Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w14 6/1 kk. 7-9
  • Ingabe Ususinambithile Isinkwa Sokuphila?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ususinambithile Isinkwa Sokuphila?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISINKWA ESISEKELA INHLIZIYO YOMUNTU OFAYO
  • ISINKWA SOKUPHILA
  • “Isinkwa Sethu Semihla Ngemihla”
    I-Phaphama!—1992
  • “Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu—“Isinkwa Soqobo Esivela Ezulwini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu​​—⁠‘Isinkwa Sokuphila’
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
w14 6/1 kk. 7-9
Ubaba ongumIsrayeli nezingane zakhe bahlephula isinkwa

Ingabe Ususinambithile Isinkwa Sokuphila?

IZIVAKASHI zase zifile indlala. Ukuvakashela izindawo zomlando zomuzi omdala waseBethlehem kwazenza zalamba, futhi zazifuna ukudla kwendawo. Esinye sazo sabona indawo lapho kudayiswa khona i-falafel​—inhlanganisela kabhontshisi omnandi, utamatisi, u-anyanisi neminye imifino edliwa nesinkwa esiyindilinga. Lesi sidlo esiconsisa amathe sazinika umdlandla wokuba ziqhubeke nokubuka indawo.

Nakuba zazingazi lezi zivakashi, leso sinkwa ezasidla cishe sasiwumlando ozidlula kude lé izindawo zomlando ezazibona ngalolo suku. Igama elithi Bethlehem lisho ukuthi “Indlu Yesinkwa,” futhi sekuyizinkulungwane zeminyaka kubhakwa isinkwa kule ndawo. (Ruthe 1:22; 2:14) Namuhla isinkwa esiyindilinga siyisinkwa esidliwa kakhulu eBethlehem.

Eminyakeni ecishe ibe yizinkulungwane ezine eyedlule, endaweni engaqhelile kakhulu neningizimu yeBetlehema, inkosikazi ka-Abrahama, uSara, yabhakela izivakashi ezintathu ezazingalindelwe “amaqebelengwane ayizindilinga.” (Genesise 18:6) ‘Ufulawa ocolekileyo’ owasetshenziswa uSara kungenzeka wawenziwe ngokolweni we-emmer noma ngebhali. Kwadingeka enze lesi sinkwa ngokushesha futhi kungenzeka wasibhaka ematsheni ashisayo.​—1 AmaKhosi 19:6.

Umndeni ka-Abrahama wawuzibhakela isinkwa njengoba lokhu kulandisa kubonisa. Ngenxa yokuthi babehambe behlala, uSara nezinceku zakhe babengeke bakwazi ukubhaka isinkwa kohhavini ababevame ukusetshenziswa e-Uri, umuzi uSara azalelwa kuwo. Ufulawa ocolekile wayewenza ngokusanhlamvu kwasendaweni. Lona kwakuwumsebenzi okhandlayo owawenziwa ngetshe lokugaya kanye nesigqulo nesigxisho.

Ngemva kwamakhulu amane eminyaka, uMthetho kaMose wakwenqabela ukuthatha itshe lokugaya njengesibambiso, ngenxa yokuthi ‘laliwukuphila’ komuntu. (Duteronomi 24:6) UNkulunkulu wayebheka itshe lokugaya njengelibaluleke kakhulu ngoba ngaphandle kwalo umndeni wawungeke ukwazi ukwenza isinkwa sansuku zonke.​—Bheka ibhokisi elithi “Ukugaya Nokubhaka Kwansuku Zonke Ngezikhathi ZeBhayibheli.”

ISINKWA ESISEKELA INHLIZIYO YOMUNTU OFAYO

ImiBhalo ikhuluma ngesinkwa izikhathi ezingaba ngu-350, futhi abalobi beBhayibheli babevame ukusebenzisa igama elithi isinkwa lapho bekhuluma ngokudla. UJesu wabonisa ukuthi labo abakhonza uNkulunkulu bangathandaza ngokuqiniseka bathi: “Siphe namuhla isinkwa sethu salolu suku.” (Mathewu 6:11) Lapha, “isinkwa” sibhekisela ekudleni, futhi uJesu ubonisa ukuthi singathembela kuNkulunkulu ukuze asinike ukudla kwansuku zonke.​—IHubo 37:25.

