Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu—“Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
BEKUWUSUKU lwezigameko ngempela. UJesu wondla ngokuyisimangaliso izinkulungwane ngemva kwalokho wabalekela umzamo wabantu wokumenza inkosi. Ngalobobusuku wadabula ngezinyawo olwandle lwaseGalile olunezivunguvungu; wahlenga uPetru, owayeseqala ukuminza lapho ehamba phezu kwamanzi anesivunguvungu esibi; futhi wathulisa amagagasi ukuze asindise abafundi bakhe ekuphahlazekeni komkhumbi.
Ngakusasa abantu uJesu ayebondle ngokuyisimangaliso empumalanga-nyakatho yolwandle lwaseGalile bamthola eduze neKapernawume. Ebathethisa, uJesu uthi bamfuna ngoba bebheke okunye ukudla kwamahhala. Ubakhuthaza ukuba bangasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala njalo kuze kube ngukuphila okuphakade. Khona-ke abantu bayabuza: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?”
UJesu ubala umsebenzi owodwa obaluleke kakhulu. Uyachaza: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”
Nokho, abantu ababi nokholo kuJesu, naphezu kwazo zonke izimangaliso azenzileyo. Ngayizolo, wayondle ngokuyisimangaliso amadoda ayizi-5 000, kanye nabesifazane nezingane, futhi-ke manje, ngokungakholelwa, bayabuza: “Pho, wenza-sibonakaliso sini ukuba sibone, sikholwe nguwe, na? Usebenzani na? Okhokho bethu badla imana ehlane njengokulotshiweyo ukuthi: Wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.”
Ekuphenduleni isicelo sabo sesibonakaliso, uJesu wenza uMthombo wamalungiselelo ayisimangaliso ukhanye, ethi: “Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini. Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, olipha izwe ukuphila.”
Abantu bathi, “Nkosi, siphe njalonjalo lesosinkwa.”
UJesu uyachaza, “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yini kasoze oma. Kepha ngithé kini: Ningibonile, nokho anikholwa. Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle. Ngokuba ngehlé ezulwini kungengukuba ngenze intando yami, kodwa ukuba ngenze intando yongithumileyo. Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphé khona ngingalahlekelwa-lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela. Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe-nokuphila okuphakade.”
Ngalokhu amaJuda aqala ukukhonona ngoJesu ngoba uthé, “Ngiyisinkwa esehlé ezulwini.” Awaboni lutho kuye ngaphandle kokuba indodana yabazali abangabantu futhi bamphikisa ngendlela efanayo neyabantu baseNazaretha: “Lona akusiye uJesu indodana kaJosefa, uyise nonina sibazi na? Usesho kanjani, pho, ukuthi: Ngehlé ezulwini, na?”
UJesu uyaphendula, “Ningakhononi phakathi kwenu. Akakho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonsi; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela. Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Bonke bayakuba-ngabafundiswé nguNkulunkulu. Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi. Akusikho ukuthi ukhona oké wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.”
Eqhubeka, uJesu uyaphinda: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu badla imana ehlane, bafa. Lesi siyisinkwa esehla ezulwini ukuba umuntu adle kuso, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesisinkwa, uyakuphila phakade.” Yebo, ngokuba nokholo kuJesu, othunywe nguNkulunkulu, abantu bangaba nokuphila okuphakade. Ayikho imana, noma esinye isinkwa esinjalo, esingalungiselela lokho!
Ngokusobala ingxoxo ngesinkwa esivela ezulwini yaqala ngokushesha ngemva kokuba abantu betholé uJesu ngaseKapernawume. Kodwa yaqhubeka, yafinyelela umvuthwandaba kamuva ngesikhathi uJesu efundisa esinagogeni eKapernawume. Johane 6:26-51, 59; IHubo 78:24; Isaya 54:13; Mathewu 13:55-57.
◆ Iziphi izenzakalo ezandulela ingxoxo kaJesu ngesinkwa esivela ezulwini?
◆ Ngokucabangela lokho uJesu asanda kukwenza, kungani isicelo sesibonakaliso singafanelekile kangaka?
◆ Kungani amaJuda ekhonona ngenkulumo kaJesu yokuthi uyisinkwa soqobo esivela ezulwini?
◆ Yenzeka kuphi ingxoxo ngesinkwa esivela ezulwini?