Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukwenza Imisebenzi Emihle NgeSabatha
KUSENTWASAHLOBO ka-31 C.E. Sekudlule izinyanga ezimbalwa uJesu akhuluma nowesifazane emthonjeni waseSamariya lapho ayesendleleni esuka eJudiya eya eGalile.
Manje, ngemva kokufundisa kabanzi lonke elaseGalile, uJesu uphindela eJudiya lapho eshumayela khona emasinagogeni. Uma kuqhathaniswa nokunakekela elikunika inkonzo yakhe yaseGalile, iBhayibheli lisitshela okuncane ngomsebenzi kaJesu eJudiya phakathi nalokhu kuhambela naphakathi nezinyanga ayengazo lapha ngemva kwePhasika elidlule. Ngokusobala inkonzo yakhe ayitholanga ukusabela okuhle eJudiya nje ngoba kwaba njalo eGalile.
Ngokushesha uJesu uya emzini eyinhloko waseJudiya, iJerusalema, ephasikeni lika 31 C.E. Lapha, ngasesangweni lezimvu lomuzi, kunechibi okuthiwa iBethesda, lapho abaningi abagulayo, abayizimpumputhe, abayizinyonga beza khona. Bakholelwa ukuthi abantu bangaphulukiswa ngokungena emanzini echibi lapho ezanyazanyiswa.
SekuyiSabatha, futhi echibini uJesu ubona umuntu eseneminyaka engama-38 egula. Njengoba ebazi ubude besikhathi sokugula kwalomuntu, uJesu uyabuza: “Uyathanda ukusinda na?”
Uyaphendula: “Nkosi, anginamuntu wokungifaka echibini, nxa amanzi ezanyazanyiswa; kuthi ngiseza, kwehle omunye phambi kwami.”
UJesu uthi kuye: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.” Ngalokho ngokushesha lowomuntu uyasinda, uthatha uhlaka lwakhe, futhi uyahamba!
Kodwa lapho amaJuda embona lowomuntu, athi: “Yisabatha, akuvunyelwe uthwale uhlaka.”
Lowomuntu uyawaphendula: “Ongiphilisileyo nguyena othe kimi: Thabatha uhlaka lwakho, uhambe.”
Ayabuza: “Ngubani lowomuntu othe kuwe: Thabatha uhlaka lwakho uhambe, na?” UJesu wayesehambile lapho ngenxa yesixuku, futhi owayephulukisiwe akazange alazi igama likaJesu. Nokho. kamuva uJesu nalowomuntu bahlangana ethempelini, futhi lowomuntu uyathola ukuthi ungubani lowo omphulukisile.
Ngakho lowomuntu ephulukisiwe uthola amaJuda futhi uwatshela ukuthi uJesu omphilisileyo. Lapho ezwa lokhu, amaJuda aya kuJesu. Ngasiphi isizathu? Ingabe ukuze ezwe ukuthi ukwazi kanjani ukwenza lezizinto eziyisimangaliso? Cha. Kodwa ukuze ambeke icala ngoba wenza lezizinto ezinhle ngeSabatha. Futhi baqala ngisho nokumshushisa! Luka 4:44; Johane 5:1-16.
◆ Cishe sekuyisikhathi eside kangakanani uJesu agcina ukuhambela eJudiya?
◆ Kungani ichibi okuthiwa iBethesda lalithandeka kangaka?
◆ Isiphi isimangaliso uJesu asenza echibini, futhi amaJuda asabela kanjani?