Nokho, kunokuthile okubaluleke kakhulu ukwedlula isinkwa noma ukudla. UJesu wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Mathewu 4:4) La mazwi ayebhekisela esikhathini lapho ama-Israyeli ayethembele khona ngokuphelele ekondliweni uNkulunkulu. Lokhu kwaqala ngemva nje kokuba ephumile eGibhithe. Kwase kuphele inyanga efikile Ogwadule LwaseSinayi futhi ukudla kwase kuphela. Ethuswe ukucabanga ukuthi azobulawa indlala kulelo hlane eliwugwadule, akhononda: “Sasidla isinkwa size saneliseke” eGibhithe.​—Eksodusi 16:​1-3.

Ngokungangabazeki, isinkwa saseGibhithe sasimnandi. Ngesikhathi sikaMose, ababhaki babebhakela abaseGibhithe inqwaba yezinkwa namakhekhe. Kodwa uJehova wayengahlosile ukushiya abantu bakhe bengenasinkwa sanoma yiluphi uhlobo. Wathembisa: “Bheka ngininisela isinkwa esivela emazulwini.” Ngempela, lesi sinkwa esivela ezulwini sasivela entathakusa, “into ecolekileyo eyizingcwecwana” eyayibukeka njengamazolo. Lapho ama-Israyeli eyibona okokuqala abuza: “Kuyini lokhu?” UMose waphendula: “Yisinkwa uJehova aniphe sona ukuba sibe ukudla.” Asibiza ngokuthi imana,a futhi lesi sinkwa sawondla iminyaka engu-40 eyalandela.​—Eksodusi 16:​4, 13-15, 31.

Ama-Israyeli acosha imana, isinkwa esivela ezulwini

Kumelwe ukuba ekuqaleni ama-Israyeli ayithokozela kakhulu le mana ayeyithola ngokuyisimangaliso. Yayinambitheka ‘njengamaqebelengwane ayisicaba anoju’ futhi kwakunenqwaba eyayenela wonke umuntu. (Eksodusi 16:18) Kodwa njengoba isikhathi siqhubeka, aqala ukukhumbula izinhlobonhlobo zokudla ayekudla eGibhithe. Kamuva ama-Israyeli abubula athi, “amehlo ethu awaboni lutho ngaphandle kwaleli mana.” (Numeri 11:6) Kamuva athukuthela: “Umphefumulo wethu usuyasenyanya lesi sinkwa esidelelekile.” (Numeri 21:5) “Isinkwa esivela ezulwini” sasesinyanyeka kuwo.​—IHubo 105:40.

ISINKWA SOKUPHILA

Ngokusobala, isinkwa, njengezinye izinto eziningi, singase sithathwe kalula. Kodwa iBhayibheli likhuluma ngohlobo lwesinkwa esikhethekile okungafanele nanini sibukelwe phansi. Lesi sinkwa, uJesu asiqhathanisa nemana eyenqatshwa ama-Israyeli angabongi, singasinika izinzuzo zaphakade.

UJesu watshela izilaleli zakhe: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Okhokho benu balidla imana ehlane kodwa nokho bafa. Yilesi isinkwa esehla ezulwini, ukuze sidliwe yinoma ubani, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade; futhi, ngempela isinkwa engizosinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.”​—Johane 6:​48-51.

