuda akhuluma nendoda eyelashwe uJesu

Esikhundleni sokujabula ngale nto emangalisayo eyenzekile, amaJuda abona le ndoda bese eyayigxeka: “YiSabatha, akukho ngokomthetho ukuba uthwale uhlaka.” Le ndoda iyawaphendula: “Lowo ongelaphile uthe kimi, ‘Thatha uhlaka lwakho uhambe.” (Johane 5:10, 11) Lawo maJuda ayamgxeka umuntu owelapha ngeSabatha.

Afuna ukwazi, “Ubani lowo muntu othe kuwe, ‘Luthathe uhambe’?” Kungani eyibuza lokho le ndoda? Kungenxa yokuthi uJesu “wayengene esixukwini,” futhi le ndoda eyelashiwe yayingalazi igama likaJesu. (Johane 5:12, 13) Kodwa le ndoda izophinde ihlangane noJesu. Kamuva, khona ethempelini, le ndoda ihlangana noJesu bese iyathola ukuthi ungubani lo muntu oyelaphile echibini.

Le ndoda eyelashiwe ihlangana namaJuda abeyibuze imibuzo mayelana nokwelashwa kwayo. Iyawatshela ukuthi nguJesu oyelaphile. Lapho ezwa lokhu, la maJuda aya kuJesu. Ingabe aya kuJesu ngoba efuna ukuthola ukuthi ukwazi kanjani ukwenza lezi zinto ezimangalisayo? Cha. Kunalokho, afuna ukumbeka icala uJesu ngokwenza izinto ezinhle ngeSabatha. Aze aqale ngisho nokumshushisa!

  • Kungani uJesu eya eJudiya, futhi yini asaqhubeka eyenza?

  • Kungani abantu abaningi beya echibini elibizwa ngokuthi iBhethesda?

  • Yisiphi isimangaliso uJesu asenzayo echibini, futhi amanye amaJuda asabela kanjani kulokho okwenzekile?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela