Isahluko 54
“Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
USUKU oludlule ngempela beluwusuku lwezigameko. UJesu usuthise ngokuyisimangaliso izinkulungwane wayesebalekela umzamo wabantu wokumbeka inkosi. Ngalobobusuku uhambe phezu koLwandle lwaseGalile olunesivunguvungu; wahlenga uPetru, obeseqala ukucwila lapho ehamba phezu kwamanzi anesivunguvungu esibi; futhi uthulise amagagasi ukuze asindise abafundi bakhe ekuphukelweni umkhumbi.
Manje abantu uJesu abasuthise ngokuyisimangaliso enyakatho-mpumalanga yoLwandle lwaseGalile bamthola eduze neKapernawume futhi bayabuza: “Ufike nini lapha na?” Ebathethisa, uJesu uthi bamfuna ngoba belindele okunye ukudla kwamahhala. Ubakhuthaza ukuba bangasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ukuphila okuphakade. Khona-ke abantu bayabuza: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?”
UJesu ubala umsebenzi owodwa obaluleke kakhulu. “Umsebenzi kaNkulunkulu,” echaza, “yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”
Nokho, labantu abanalukholo kuJesu, naphezu kwazo zonke izimangaliso azenzile. Ngokungakholeki, ngisho nangemva kwazo zonke izinto ezimangalisayo azenzile, bayabuza: “Pho, wenza-sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? Okhokho bethu badla imana ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.”
Ephendula ukucela kwabo isibonakaliso, uJesu ucacisa uMthombo wamalungiselelo ayisimangaliso, ethi: “Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.”
“Nkosi,” kusho labantu, “siphe njalonjalo lesosinkwa.”
“Mina ngiyisinkwa sokuphila,” kuchaza uJesu. “Ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma. Kepha ngithé kini: Ningibonile, nokho anikholwa. Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. Ngokuba ngehlé ezulwini kungengokuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphé khona ngingalahlekelwa-lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe-nokuphila okuphakade.”
Kulokhu amaJuda aqala ukukhononda ngoJesu ngoba ethé, “Ngiyisinkwa esehlé ezulwini.” Uma embona azibonela nje indodana yabazali abangabantu futhi kanjalo amphikisa ngendlela efana neyenziwa ngabantu baseNazaretha, ethi: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: Ngehlé ezulwini, na?”
“Ningakhononi phakathi kwenu,” kuphendula uJesu. “Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Bonke bayakuba-ngabafundiswé nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. Akusikho ukuthi ukhona oké wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.”
Eqhubeka, uJesu uyaphinda: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu badla imana ehlane, bafa. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade.” Yebo, ngokuba nokholo kuJesu, lowo othunywe nguNkulunkulu, abantu bangaba nokuphila okuphakade. Akukho mana, nanoma isiphi esinye isinkwa, esingakunikeza lokho!
Ngokusobala ingxoxo ngesinkwa esivela ezulwini yaqala ngokushesha ngemva kokuba abantu betholé uJesu ngaseKapernawume. Kodwa iyaqhubeka, ifinyelela umvuthwandaba kamuva lapho uJesu efundisa esinagogeni eKapernawume. Johane 6:25-51,59; IHubo 78:24; Isaya 54:13; Mathewu 13:55-57.
▪ Iziphi izenzakalo ezandulela ingxoxo kaJesu ngesinkwa esivela ezulwini?
▪ Ngenxa yalokho uJesu asanda kukwenza, kungani ukucela isibonakaliso kungafanelekile kangaka?
▪ Kungani amaJuda ekhononda ngokusho kukaJesu ukuthi uyisinkwa soqobo esivela ezulwini?
▪ Yenzeka kuphi ingxoxo ngesinkwa esivela ezulwini?