Izilaleli eziningi zikaJesu azizange zikuqonde ukusebenzisa kwakhe ngendlela engokomfanekiso igama elithi ‘isinkwa’ nelithi ‘inyama.’ Nokho, lo mfanekiso wawufaneleka kahle. Isinkwa esingokoqobo sasinika amaJuda amandla ayewadinga nsuku zonke njengoba nemana yanikeza ama-Israyeli amandla okuqhubeka ephila iminyaka engu-40 ehlane. Nakuba imana laliyisipho esivela kuNkulunkulu, lalingabaniki abantu ukuphila okuphakade. Ngakolunye uhlangothi, umhlatshelo kaJesu unikeza labo ababonisa ukholo kuye ukuphila okuphakade. Ngempela ‘uyisinkwa sokuphila.’

Mhlawumbe lapho ulambile uye udle isinkwa. Ungase futhi umbonge uNkulunkulu ‘ngesinkwa sakho semihla ngemihla.’ (Mathewu 6:​11, IBhayibheli LesiZulu Elivamile) Nakuba sisazisa isinkwa esingokoqobo, kwangathi singelokothe sikukhohlwe ukubaluleka ‘kwesinkwa sokuphila,’ uJesu Kristu.

Singabonisa kanjani ukuthi ngokungafani nama-Israyeli angabongi angosuku lukaMose, siyasazisa lesi sinkwa esibaluleke kangaka? UJesu wathi: “Uma ningithanda, niyogcina imiyalo yami.” (Johane 14:15) Ngokulalela imithetho kaJesu siyoba sethubeni lokuzitika ngesinkwa kuze kube phakade.​—Duteronomi 12:7.

a Igama elithi “imana” cishe livela enkulumweni yesiHebheru ethi “man hu’?” esho ukuthi “kuyini lokhu?”

Ukugaya Nokubhaka Kwansuku Zonke Ngezikhathi ZeBhayibheli

Owesifazane ugaya ufulawa ngesandla

Ukugaya ufulawa. Ngokuvamile, abesifazane babegaya ufulawa ngesandla, okungeminye yemisebenzi ababeyenza njalo ekuseni. (IzAga 31:15; Mathewu 24:41) Ngezinsuku zezinzalamizi, abantu babevame ukutshala ukolweni we-emmer, owawukhiqiza okusanhlamvu okwakungahlukani kalula namakhoba. Lokhu kwakwenza umsebenzi ube nzima, kwakudingeka ukuba okusanhlamvu kugxishwe esigxishweni noma kugaywe ngetshe lokugaya. Okokuqala, ukolweni kwakufanele umanziswe, ugxishwe bese wonyiswa elangeni. Wawube usuhlungwa ngaphambi kokuba ugaywe futhi.

Ukugaya ufulawa ozokwanela umndeni wonke kwakungathatha amahora, futhi ngezikhathi zeBhayibheli kwakujwayelekile ukuba kuzwakale “umsindo wetshe lokugaya.” (Jeremiya 25:10) Izigayo ezinkulu ezazidonswa izilwane zazisetshenziswa yilabo ababegaya ufulawa omningi ezindaweni zokugaya, hhayi amakhosikazi ekhaya.​—Mathewu 18:6.

Owesifazane ubhaka isinkwa ngohhavini omncane

Ukubhaka isinkwa. Ukubhaka kwakungomunye umsebenzi owawenziwa nsuku zonke. Inkosikazi yayihlanganisa ufulawa namanzi, ixove leyo nhlama, bese ibhaka isinkwa. (Genesise 18:6) Abanye abantu babevele babhake isinkwa ematsheni ashisayo; abanye babesebenzisa ohhavini abancane. (Levitikusi 2:4; Isaya 44:15) Izinkwa zabantu abavelele njengoFaro, zazibhakwa ababhaki abachwepheshile, kodwa eminyakeni eyalandela ngisho nabantu abavamile base besithenga isinkwa. (Genesise 40:17; 1 Samuweli 8:13; Isaya 55:2) EJerusalema kwakukhona ‘isitaladi sababhaki’ ngezinsuku zikaJeremiya, futhi kwakukhona umbhoshongo obizwa ngokuthi ‘uMbhoshongo Wohhavini’ ngesikhathi sikaNehemiya.​—Jeremiya 37:21; Nehemiya 12:38.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela